Monday, December 14, 2015

Lisenethini - Kuthakandize"umfana kagogo"

Injini yeqembu lesizwe labangaphansi kweminyaka engu23 uSphelele Ntshangase uthi ujabule njengengane ibona amaswidi kwazise amabombho abheke emidlalweni yama Olympics engonyakabozayo edolobheni elibizwa nge Rio de Janeiro kwelase Brazil.

UNtshangase nobuye ayihlikihle kuBafana Bafana naku Black Leopard ubekhuluma me NPG Newsblog eseSenegal nalapha bebeqeda kushaya kabuhlungu yona iSenegal nebingosokhaya balemidlalo nalapha ishaywe NGO 3-1 sekukhahlelwa amaphenathi nokuthe uFebruary ongunozinti we south Africa waxhakathisa amathathu.

Lomphhumela ubeke iSouth Africa endaweni yesithathu ilandele iAlgeria ne Nigeria kwabaya kuma Olympics

Kuphinde kwashintsha umshovo kwesikangqongqoshe wezezimali

UMnu David van Rooyen Ubesabeke isinqa esisodwa wathi esebeka esesibili kwathiwa engabe esahlala akadedele uMnu Paving Gordhan esikhundleni sokuba ngungqongqoshe wezezimali kukhabinethi kazwelonke.

UMnu van Rooyen ususwa nje kulesikhundla ubesabezinsuku ezine eqokiwe emva kokususwa isigubhukane kukaMnu Nhlanhla Nene obephethe lomnyango nobese egixabezwa ngesinye isikhundla ebhange lamazwe angaphansi kwe Brics.

Inkonyane izobe ingathuki sidings Ku Mnu Pavin Gordhan kwazise uyena obeqhoqhobele lesikhundla ngehlandla lokuqala Lima Mnu Jacob Zuma kwesobungameli bezwe.

Friday, December 11, 2015

Izindaba zomphakathi - ugwetshiwe owabulala wahlinza ingane eNcotshane

Inkantolo yesifunda sasoPhongola igwetshwe udilikajele neminyaka engu 20 ngaphezulu uSbongiseni Magagula ngamacala amane okungelokubulala amabili okuthumba nelilodwa lokuzama ukubulala.

Lendoda ilahlwe ngamacala abandakanya elokulawa komfanyana waseNcotshane uLungisani Ntuli nokwatholakala izicubu zesidumbu zakhe esontweni laseNcotshane ngonyaka odluke.

Thursday, December 10, 2015

Izindaba zomphakathi - kuzophuma isigwebo ngolahlwe ngamacala ezicubu zamfanyana wasencotshane

Sizokhishwa kusasa isigwebo mayelana nesigameko sokutholakala kwezicubu zomzimba zomfanyana waseNcotshane esenzeka ngonyaka ophelile.

Indoda engu Sbongiseni Magagula nebivele namuhla enkantolo yesifunda oPhongolo izogwetshwa kusasa ngamacala amane ebekwe wona okungawokuthumba amabili elokuzama ukubulala nelokubulala umfanyana ongu Lungisani Ntuli nokwatholakala izicubu zomzimba wakhe  esontweni elisencotshane kusigceme sakwa B ngo Ntulikazi wangonyaka odlule.

Lesigameko nesazamazamisa izwe nalapho kwaboshwa kwabuya kwadedelwa uMfundisi walelisonto ngenxa yobufakazi obungahlangananga. Umphakathi wavuka umbhejazana washisa isonto wabuya wayothungela amahhovisi kandabazabantu Khona encotshane.

Wednesday, December 9, 2015

Lisenethi - Ayamfimfa amathuba okuya e Rio kuma Glug glug

Aya ngokuba luvindi amathuba eqembu lebhola lezinyawo labeminyaka engaphansi kuka 23 okuyomela izwe emidlalweni yama Olympics ezodlalelwa ezweni laseBrazil kudolobha elibizwa nge Rio de Janeiro.

Abafana Baka Owen Da Gama bashaywe kabuhlungu yizwe lase Algeria NGO 2-0 emdlalweni owandulela owamanqamu izolo ebusuku eSenegal nalapha kuqhubeka khona umidlali ye CAF 8 nations tournament.

Amaglug glug nabophele umfana wasoPhongolo uSphelele 'Mfanakagogo' Ntshangase azolwela ukufa nokuphila emdlalweni wokubanga indawo yesithathu nalapha bezogijimisana nezwe laseSenegal nelingosokhaya elishaywe kabuhlungu yi Nigeria ngo1-0 komunye umdlalo owandulela owamanqamu khona izolo ntambama. Kulindeleke lomdlalo ube ngowamagqubu kwazise lamazwe azobe edibana okwesibili kulomqhudelwano walonyaka njengoba kwaba yiwona avula lomqhudelwano nosekungumlando ukuthi kwanqoba iSenegal ngo 3-1.

Sunday, December 6, 2015

sekuphinde kwagadla ukufa Emzini wezinsizwa

Singakalaleli noqweqwe isilonda esivuleke kushona uRonald Mqwebu owayedlala indawo kaMkhize emdlalweni wamahlaya owawubizwa ngokuthi kuseMzini wezinsizwa sekuphinde kwadlula olunye uqweqwe lomlingisi walomdlalo uMnu Shadreck Bhekinkosi Ngema owayedlalà indawo yenyanga eyayibizwa ngoMagubane.

UMadlokovu nowayengumsakazi webhola emsakazweni uKhozi fm udlule emhlabeni ngokusa kwanamuhla emva kokugula isikhashana. Imininingwane yokufihlwa nesikhumbuzo sakhe ibingakacaci.

UNgema uzokhumbuleka ngegalelo alibambile emidlalweni yemoya kwazise ubebuye adlale nakuyo imidlalo yomoya yomsakazo uKhozi fm.

Friday, December 4, 2015

Lisenethini - aseyibukà buqamama iRio amagluglu

Iqembu lakuleli labangaphansi kweminyaka engu 23 lizenzele umthwalo olula ngesikhathi libhaxabula iqembu lase Tunisia sekuvalwe amehlo ngegoli likaMenzi Masuku
Nelingene usiyophela umdlalo nelenze kwaba u1-0.

Lomphumela uthathe abafana Baka Owen Da Gama wayobathi qithi kumdlalo eyandulela eyamanqamu kwazise alale endaweni yesibili ngamaphuzu ayisithupha kwathi iSenegal yaqwakela ngamaphuzu ayisishiyagalolunye kwazise inqobe yonke imidlalo kuqoqo layo kulemidlalo ye CAF 8 Nations edlalelwa kwelaseSenegal.

Amagluglu azodlala nozoba sesicongweni seqowo lesibili nokuzothi amazwe amathathu azosala kulemidlalo alibangise eBrazil kuma Olympics ngonyaka ozayo.

Tuesday, December 1, 2015

Current Location,Clouds and sun,17°~28°Humidity:48%,Wind Speed:3.1m/s,UV:Moderate http://goo.gl/IgxjJu

lisenethini - Azibeke ethubeni elingcono ama glug glug

Sihalalisela iqembu lase Mzansi labaneminyaka engaphansi kuka 23 emqhudelwaneni we CAF U23 AFCON 2015 ngokuguqisa iqembu lase lase Zambia ngamagoli ama 3 kwamabili. Lamagoli ashaywe Masuku no Motupa amabili kwathi aweZambia wona ashaywa uLuchanga no Katema. Lokhu kubeka ezaseMzansi ethubeni lokuqhubekela esigabeni esilandelayo salomqhudelwano. Uma nje bezowina futhi emdlalweni olandelayo

lisenethini - Azibeke ethubeni elingcono ama glug glug

Sihalalisela iqembu lase Mzansi labaneminyaka engaphansi kuka 23 emqhudelwaneni we CAF U23 AFCON 2015 ngokuguqisa iqembu lase lase Zambia ngamagoli ama 3 kwamabili. Lamagoli ashaywe Masuku no Motupa amabili kwathi aweZambia wona ashaywa uLuchanga no Katema. Lokhu kubeka ezaseMzansi ethubeni lokuqhubekela esigabeni esilandelayo salomqhudelwano. Uma nje bezowina futhi emdlalweni olandelayo

Umdlalo olandelayo uzodlala mhla zingu 4 December neqembu lase Tunisia


NPG News

Monday, November 30, 2015

Owavundulula ikhono likaDeco uthi uzobe engcwaba kwasani kuFaya Soccer Challenge

UMnuz Kaizer Dladla ongumsunguli weqembu leCitizen nelaziwa ngokuvundulula ikhono kubadlali abaningi abagijima Ku PSL Baku NFD uthi uzobe engazele kusinisa amahleza kumqhudelwano obizwa ngeFaya Soccer Challenge nowasungulwa nguMnu Lindelihle Faya Zikalala nobuye abe kuthimba le NPG newsblog.

Lomqhudelwano ozobe udlalelwa endaweni yaseQwasha okuyindawo esezinzulwini zendawo yaseMahlabathini ngaphansi kwesigceme seshumi nesikhombisa phecelezi ward 17 neliphethwe ngukhansela uJomo Ngema nobekhona ngesikhathi kuqhathwa lamaqembu.

UKaizer uthe usewumbile umgodi wokugcwaba iqembu lokuqala adonswe nalo okuyi Young Stars nalapho ethembise Khona ukuthi uzobe ephethe izinti zokuvungula kwazise uzobe ezidlela nje kukho konke azobe edibana nakho.

UmfokaMgabadeli ubekhuluma ngesikhathi kuqhathwa amaqembu ayishumbi nesithupha esikoleni kwaNomzimane ngesonto lomhlaka 29 kuLwezi.

Lomqhudelwano ozungeza izindawo kwazise uke wabanjelwa egoli kanjalo nasoPhongolo kulindeleke ukuba ushise kusukela uqala ngomhlaka 12 kuZibandlela uze uyophethwa ngomhlaka 19 kuye uZibandlela.

Asewonke amaqembu aqhathwe kanje ngokwamabhodwe omkhumalajezi.

Pot A

Chelsea vs Green Mamba,
Young Chiefs vs Star Action
Young Stars vs Citizen,
Mphothi Rovers vs Democracy.

Pot B

All Blacks vs AmaRok
Talented vs Mbudle City
FC Barcelona vs Form Five
PK Stars vs Cosmos.

Lomqhudelwano uyayikazela yimiklomelo econsisa amathe kubadlali nakanjalo kubalandeli. Ngeke igcine enkundleni kuphela kodwa izobuye ilule isandla nasemphakathini.

URonaldo ujamelene nabeBarcelona ku Ballon D 'or yakulonyaka

Umdlali we Real Madrid nothathwa njengomunye
ophambili emhlabeni uChristian Ronaldo uzodlana imilala nezinsizwa ezimbili ezigijima eqenjini eliyizimbangi ezinkulu zeMadrid okuyiBarcelona.

URonaldo uzoncintisana noLionel Messi kanjalo no Neymar emncintiswaneni womdlali ovelele emhlabeni phecelezi Balloon D 'Or. Lomklomelo olokhu ushintsha izandla zabadlali ababili okungu Ronaldo noMessi kulindeleke ukuba kubonakale ukuthi kube ubani inkunzi kulonyaka kwazise uMessi usize iqembu lakhe leBacerlona ladla isicoco se Champions league ngeseason edlule ebambisane noNeymar.

Okuqaphelekayo kubona bobabthathu bahluleke bancama ukusiza amaqembu about esizwe ukuba awine I world cup ebidlalelwa eBrazil ngonyaka ofile.

Sunday, November 29, 2015

Lisenethini ne NPG newsblog

Sibheka umdlalo we Orlando Pirates ne Etoille du Sahel okuyi Final ye Confederations cup onamuhla eTunisia,

Ibhakaniya lingakwazi ukuwina uma lizoba nomqondo wokuthi indlela yokuvimba izitha ukuzihlasela.

Asikho isidingo sokudlalela emumva ngoba into edingekayo ukushaya amagoli.


Ukubuyekeza umdlalo

Sihalalisela iqembu lakuleli iOrlando Pirates ngokudlala ize ifike kowamanqamu. Naningi amaqembu asale endleleni kubalwa namanye okungasiwo awase Mzansi. Siphinde sihalalisele iqembu lase Tunisia ngokuhlabana ngendondo yeGolide kulo owe CAF,

Saturday, November 28, 2015

Ukudla koMphefumulo no Mphostoli uMandla Masango

Phakamisa uJesu konke kuzolunga

UJesu uthi encwadini Ku- John 3:14 Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa
15 ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo abe nokuphila okuphakade.                        

La uJesu usikhombisa isixazululo esikhona kulo lelizwe esiphila kulo nakuzo zonke izimo esidibana nazo imihla ngemihla. Isixazululo nje kukho konke ukuthi siphakamise uJesu ngaphezu kwezimo esibhekene nazo. uNkulunkulu wanikeza uMose amandla okukhipha u-Israel eGibhithe ebase eKhenani, kodwa indlela yokuya eKhenani yayidlula ehlane elibi ngoba lalinezinyoka ezinesihlungu. Abanye bafela endleleni ngenxa yokulunywa yizinyoka. UNkulunkulu wathi mayekubona lokho wathi kuMose: “Zenzele inyoka enesihlungu, uyibeke ensikeni; kuyakuthi yilowo nalowo olunywayo, lapho eyibheka, uyakusinda.”
UMose wenza inyoka yethusi, wayibeka ensikeni; ukuze kuthi lapho inyoka imlumile umuntu, uma ebeyibheka inyoka yethusi, wosinda. (Bona Ku-Numbers 21:8-9).

UJesu uziveza njengenyoka yethusi naye kulesisikhathi esiphila kuso. Okushukuthi noma ngabe yini ekuphazamisayo noma ekuhluphayo empilweni yakho, phakamisela amehlo akho kuJesu, zonke izimo azizukuba namadla phezu kwakho. Nokufa akunamandla uma uphakamisela amehlo akho kuJesu futhi ubeka ithemba lakho kuye. Beka uJesu phambili kuzo zonke izinto ozenzayo ukuze kube nempumelelo. Akukho okungakwehlula uma ubeka uJesu phambili kuzo zonke izinto ozenzayo. Noma ngabe abantu bathi Akwenzeki kodwa wena kumele wazi ukuthi, "Okungenzeki ngokwabantu, kuNkulunkulu kuyenzeka" (Bona Ku-Luke 18:27).
Empeleni kuya ngokuthi wena uphakamise ubani. Uma uphakamise izinkinga obhekene nazo esikhundleni sokuba uphakamise uJesu, izinkinga zizoba namandla okuba zihlale zikhona. Phakamisa uJesu, konke okumelene nawe kuzothoba. Nguwena kuphela ophethe ukhiye wayo yonke iminyango okumele uyingene empilweni. UJesu uthi kuwe namuhla, 'Njengalokhu uMose aphakamisa inyoka ehlane, kanjalo umele ukuba umphakamise naye'. Phakamisa yena konke kuzolunga, Amen!

Thursday, November 26, 2015

Sinethulela umhlaziyi wezemidlalo uMelusi Malinga ohlelweni esilubiza ngokuthi Lisethini ne NPG newsblog

Ohlweleni olusha nesilubiza ngokuthi "Lisenethini ne NPG newsblog" sinethulela umhlaziyi webhola likanobhutshuzwayo uMelusi Malinga.
Ngabe ungubani uMelusi
Lensizwa engu igama layo lempela nguMelusi Malinga wasendaweni yakwaShoba oPongolo, yaqala ukudlala ibhola njengonozinti eqembini elibizwa ngePongola Black Tigers ngonyaka ka 1997. Nokwathi nginyaka ka 1999 kuya ku2001 yaba seqenjini elalimela yPhongoli kumiqhudelwano ehlukahlukene kugakwa neyakwaNaloga.
Nokwathi ngonyaka ka 2004 kuya Ku 2005 yayiseqenjini le Lamontville Golden Arrows ingunozinti eqenjini lesibili labafana besithende phecelezi Reserve team.
Thokozela lensizwa njalo ngolwesihlanu nangomsombuluko lapha izobe ihlaziya iphinde ibuyekeze imidlalo ezobe idlalwa oPhongolo, ezweni lonke kanjalo nasemhlabeni wonke jikelele
Halakashaaaa lisenethini ne NPG newsblog

Thola ezobumnandi zaseMpumalanga namaPhethelo no Dj Sbali ku gig with us

INPG Newsblog inethulela umethuli wengosi ebizwa nge Gig guard in Mpumalanga ezobe ithulwa ngu Andrew Mathebula odume ngo Dj Sbali.

Ngabe ungubani uDj Sbali
Insizwa yaseyase Nelpruit eMpumalanga Province inguDj, unhleli wemicimbi, unenkampani yokuwopha umculo ebizwa nge Sbali Records bese iba ngumethuli wemicimbi yobumnandi kuma Radio Stations amaningi eMpumalanga Province.

Welcome Sbali let the party begin!!!!!!!!!!!

Tuesday, November 24, 2015

Usinde ngokulambisa uMatoho ebanjwa inkunzi

Imibiko ye phephandaba lezemidlalo ikick off likhiphe imibiko ethi lowo ongumdlali weKaizer Chiefs neBafana Bafana usinde ngokulambisa ngesikhathi imigulukudu emithathu ivele yaqhamuka yamkhomba ngesibhamu ngesikhathi ehamba elokishini lase Atteridgeville ePitoli.

UMatoho ubehamba nodadewabo nomfowabo. Nakuba ithathiwe imoto yakhe nezinye izimpahla ibuye yatholakala imoto.

Monday, November 23, 2015

Liphinde lagixabezwa ngenye ingqayizivele yethuba iTheku

Idolobha laseThekwini liphinde lazithola selihleka lodwa ngesikhathi isigungu esingamele ibhola kuleli okuyi PSL simemezela ukuthi umdlalo wamanqamu we Telkom Knockout uzodlalelwa eMoses Mabhida Stadium.

Lomdlalo ozodlalwa iKaizer Chiefs ne Mamelodi Sundowns ngomhlaka 16 kuzibandlela nalapho amehlo ayobe ethe njo kubafana bezambane likaMpondo okuyiSundowns ebukeka idlala kahle kulezinsuku kanti ngakolunye uhlangothi iKaizer Chiefs ibukeka ibuthakathaka kwazise izinto aziyizeli kahle njengoba ishisa ibuye ibande.

Kanti akukapheli maseko abafana basePhefeni bashaywa izingane zase Kapa kowamanqamu eMTN 8.


Sisekuzo ezithinta ibhola usule isigubhukane umqeqeshi we Bloemfontein Celtic uMnu Clinton Larsen, lomqeqeshi obesekhuza ibuya kuMaselesele usule namuhla imininingwane egcwele ngokusulankwakhe ibingakatholakali.

U Wayde van Niekerk uwole emqoka kuma SA Awards

Isthandwa sabalandeli bezokusubatha eMzansi uWayde van Niekerk uwole yonke imiklomelo ebithathwa njengemikhulu izolo ebusuku eSand due Plessis Theatre eMangaung kwelase Free State.

Lensizwa eneminyaka engu 23 ibiqokwe emkhakheni emithathu okungowe Sports stars of the year, Sportsman of the year kanye nomunxa omusha obizwa nge Sport star of the year nakhale wemuka NATO yonke umfoka van Niekerk.

Lensizwa izizuzele izimoto ezimbili zakwa Mercedise Benz n nesizumbulu semali elinganiselwa kusigidi samaRandi nazothatha isigamu sawo bese enye ingxenye anikele ngayo esikhungweni esithandwa nguye.

Friday, November 13, 2015

Ibafana bafana ethubeni elingcono emidlalweni yokuhlungela iWorld cup

Iqembu lesizwe iBafana Bafana izehlisele umthwalo wokungena emidlalweni yamaqoqo okuhlungela I world cup nalapha izodlala namaqembu amane ezobe iqhathwe nawo.

Abafana bakaMashaba bashaye kabuhlungu izwe lase Angola NGO 3-1 emdlalweni obudlalelwa ezweni lase Angola nalapha amagoli eshaywe uThamsanqa Gabuza, Rantie no Andile Jali nobuye wathola ikhadi elibomvu
Umlenze wesibili ungolwesibili eMoses Mabhida Stadium nalapho kumele iAngola ishaye amagoli amathathu kwelingekho mayifuna ukuyongena kweyamaqoqo neyindlela ebheke eRussia NGO 2018.

UTokyo kwabahlanu abazoqokelwa esobungameli beFIFA

Isiqumama salaphabeNingizimu Africa uMnu Tokyo Sexwale ube kwabahlanu abasele abazoqhudelana esikhundleni sokuba umongameli wenhlangano ephethe ibhola emhlabeni wonke jikelele iFIFA.

Lesikhundla sivuleke emva kokusula kwalowo obengumongameli uMnu Sepp Blatter nosaphenywa ngamacala enkohlakalo ebikwayo ukuthi idla lubi kulenhlangano njengoba ziziningi izikhulu eseziboshiwe ngamacala okugwazisa.

Lolukhetho luzobanjwa ngonhlolanja wangonyaka ozayo. USexwale uzobe eqhudelana nabanye abane

Sunday, November 8, 2015

UZikalala ungusihlalo omusha kakhongolose eKZN

Inhlangano ye African National Congress esifundazweninsakwaZulu Natal ikhethe uMnuzane Sihle Zikalala ukuba abe nguSihlalo walesifundazwe esithathwa njengesiyinsika kakhongolose noyiqembu elibusayo ezweni. UMfoka Khuze ubebangisana nobengusihlalo uMnuz Senzo Mchunu nongundunankulu wesifundazwe.  Ngehlandla eledlule uMnu Zikalala ubengunobhala wesifundazwe.

Lengqungquthela eqale ngolwesihlanu eMphithi (Pietermaritzburg) iphothulwe izolo ebusuku nalapha Zonke izikhundla zobuholi besifundazwe zihambe kanje.

USihlalo : Sihle Zikalala
Usekela shlalo : Willies Mchunu
Unobhala : Super Zuma
Sekela nobhala: Mluleki Ndobe
Umgcinimafa : Nomsa Dube-Ncube

Saturday, November 7, 2015

Ubekwe kweyokugcina uNgwenyabeyidonsa

UBekiwe endlini yakhe yokugcina uMzikayifani 'Ngwenyabeyidonsa' Ngwenya odlule emhlabeni ngeviki eledlule emva kokugula.

Lensizwa ebizakhele olukhulu udumo ngokuhlala izwakala emsakazweni nakwezinye izindawo lapho kuxhunywana Khona ifihlwe ekhaya kubo kwaShoba oPongolo namuhla.

Ageze igama Amakhosi ehlula eZimnyama

Iqembu leKaizer Chiefs lilwe kwaze kwaba sekugcineni emdlalweni we Telkom Knockout nalapho belibhekene Khona me Orlando Pirates eFnb Stadium egoli.

Lomdlalo obundulelwe ukuklolodelana okuningi obekuvela kualandeli balamaqembu kwazise ezimnyama zabukisa ngamakhosi ngempelasonto edlule emdlalweni weligi.

Àmakhosi anqobe NGO 6-5 sekukhahlelwa amaphenathi kwazise umdlalo uphele ngo 0-0 emizuzwini engu 120 edlaliwe. Kulomdlalo kugqame unozinti we Kaizer Chiefs uBrilliant Khuzwayo obevimba kwasani okuza ngakuye nokuholele ekutheni aqokwe njengomdlali ovelele kulomdlalo.

Ngalomphumela Amakhosi aselinde ozonqoba namuhla ebusuku phakathi kwe Mamelodi Sundowns me Supersport United nalapha oyonqoba useyodibana namakhosi emdlalweni wamanqamu.

Thursday, November 5, 2015

Kukhonozolahla ngempelasonto kweye Telkom Knockout

Liuothi lishona elakusasa kukhona abayobe bekhala abanye bayoba bejabule, indaba enkulu nexoxwayo kuzozonke izindawo lapha kuhlangene Khona abathandi bebhola imidlalo emibili emikhulukazi ebholezi lasemzansi

Lemidlalo yomkhumulajezi owokuqala ukusasa phakathi kwe Orlando Pirates neKaizer chiefs, uMbhashomnyama uhambela phezulu kulezinsuku kwazise ngempelasonto eyedlule wayishaya waze wayibeka umunwe esweni ikaizer Chiefs NGO 3-1 emdlalweni weligi. Lusasa kuzobonakala ukuthi azoqhubeka yini amabhakaniya nokunika Amakhosi amagofo.

Umdlalo wesibili ukhona kusasa ebusuku phakathi kwezinkunzi sasePitoli okuyiMamelodi Sundowns ne Supersport United. Nakuwo lomdlalo kulindeleke ukuthi kuqhashe izinhlansi kwazise womabili lamaqembu afuna ukutshengisa ukuthi ngubani inkunzi yasePitoli.

Abazonqoba kulemidlalo sebeyodibana emdlalweni wamanqamu nokuyomenyezelwa Khona kusasa emva kosePitoli umdlalo.

Tuesday, November 3, 2015

Iyolala ibonene kowe Arrows naMakhosi

Kulindeleke umdlalo oshisayo phakathi kwe Kaiser Chiefs neGolden Arrows namuhla ebusuku emdlalweni we ligi.

Kulomdlalo kulindeleke ukuthi kubonakale amacebo amasha azosentshenziswa ngumqeqeshi we Kaizer Chiefs uMbuyiselo Steve Kompela kwazise amaqhinga ayewaphethe ngempelasonto awamsebenzelanga njengoba washaywa waze wenaba eshaywa I Orlando Pirates emdlalweni weligi.

Ngakolunye uhlangothi abafana besithende bezanokukhulu ukuzethemba kwasize batalabhe wona amabhakaniya evikini eledlule nalapha kwakubhilide Khona umdlalo obolekiswe yiwona amabhakaniya Ku Arrows u Shitolo.

Sunday, November 1, 2015

ayisekho ingwenyabeyidonsa oPongolo

ingwenyabeyidonsa oPongolo" Lana ngamazwi abevame ukuzwakala kuzozonke izinhlelo lapha kuvulelwe abalaleli ukuba baphawule oKhozini Fm.

Insizwa ebidume ngeleNgwenyabeyidonsa oPongolo nogama layout langempela Ngumuzikayifani Ngwenya ayisekho emhlabeni indlule ezintatha namhlanje ngesonto. Lezindaba ziqinisekiswe nguMnu Mbongwa Simelane nothe "yiqiniso impela akasekho umfethu usishiye namuhla ekuseni ngezithuba zehora lesine ekuseni, ngiye ngafika khona ekhaya kwaNgwenya ngiyodelisa inhliziyo, ukufa kuyinuku ngoba lezinsizwa zakwaNgwenya zifana nabafowethu Mimi" kuphetha uMbongwa nodume ngoMbongwa Simelane OPongolo naye ongomunye wezilomo ezipjawulayo oKhozini FM kanjalo nakuyo iNPG Newsblog.

Abaningi bazomkhumbula uNgwenyabeyidonsa ngesikhathi isaqala iNPG Newsblog evame ukuphawula kakhulu isekuFacebook kuphela

Saturday, October 31, 2015

Ukudla komphefumulo no Mprofethi Mcedisi Mhlanga

Proverbs23:7 says as a man thinketh in his heart so is he, this says you are not what your environment says,you are not what your background says,you are not what the enemies,neighbors, friends not even what says you are but you are what you are in your mind,Numbers 13:33 declaires that Israelites saw themselves as grasshoppers before the giants that were occupying the land Canaan#Promised Land#and they became what they saw themselves as,they became grasshoppers in their sight because they became grasshoppers in their mind#becareful what you feed your mind about yourself because you will become what you feed your mind about yourself, if in your mind you believe that life is hard it shall be so,if in your mind you believe that you will mount to nothing it shall be so,you are what you are in your mind I qoute#poverty is the state of the mind#qoute closed! Genesis13:14-15 declares as far as your eyes can see I have given you,God will never give you what you have never seen it before,you must see it to have it#visualise your success,visualise the life you desire,live in it before you live in it#! Then speak it Proverbs18:21 power of life and death is in the tongue,in Gen1 God created everything by speaking everything to being and made us to be like him,meaning we also speak things into existence,mind what you say because your thoughts,becomes your words and words become your character, when they say there's no job,say my job is reserved for me it may delay but it shall surely come,Proverbs6:2 says you have been trapped by what you said,Numbers14:2&18 They spoke that its better for them to die and God said I will give them what they said and they died,Mark11:23 says you shall have what you say,Genesis1:11-12 God created vegetation(grass,trees,spinach) and saw it but in Chapter 2 of Genesis God says there was no plant on earth because it was yet to rain(Genesis2:4-5) so what he see in chapter1? He thought of plants,he spoke them then he saw them using a visual power, he saw things that were not as if they already existing because they existed in his mind Prophet Mncedisi Mhlanga

Aphinde aba ngompetha bomhlaba ama All Blacks

Iqembu lebhola lomboxo lasezweni lase New Zealand neliteketiswa ngokuthi ama All Blacks liyivikele ngobunono indebe yomhlaba ngesikhathi libhuquzisabkabuhlungu omakhelwane bayo I Australia ngamaphuzu angu 34 kwangu 17 emdlalweni wamanqamu obudlalelwa ezweni laseNgilandi nosekungumlando ukuthi lona belu izwe lase Ngilandi laphuma useva lomqhudelwano.

Lelizwe elisesiqhingini litshengise zisuka nje ebhandeni ukuthi alizile ukuzosinisa amahleza lizosebenza njengoba lithole amaphenathi amathathu asheshayo neseqamugqa esisodwa phecelezi itry ngolwasemzini. Nakuba izamile I Australia ukupatanisa amaphoyinti ambalwa kodwa I All Black's ikuqede konke lokho ngesikhathi ishaya iseqamugqa ngomzuzu wokugcina nephelezelwe I convention.

bayishiye amehlo okubona ebheke eNaturena iKaizer Chiefs

Lishaywe laze labekwa umunwe esweni iqembu leKaizer Chiefs lishaywa iOrlando Pirates emdlalweni weLigi okungowokuqala phakathi kwalamaqembu kuleseason.

Ezimnyama ziwuqale umdlalo ngegiya eliphezulu nokungethusanga ukuzibona zishaya igoli lokuqala nelishaywe I Issa Sarr noluthe kungakapheli namzuzu emingaki abuya aMakhosi alinganisa ngegoli elishaywe uEric Matoho.

Ngesiwombe sesibili ibhakaniya ibisizenzela kumakhosi ikakjulukazi eswini njengoba uKatsande noLetsholonyane bebenonakala Bengazi nokuthi lidumephi bezenzela oMakola.Rakhale, Ntshumayelo no Sarr nokudale ukuthi ingqongqoze iphindelela emapalini Amakhosi nobekusiza uKhune esengenile amanzi endlini.

Akubanga sikhathi esingakanani wabuya uAyand Gcaba nelesibili kwavala uGabuza nelesithathu.

Saturday, September 12, 2015

uwuthathe ngesitayela uFloyd umhlalaphansi

Uwuthathe ngesitayela umhlala phansi uFloyd Mayweather ngesikhathi enqoba impi ka 49 engakaze ehlulwe selokhu angena esibhakeleni.

UFloyd unqobe ngamaphuzu ku Andre Berto namuhla ekuseni nobese kuwumdlalo wakhe wokugcina.

ufihlwe ngesizotha owatholakala edindilizile kwashoba

Igcine ifihlwa indoda eyatholakala indindilizile ehlane isishonile esigodini saseZinketheni Kwashoba. Lendoda efihlwe endaweni yaseMkhwakhweni pongolo yatholakala inenkemenkeme yenxeba lokugwazwa nokuze kube imanje akukaboshwa muntu ngalesehlo esihlasimulisa umzimba

ingozi emgwaqeni owubhuqu kwashoba

Intombazanyana elinganiselwa eminyakeni eyishumi nesine ilimale kanzima ngesikhathi ishayiswa imoto endaweni yakwashoba oPongolo. Lengozi yenzeke emgwaqeni owubhuqu eduze nedibhi lendawo namuhla emini. Lentombazanyana ibese iphuthunyiswa esibhedlela yimoto yosizo oluphuthumayo phecelezi I Ambulance



ufihle ngesizotha owatholakala edindilizile kwashoba
Lomgwaqo ubukeka ujwayelwa izingozi ngoba evikini kube nemoto yohlobo lweCorsa eliyisikelengane elishaye ungqimphotho kuyo lendawo kanti ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kwaphangalala owesifazane ngesikhathi ewa emotweni nokwathi makuqhamuka enye imoto yagijima phezu kwakhe.

kuzoshuba kowe Chiefs ne Supersports

 Kulindeleke umdlalo oseqophelweni eliphezulu phakathi kwe Supersports United ne Kaizer Chiefs namuhla kusihlwa emdlalweni weleague.

Lamaqembu ayinkukhu nempaka kwazise iSupersports ijwayele ukutalabha iKaizer Chiefs  nokuvame ukuthi iyishaye ngamagoli amathathu, iChiefs iza kulomdlalo iyaqhugeza njengoba ilinyalelwe iziqonqwane zayo ezimbili okunguTshepo Masilela no Eric Matoho. K

Friday, September 11, 2015

lilokhu ligawulile izembe kuNFP

Kubukeka kusekude ukuphela kwezinkinga ezikhungethe iqembu leNFP emva kokuthi lishone elayizolo sekuxoshwe amakhansela awu 99. Yilowo ongusihlalo waleliqembu kwaZulu Natal uMnu Vikizitha Mlotshwa ngoba ewasola ngokungasebenzi.

Lamakhansela axoshiwe alandela abanye abaholi baleliqembu abaxoshwa okungu Nobhala Jikelele uSolwazi Nhlanhla Khubisa, usekela Meya waso Phongolo uMnu JB Ngema, Maliyakhe Shelembe, Ericson Zungu no Nkosikazi Sindi Maphumulo-Mashinini.   Leliqembu ligibekelwe izinkinga selokhu kwagula uMoli walo uNkosikazi Zanele Magwaza Msibi ekuqaleni kwalonyaka

Thursday, September 10, 2015

ugcine ewusayinile umthetho ogunyaza igama elibi kwabangondli

UMongameli wezwe uMnu Jacob Zuma ugcine ewusayinda umthetho ovumela ukuthi abesilisa abangazondli izingane befakwe ehlwini lwabangakhokbi phecelezi blacklisted.  

Besekunesikhathi eside lomthetho uhlongozwa











Saturday, September 5, 2015

zishaywe zaze zabekwa ummunwe esweni ezikaMashaba

Zilale zihlubuke zibomvu klebhu izinhliziyo zabantu baseNingizimu Afrika ngesikhathi iqembulesizwe iBafana Bafana itetebulwa yizwe lase Mauritanie  ngo 3-1 izolo ebusuku emdlalweni wokuhlungela wokuya ku AFCON ngonyaka ka2017 ezweni lase Angola.

EzikaMashababa bezenza amaphutha kungathi ziyabukisa njengoba igoli lokuqala le Mouritania kube isicabucabu se free kick ezizele ihamba kancane ku Itumeleng Khune nobezitshela ukuthi useyibambile yavele yamshaya Ingalo wezwa ngabafana abagada amabhola bethi "nali bhuti ibhola emva kwakho".

Izinto zibemuncu kakhulu kuBafana Bafana ngesiwombe sesibili ngesikhathi uSyabonga Zulu nobeqala ukugqoka iqembu lesizwe ethola ikhadi elibomvu nokugcine kuphoqa uMashaba kuthi akhiphe uRantie nobengabonakali nangalukhalo wafaka uMzikayise Mashaba nokuthe mahlayeni mahlayeni washaya elokulinganisa uThamsanqa Gabuza.

Kuthe ngomzuzu ka 77 yashintsha umshovo iMauritania  yaphenduka amalakazane yashaya igoli lesibili kwathi kungakapholi maseko yabuya yashaya elesithathu lapho ibingasabonwa nangalukhalo iBafana Bafana nelanyulelwe unompempe oqede umdlalo. Kulindeleke ibuye namuhla imisila izobe ithinta izifuba,sekobonakala ngolwesibili ukuthi bazodlala kanjan emdlalweni weMandela Challenge ezoyidlala nezwe lase Senegal.

ukuyohlala nobaba wakhe kwamvulela amathuba kwezomculo


Umculi womculo wokholo ongu Mandla Malinga odabuka endaweni yakwashoba uPhongolo usifani nesibusisiso isinqumo sokuyohlala nobaba wakhe nathi yisona esammvulela elinye ikhasi ngomculo wokholo kwazise kuphilwa ngomculo kulomuzi njengoba nomfowabo ka Mandla nobuye abe nguMfundisi u Ps SE Malinga ungumculi.

Lensizwa imatasatasa estudio ipheka icwecwe ezoshumayelo ngalo ivangeli, lelicwecwe lizoba nezingoma eziwu 12 nezobe igabe ngengoma ethi 'Ngifumene umusa'nezophuma ekupheleni kwalenyanga. Uthembise ukuthi abalandeli bomculo wokholo bazobhema bakholwe kwazise ucule kunezingoma azicule ngokuhlanganyela nabantu abafana no Mxolisi Mbokazi, PS SE Malinga, Bheki Zondo no Tefelo Ramreko nobuye abe ngu producer wakhe.

Nakuba esezinze eGoli nalapho esebenza khona njengomakhenikha wezindiza ezinophephela emhlane akakhohliwe indawo yakwashoba nathi iyona eyamakha kwazise inhlonipho iyaziswa kulendawo. njengoba enephupho lokuvula esithi yena istudio somculo nesizosiza intsha yasoPhongolo nathi uyibona iphelelwa inhlonipho nokubazi abantu abadala.

Nakuba ehlala ematasa kodwa uyazinika isikhathi sokuphumula ngokuthi ayobuka imidlalo yakumabonakude noma adlale I keyboard. Ukhonze inyama yenkomo nemifino.














beliseqophelweni eliphezulu izinga kuvalwa ewuchungechunge ka NATU

INyunyana yabasebenzi bezemfundo iNational Teacher's Union (NATU) iyivale ngezinga eliphezulu imihlangano yayo ewuchungechunge ebizungeza zonke izifunda zalenYunyana ezweni lonkana.

Imiviliyelo yothisha kufika ubuholi be NATU
Umhlangano wokugcina obuyizolo ngolwesihlanu ehholo lesikolo samakhono esibizwa ngokuthi Emandleni Tvet Olundi, ubusesifundeni esibizwa ngokuthi Ulundi Region okuyisona sifunda esimumethe umthamo omkhulu wamalungu alenyunyana ezweni.

Abantu bebebulala kulomhlangano noqale ngomviliyelo wothisha abebeshaya izigubhu wena owabona amaphoyisa, nokuthe sekufika ubuholi obuphezulu obuholwa umhlonishwa uMongameli uMnu Siphosethu Ngcobo bamukelwa iqembu lengoma yengomane.


UMongameli we NATU uMnu Siphosethu Ngcobo
Kuke kwaba nomuzwa womunyu ngesikhathi uMongameli walenyunyana ekhumbuza amalungu owayengusekela mongameli uMnu BMX Sikhakhane odlule emhlabeni ekuqaleni kwalonyaka, uMongameli uMnu Ngcobo ucela ukuthi akhululwe uMnu Sikhakhane ngokuthi kuculwe kwazise ubeyigagu uMfoka Mbomo, akuphola
nga maseko yasha ingoma nokubonakale uMongameli eviliyela namalungu.

Kubese kungena iphini lika Mongameli uMnu Allan Thompson nofika wahluba udlubu ekhasini mayelana nezakamumva ezithinta amaholo neminye imihlomulo kahulumeni, nobekuchwaza indlu yonke uma echaza umfo kaThomson kwazise uphinde ethi phohlo amahlaya kanjalo nokwenza izibonelo ezicace bha.

Lomhlangano obuhanjelwe izikhulu eziphezulu zezemfundo njengoba bekukhona abahloli bezifunda obekukhona owase Mkhanyakude kanjalo nowaso Thungulu nomhloli osewathatha umhlalaphansi wesekethi yaseMahlabathini uMnu SAB Nsele.  uphele liyogamanxa ihora lokuqala emini.





Wednesday, September 2, 2015

ingqayizivele yethuba edolobheni leTheku

Idolobha leTheku lithole ingqayizivele yethuba lokubamba imidlalo yama commonwealth games ngonyaka ka 2022. Lenqophamlando ithulwe ezweni lase New Zealand namuhla ekuseni. Lemidlalo yamazwe ayengaphansi kobukoloni bamangisi azobe ese Australia ngonyaka ka 2018. Lemidlalo izobe iqala ukuzodlalelwa e Africa

Sunday, August 30, 2015

ushumayela ivangeli lokuziphatha kahle u Dj Feleba

Isithombe sithathwe kufacebook
uSifiso Dlamini odume ngokuthi ngu Dj Feleba noma ngu Blaqvnomous uthi intsha ayifunde ukuziphatha kahle bese iyaphanta ukuze ibe nekusasa elinesisekelo.

Exoxa ne NPG newsblog uthe " ya mganami mpilo isiyashesha manje amantombazane no tshwala akubaleki umuntu akaphante impilo isiyabiza"

Lensizwa eklwebha amapuleti nephinde ibe ngu producer womculo weHouse isazibuza ukuthi idlule kanjani kulempilo yobumnandi " mfana ngdlulile  & nami angazi ngdlule njani...kubi ikakhulukazi la pongola...kubi kakhulu"

Nakuba evele wafa insini uma ebuzwa ukuthi imbi ngani impilo yobumnandi ikakhulukazi ophongolo ugcine ecela intsha ukuba isebenze kanzima ukuze izophila kangcono.

owaseSwazini uphika eyesibalo sabashonile

Uhulumeni waseSwazini uphika ushishiliza ngegonondo phansi ukuthi lesibalo sezintombi ezishonile eziwu 31 siyiqiniso obekuyimibiko ephume izolo nobekunamahebezi athi isibalo senyuke saze sayofika ku61 sabaphangalele ngesikhathi kushayisana iloli ebelithwele izintombi eziya emhlangeni nemoto encane.

Ngokwemibiko ekhishwe iphephandaba laseSwazini elibizwa ngokuthi iSwazi Observer ziyishumi nantathu kuphela izintombi ezishonile kwase kuthi eziwu 48 zaphuthunyiswa esibhedlela

Saturday, August 29, 2015

ukudla komphefumulo

Mfundisi Sabelo Shongwe
Apostolic Church - oPongolo
Ukuthula akube nani bazalwane.  imphela lolu,usuku oluhle iNkosy uJesu asenzele lona,wasipha, wasibekela okuhle nokungakaze kubonwe futhy kwaziwa. Akesibheke ku-Genesis 1 vs 1-2  “ ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba. 2. Umhlaba wawuyihlane elingenalutho, kwakungubumnyama phezu kotwa, Kepha uMoya kaSomakade wehla wenyuka phezu kwamanzi” imphela mhlobo wami, umhlaba wawungaphili, wawungena simo sokubukeka, wawungahlelekile. Kwakungena themba,akukhotho olwalungaphila. Ithi iZwi kukungubumnyama phezu kotwa, kodwa lalela mhlobo wami, uMoya kaSomandla wawehla wenyuka phezu kwamanzy. Kodwa mfowethu, lalikhona ithemba ngoba UMOYA weNkosi wawehla wenyuka. Cha wawungamile ndawonye kodwa wawehla wenyuka. Awu Nkosi yami. Wawubheka sonke isimo, konke kwakungaphansi kweso leNkosi. Wakhuluma ngolizwi wathi akubekhona ukukhanya, izwi lithy Kwehlukana ubumnyama nokukhanya. Ukukhanya kwanikwa igama lokuthy imini, ubumnyama kwathiwa ubusuku.kungenzeka emphilweni yakho kumnyama,kawunathemba lekusasa futhi ibukeka limfiliba kodwa ngifisa ukukunika isiqiniseko sokuthi UMOYA kaJehova uyehla uyenyuka phezu kwesimo nemphilo yakho. Konke okwenzeka emphilweni yakho kungaphansi kweso likaSomandla. Kusasesilinganisweni. INkosi isiyakhuluma phezu kobumnyama obukuhaqhile imphela methembe usekukhulumile ukukhanya emphilweni yakho. Methembe uSomandla lena indoda yempi.  wenza izinto ezingazange zabonwa yikho lokho afuna ukukwenza emphilweni yakho ukuze kwethenjwe iGama lakhe namandla akhe oDwa nabantu bembone kuwe okwakho ukumethemba ukuthi uyadila nezimo Zemphilo yakho. Nakhu ukukhanya phezu kwemphilo yakho. INkosi ikwenzele amandla okumethemba usalindele ukakhanya kwakho njalo njalo AMEN.

kuphangalale izintombi eziwu 38 ebezilibangise emhlangeni

Kubikwa ukuthi kushone izintombi eziwu38 ebezilibangise emkhosini womhlanga ezweni eliwumakhelwane wethu iSwaziland.lezintombi ziphangalale ngesikhathi iloli ebezihamba ngalo lishayisana nemoto encane izolo ngolwesihlanu ebusuku. Imibiko ithi bavaliwe abazendaba ukubika ngaloludaba

usinde engozini umfundisi Sthembiso Zondo

Umfundisi Sthembiso Zondo nethimba lakhe le Zero to hero. Basinde engozini yemonto ePiet Ritief izolo ebusuku ngesikhathi bephuma eMalelana lapha bebeyosebenzela ngakhona, akubikwanga muntu olimele. Ngokusho kukaMfundisi Zondo ekhasini lakhe lika facebook uthe ubonga ophezulu ngokubahlenga kulefu elimnyama

Friday, August 28, 2015

Selimenyezelwe elamaBhokobhoko elizodlala endebeni yomhlaba

Umqeqeshi wamaBhokobhoko okuyiqembu lesizwe lakuleli laseNingizimi Afrika lombhoxo, uHeyneke Meyer uselumemezele iqembu labadlali abangama-31 elizogijima endebeni yomhlaba.

Lemidlalo izobanjelwa phesheya kwezilwandle, eNgilandi kusukela ziyi-18 ngenyanag ezayo.

Elakuleli liseqoqweni elibizwa ngoPool B kanye neJapan, Samoa, Scotland neUSA.
Umqeqeshi wamaBhokobhoko uHeyneke Meyer (Isithombe: Facebook)


Selilonke iqembu laseMzansi limi kanje:

Willem Alberts, Schalk Brits, Schalk Burger, Damian De Allende, Lood de Jager, Jean de Villiers (captain), Bismarck du Plessis, Jannie du Plessis, Fourie du Preez, Pieter-Steph du Toit, Eben Etzebeth, Bryan Habana, Zane Kirchner,Siya Kolisi, Jesse Kriel, Patrick Lambie, Willie le Roux, Francois Louw, Frans Malherbe, Victor Matfield (vice-capt), Tendai Mtawarira, Lwazi Mvovo, Trevor Nyakane, Coenie Oosthuizen, Rudy Paige, Ruan Pienaar, JP Pietersen, Handré Pollard, Morné Steyn, Adriaan Strauss, Duane Vermeulen.


akasekho ubabamakize wasemzini wezinsizwa

Esizithola manje ngezithi Akasekho uMnu Rolad Mqwebu owaduma ngokuthi ubaba uMkhize emdlalweni wamahlaya owawubizwa ngokuthi Emzini Wezinsizwa

uyangokudlondlobala umkhangisi wengqephu waKwashoba

Ulokhu enyuka njalo ngeladi lempumelelo umkhangisi odabuka endaweni yaKwashoba oPongolo uNayizolo Simelane.

Lengqomondo yentokazi eshaya ngokhalo lomuvi nomzimba ololongekile ibukhuluma ne NPG News imatasatasa ilungiselela umcimbi wokukhangisa ngebgqephu eyingxenye yawo obizwa nge Durban Fashion Fair.

Lenkosazane eneziqu ze Financial Accounting ibukeka ivunywe unyaka kwazise iqokwe yaba ubuso bomjaho wamahhashi omkhulukazi eNingizimu Africa obizwa nge Vodacom Durban July.


ziqhathwe kanje ku champions league

Group A
Paris St Germain
Real Madrid
Shakhtar Donetsk
Malmo

Group B
PSV Eindhoven
Manchester United
CSKA Moscow
VfL Wolfsburg

Group C
Benfica
Atletico Madrid
Galatasaray
Astana

Group D
Juventus
Manchester City
Sevilla
Borussia Moenchengladbach

Group E
Barcelona
Bayer Leverkusen
AS Roma
BATE Borisov

Group F
Bayern Munich
Arsenal
Olympiakos Piraeus
Dinamo Zagreb

Group G
Chelsea
Porto
Dynamo Kiev
Maccabi Tel Aviv

Group H
Zenit St Petersburg
Valencia
Olympique Lyon
Gent

Thursday, August 27, 2015

kusuke esinamathambo abafundi befuna ukuphakelwa inyama

Kuthe ngolwesibili Kwaphazamiseke ukufunda esikoleni samabanga aphezulu iMpindiso Secondery School esendaweni yaseSivule ngesikhathi abafundi bevuka umbhejazana bekhalaza ngokuthi bafuna kufakwe amaqanda nenyama ohlelweni lwabo lokudla okunye abaphinde bakhala ngakho kube ukuthi bafuna namajezi ebhola elisha ceke.

Labafundi bashaye babulala amafasitela esikole akuboshwanga muntu ngalesigameko

Tuesday, August 25, 2015

UMasuku noMphela bavumbuke kwi-Eagles



Umdlali obengaconsi phansi kubalandeli be-Orlando Pirates nobedume ngomjiko ohehayo,uKhethokwakhe "Bereza" Masuku nomgadli obegijima emaqenjini amakhulu esibala kuwo iMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs, uKatlego "Killer" Mphela sebezitholele ikhaya elisha kuRoyal Eagles egijima kuNational First Division(NFD).

UKiller bekungasamhambeli kahle ngoba ukubhakuzisa inethi bese ekuzwa ngendaba. Walahlekelwa yindawo yakhe eqenjini lesizwe, iBafana Bafana. Wasuka kuSundowns waya kwiChiefs nakhona wafike washukusha ibhensthi. UMasuku ubesephenduke umtshingo ubethwa ngubani selokhu ekhululwa yiPirates ekupheleni kwesizini edlule. Bobabili laba badlali basayine inkontileka yesizini eyodwa.

I-Eagles ephethwe isiquqmama esizinze eThekwini uMnu S'bu Mpisane ibukeka izimisele ukungena esigabeni esiphezulu iPSL ngoba iphinde yengeza noDominic Isaacs odlala emuva naye onamava ebholeni elikhokhelayo eNingizimu Afrika.

U-Abbie Rasimphi wakwaLiberate Resources Sports Management okuyinkampani engamele izindaba zalaba badlali uziqinisekisile lezi zindaba.





usizi ezithanqaza emva kokugunywa komkakhe

indoda elinganiselwa eminyakeni ewu 37 iqome ukuziphonsa phansi esitezi sesibili ephalamende elidala oLundi izolo emini.

Lendoda enguMnu Jabulani Ndlovu kuthiwa izise kwagoqanyawo emva kokuzwa ukuthi uNkosikazi wayo utholakele enqunywe uqhoqhoqho endaweni yase Danny Dalton khona eMahlabathini.

Ngokwemibiko kuthiwa uMnu Ndlovu waphelezela umkakhe wayombeka empambanweni yomgwaqo e19 okuyigama elethiwa lendawo ecezukela olundi kumgwaqo uR66 obheke eFilidi uqhamuka eMelmoth. nokuthe ngokuhamba kwesikhathi wasethola izindaba zokuthi umkakhe usebulewe. bekungakaboshwa muntu nalezigameko zombili.

Saturday, August 22, 2015

ubungagwazi ubujuqa umkhonto ekhaya le Free State Stars

iqembu leFree State Stars lenze umsebenzi walula kuKaizer Chiefs emdlalweni weLigi ngomgqibelo ebusuku enkundleni yase FNB ngesikhathi iziqonqwane ze Free State Stars zidonsa amagoli amabili asheshayo nobekuyimikhonto egwaze ekhaya ngonyawo luka Sankara no Shakaroma ngesiwombe sokuqala.

Amakhosi aye ekhefini ehamba phambili ngo 3-0 okube imikhonto egwazekhaya emibili nelika George Lebese ngesiwombe sesibili ubuyile ukaputeni wamakhosi washayela isipikili sokugcina ebhokisini le Free State Stars ngelihle igoli nelenze u 4-0 kwaphela kanjalo ke nge Ealla Koto.

Kweminye imiphumela kuhambe kanje

Mamelodi Sundowns 4- Bidvest Wits 2
University of Pretoria 3 - Polokwane City 0
Ajax Cape Town 3 - Marizburg United 1

Friday, August 21, 2015

asithole ukudla koMphefumulo


Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi 
eZio Christian Fellowship Church International

kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abafowabo bakaJosefa ukuthi uyise ufile, bathi: Mhlawumbe uJosefa uzakusizonda, asiphindisele nokusiphindisela konke okubi esakwenza kuyena. Base bethumela kuJosefa, bethi: Uyihlo wayala engakafi, wathi: Niyakusho kuJosefa ukuthi: Ake uthethelele abafowenu isiphambeko sabo nesono sabo, ngokuba bakwenzela okubi; manje siyakucela ukuthi: Ake uthethelele isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo. UJosefa wakhala, besakhuluma kuye. Base befika nabafowabo, bawa phansi ebusweni bakhe, bathi: Bheka, siyizinceku zakho. UJosefa wayesethi kubo: Ningesabi; kanti ngisesikhundleni sikaNkulunkulu na? Yebo, nina nangisongozela okubi, kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba-kuhle ukuba akwenze kube-njenganamuhla, asindise abantu abaningi. Ngalokho ningesabi; mina ngiyakunondla, nina nezingane zenu. Wabaduduza, wakhuluma kuzo izinhliziyo zabo.” Amen

UJosefa wenzela abafowabo okuhle nakuba bamphatha kabi badayisa ngaye sebeke bazama ukumbulala.
Ake sithethelelane bangcwele

Amen!!!

Thursday, August 20, 2015

uselimemezele uMashaba elizodlala ne Mauritania

umqeqeshi weBafana Bafana okuyiqembu lesizwe uMnu Shakes Mashaba ulimemezele iqembu elizodlala umdlalo wokuhlungela AFCO nezwe lase Mauritania,lime kanje iqembu


Goalkeepers
Jackson Mabokgwane, Itumeleng Khune, Ronwen Williams.

Defenders:
Erick Mathoho, Rivaldo Coetzee, Thulani Hlatshwayo, Siyabonga Nhlapo, Anele Ngcongca, Muzi Mashaba, Siyabonga Zulu, Tsepo Masilela

Midfielders:
Dean Furman, Andile Jali, Bongani Zungu, Mandla Masango, Siphelele Ntshangase, Jabulani Shongwe, Themba Zwane, Mpho Makola, Ayanda Patosi, Daylon Claasen.

Strikers:
Thulani Serero, Thamsanqa Gabuza, Sibusiso Vilakazi, Tokelo Rantie.

Wednesday, August 19, 2015

bayikhulumele eziko eka Pistorius ngoshwele

isinqumo sokudedela ngoshwele umsubathi u Oscar Pistorius simisiwe umnyango wezokuhlumelelisa kwesimilo ophethwe uNgqongqoshe Michael Msutha.

Lomsubathi obekulindeleke adedelwe ngolwesihlanu  emva kokudonsa izinyanga zlishumi kuphela esigwebeni seminyaka emihlanu ngecala lokubulala ngokungenanhloso intombi yakhe uReeva Steenkamp ngo2012.

Imbangela yokumiswa kwaloshwele uthe uMnu Masutha usedlulisele incwadi yesivimbelo efakwe inhlangano ye  Progressive Women’s’ Movem ent of South Africa (PWMSA) nokwenze ukuthi ayidlulisele kuthimba elibhekene noshwele phecelezi Parole Board. Akukaziwa ukuthi uyokhululwa nini lomsubathi onenqwaba yezindondo azinqoba emiqhudalwaneni yabakhubazeki

liqhwakele ibhakaniya emva kokubhudluza iChippa

Lithe chwa kwelenyoni ngokukleliswa kwamaqembu kuLog ye PSL ibhakaniya emva kokubhudluza kuhlungu iChippa United izolo ebusuku. ibhakaniya libuya edukwini eliyithole kuSupersport United neviki edlule likhiphele isibhongo ku Chippa United n 4-1 okube ngamagoli ashaywe ngu Ayanda Gcaba namabili kaMpho Makola nomkhonto ogwaze ekhaya ka Nkosinathi Mthiyane kwase elokusula umlomo le Chippa leza noBuyani Sali

Sisekuzo ezithinta ibhola ukaputeni weBafana Bafana uDean Furman usayine kuSupersports United.

UMame Niang obekuSundowns ubolekiswe kwelinye iqembu lase Cyprise


Sunday, August 16, 2015

idlule nomphefumulo ingozi yomgwaqo eMadanyini

kushone umuntu engozini ebandakanya itruck nezimoto ezinhlanu eyenzeke emgwaqeni u N2 eMadanyini ngomsombuluko emini. Lengozi idalwe itruck ebeliqhamuka ngakwaMlogo nokubikwa ukuthi belingasakwazi ukuma kwazise bekuno Stop and go njengoba lomgwaqo usalungiswa.lelitruck ligcine ngokugibela phezu kwezimoto ebezimile.




Saturday, August 15, 2015

bathimula eyokufundisa ulimu lwase China ezikoleni zakuleli

inyunyana yothisha iSADTU ikhaba ngazozombili indaba yokuthi kufundiswe ulimu lwase China iMandarin ezikoleni zakuleli nokubikwa ukuthi kuzoqalwa nonyaka ozayo ku Grade 4 kuze kuyo gcina ku Grade 10.

Ngokombiko okhishwe iMail and Guardin kunencwadi ekhishwe umnyango wezemfundo eyisisekelo ophethwe u Angie Motsega, lencwadi isithunyelwe emnyangweni wezemfundo kuzifundazwe zonke ukuzazisa ukuthi ngonyaka ozayo luzofakwa lolulimi ezikoleni.

UNobhala jikelele we SADTU uMnu Mugwena Maluleka uthe lokhu okwenzekayo kufana ncimishi nokwakwenziwa uhulumeni wobandlululo,  ukubafunza into abangayazi kuwukudayisa ngegazi labantu  lokhu.

Thursday, August 13, 2015

ife olwembiza iDingukwazi kubhubha uqweqwe lukathisha

Igqemeke egeqiwantwala iDingukwazi High school eva kokushona yothisha obefundisa kulesikole uMnu JJ Thwala wakhona endaweni yakwaLubisi oPhongolo.

UMnu Thwala ubandakanyeke engozini yemoto ehamba nobaba wakhe naye odlulile emhlabeni.

Wednesday, August 12, 2015

inqobe owomfudumezo iSupersport United

iqembu leSupersport United liwunqobile umdlalo odlalwe izinsuku ezimbili ne Orlando Pirates obekungumdlalo we ligi wokuqala walamaqembu.

Lomdlalo obudlalwa ngolwesibili nomiswe ngomzuzu ka63 ngenxa yenkinga kagesi nobekuhamba phambili iSupersports ngo1-0 kubese kuthathwa isinqumo sokuthi uqedelwe namuhla emini kuqhutshekwe kuyo lemizuzu ebesisele ewu 27.

Nangempela udlaliwe lomdlalo namuhla yaphumelela iSupersports ngalo legoli elishaywe izolo nu Boxelli

ikhuza eyobuzwe I ANC

AInhlangano yezombusazwe iAfrican National Congress ikhuza imvunge ethi iqubuka emaqenjini aphikisayo emayelana nokuthi abantu abangabesizwe samaZulu ibona abaqhoqhobele izikhundla eziphezulu ku ANC nakumadlelandawonye alenhlangano.

Lemvunge iqubuke ngesikhathi kuqedwa kukhethwa uphiko labesifazane engqungqutheleni ebidubuduze nePitoli ngeviki ledlule nalapha kukhethwe uBathabile Dlamini kwesikasihlalo.

Okhulumela ukhongolose kuzwelonke uMnu Zizi Kodwa uthe ayikho lento eshiwoyo ipolitiki engekho evezwa amaqembu aphikisayo nzama ukuzigayela amavoti. lento yobuzwe ku ANC kuthiwa idalwa ukuthi ekomidini elikhulu liphethwe ngu Mnu Jacob Zuma wakwazulu natal elabesifazane nalo liholwa uBathabile Dlamini wakwaZulu Natal elentsha nelingakakhethi kubikwa ukuthi kuthwelwe uMnu Mzobe wakwazulu natal I Cosatu iholwa nguMnu Sdumo Dlamini wak waZulu natal bese ne SACP ibe noMnu Blade Nzimande nosekudale ukuthi kuqhamuke igama elithi ZANC elisho ukuthi Zuma African National Congress.

Tuesday, August 11, 2015

zibhibhise isilonda izigebengu emndenini ka R Mashesha

izigebengu zidlokodle inxeba elisabhibha emndenini wakwaKhomo okungumndeni kamculi ongasekho u R Mashesha ngokuthi zingene zeba izimpahla zalomculi osasemakhazeni.

Kubikwa ukuthi lezinswelaboya zingene endlini obekubekwe kuyo impahla zikamufi nalapha zifike zeba ilaptop, amateki ne playstation obekungokukamufi bekungakaboshwa muntu.

Kulindeleke ukuthi kubanjwe inkonzo yesikhumbuzo ngolwesine edaweni ezomenyezelwa nalapha kosale sekumenyezelwa nosuku lokumthuna.

Monday, August 10, 2015

SELUNGENA KWELINYE IGIYA OLUKADAVIDE NOGOLIATH BAMA ATM!

Udaba olwalubikwe iNPG Newsblog emavikini amabili adlule ngomfanyana omncane wasOphongolo owaholela ekutheni kuze kubanjwe kuvalelwe izinsizwa ezisolwa ngokuba izigilamkhuba esezibaqedile abantu kumaATM - Lusaqhubeka! INPG Newsblog inalo igama lalo mfana.

Abezomthetho bakuqinisekisile ukuthi selokhu kubanjwe lezi zinsizwa, sehlile kakhulu isibalo sabantu ababanjwa inkunzi kumaATM Ophongolo.

Laba basolwa abanikwanga ibheyili. Nakuba kunemibiko eminingi yokuthi amaPhoyisa asevimbe kaningi ngoba kunabalokhu benza imizamo yokuhlangana nalo mfanyana eceleni nosekusolisa ukuthi bafuna ukumncenga ezosula icala.

Lolu daba lusaqhubeka kanti iNPG Newsblog izolokhu iluhleli ezithendeni.....

SEKUNEBHUBESI OPHONGOLO!

Umdlali wasOphongolo eNcotshane nobekade egijimela iqembu lePolokwane City kwiPSL usesayine kwiThanda Royal Zulu kuNFD.

Lo mdlali ozakhele kakhulu igama ngesikhathi eqokelwe eqenjini lesizwe elaziwa ngama Binneplaas ngaphansi kukaSimon Ngomane.  UNhlakanipho Mkhwanazi useqede konke neqembu eliteketiswa ngelokuthi ''Amabhubesi" nelizinze eRichards Bay.   Le nsizwa ebebeyibiza ngo''Shorty'' kwiPolokwane, bese ijime neThanda amaviki amathathu ihlolwa.

Lo mdlali nokho akaphumelelanga ukuhamba neqembu lakhe elisha ukuya eMgungundlovu ngempelasonto njengoba ebethintekile kancane. Kumanje Amabhubesi azilungiselela ukuqala kwemidlalo yeNFD nelizowuqala ekuhambeni ngokuphela kwenyanga.

uzimisele ngokuwaqhulula amagoli owakwa Nongoma kuPolokwane

Umgadli weqembu le Polokwane city uThobani mncwango uthi uzimisele ngokubalwa nabashayimagoli abavelelwe ku PSL kulesizini.

Lensizwa edabuka kwaNongoma ibixoxa ne NPG newsblog emva kokushaya ingcwenga yegoli elinqobise ezakhe ngo 3-2 zishaya I Celtics emdlalweni wokuqala weligi nalapha ezwakalise khona injabulo enkulu.

Umfoka Mncwango bazomkhumbula abaningi ngesikhathi edla luhlaza iqembu lekaizer chiefs esagijima ku Baroka Fc nokwakungumqhudelwano we Nedbank.

Sunday, August 9, 2015

owodumo lokuklwebha amapuleti kwaMlogo usengena kwezolimo

UDj Giyani owaduma ngokuba ngu Dj nomhleli wemicimbi yobumnandi endaweni ebizwa ngokuthi ku se Okuhle sport bar noma kwaMlogo uthi usengena kwezokulima nokufuya.

Ekhuluma ne NPG News ngolwesihlanu uthe "akukhona ukuthi sengiyaphuma kwezokuncebeleka kodwa ngizama ukwenza enye into ehlukile kunale engaziwa ngayo, nginothando lokulima nokufuya, ungibona nje manje ngiya eLibrary  ngisayohlanganisa  izinto eziphathelene nakho ukulima".

Lensizwa yakwaNdlovu oLundi eke yathi ukunyamalala kwezobumnandi ithe "bekungakhona ukuthi nginyamalele kodwa bengisesikoleni ngifundela izifundo okuphatha amabhizinizi, kodwa ngibuyile njengoba miningi imicimbi engibe yingxenye ihlelwa ngaphinda ngadlala kuyo lapha oLundi nakwaNongoma"

Nakuba uDj Giyani esebuyele oLundi kodwa usafisa ukusebenzisana nabantu basophongolo ekuletheni ubumnandi. nakuba ayaziwa ngemiyeko ayeyenze kanda kodwa manje useshaya ngezinwele ezimfushane zigundwe kahhle

Saturday, August 8, 2015

liphinde labopha ibhakaniya kweyase Afrika

iqembu le orlando Pirates lqhubekile nokuba ithemba labantu base South Africa ngesikhathi lishaya ngo 2-0 izivakashi ase Tunisia I CS Sfaxien enkundleni yase Orlando Stadium izolo ebusuku.

Ezika Iron Duke zinqobe lomdlalo ngamagoli ashaywe uThabo Rakhale no Menzi Masuku, lomphumela usho ukuthi ezimnyama zibheke kumidlalo yama Semifinal njengoba sezinamaphuzu angu 9 kusasele imidlalo emibili uma iqoba iZamalek namuhla

imiphumela ye Absa Premier Soccer League

free state stars O mpumalanga black Aces 1

Polokwane city 3- Bloemfontein celtic 2

Bidvest Wits 2 - Ajax Cape Town 1

Mamelodi Sundowns 0 - Platnum Stars 0

ihambe kahle ingqungquthela yabesifazane be ANC

ihambe kahle igqungquthela yabesifazane be African National Congress eqale ngolwesithathu yaphela ngolwesihlanu ebusuku ebibanjelwe endaweni ebizwa nge Irene budebuduze ne Pitoli. kulengqungquthela umbango ubukhasa phansi kongqongqoshe ababili abebebanga isikhundla sokuba usuhlalo waloluphiko labo bekungungqongqoshe wezemfundo eyisisekelo unkosikazi Angie Motsega nobekunguye uSihlalo waloluphiko nalowo ongungqongqoshe wakwa social development uBathabile Dlamini nokuthe masekuvotwa wakhala ngaphansi uAngie motsega ikomidi elivotelwe limi nje

Nalu uhla lwabakhethiwe


1President = Bathabile Dlamini
2. Deputy President = Sisi Ntombela
3. Secretary General = Meokgo Matuba
4. Deputy Secretary General = Weziwe Tikana
5. Treasurer General = Maite Nkoana-Mashabane

Friday, August 7, 2015

u AKA uphika eyokudonsa u Casper Nyovest ngowahazulwa wempama


 
 
umculi we Hip Hop u AKA uphika eyokuthi uhashabule ngempama umculi angezwani naye u Casper Nyovest ngolwesine ebusuku.

kubikwa ukuthi lesigameko senzeka kwenye yama Nightclub aseGoli lapha u AKA ehamba no khuli Chana bangena ku lendawo kanti no Casper uhlezi nabangani bakhe, nalapha u AKA avele waqonda ngqo etafuleni elihleli u Casper wase edonsa ugesi wempama.



ebhala ku twitter u casper uthe

October 31st TheDome

@CassperNyovest
So @akaworldwide comes up 2 my table in a club&slaps me. You'll probably deny this like you always do but its fine. Just want u 2 know this.
 
 
 
kanti u AKA uziphendulele kweyakhe I twitter wathi
 
 
I need to clear the record. These are false allegations. I DID NOT slap the shit out of someone tonight. I do NOT condone violence.
— AKA (@akaworldwide) August 7, 2015
 
 
 
kubukeka isekude ukuphela impi phakathi kwalabaculi ngoba nangonyaka ophelile kwake kwaba namahlebezi athi kunomngani ka AKA owakhomba u Casper ngesibhamu .

luyaqala ushikishi lwemidlalo ye Absa Premier Soccer league

iyaqala imidlalo ye Absa Premier Soccer League namuhla emva kwekhefu lezinyanga ezimbili. kulindeleke ukuthi amaqembu abonakale ukuthi ngabe aqinise kanjani kwazise ebenethuba lokusayinisa abadlali abadlali ababafunayo namanje basesenalo ithuba kwazise ithuba lokubasayinisa liyoze livaleke makuphela lenyanga esikuyo.

imidlalo yalempelasonto ime kanje


namuhla nge Sabatha/Umgqibelo

Polokwane City v.s Bloemfontein Celtic

FreeState Stars .v.s Mpumalanga Black Aces


Bidvest Wits .v.s Ajax Cape Town

Platnum Stars v.s Mamelodi Sundowns



kusasa nge Sonto

Golden Arrows v.s University of Pretoria

Chippa United v.s Kaizer Chiefs





sisekuzo ezithinta ibhola iqembu le Orlando Pirates lizoqhubeka nomshikashika wemidlalo ye Confederations Cup njengoba kuzothi namuhla ebusuku ligijimisane neqembu lase Tunisia I CS Sfaxien enkundleni yase Orlando Stadium ngo 20h15, lamaqembu adlalile emasontweni amabili edlule nalapha kwanqoba khona iBhakaniya ngo 1-0 nokwaba igoli elashaywa u Thabo Rakhale  kudlalwa kwelase Tunisia.

akasekho emhlabeni u R Masshesha we Big Nuz


lilokhu liqhubekile ithunzi lokufa endimeni yomculi kuleli, njengoba izolo kudlule emhlabeni uMnu Sibusiso Khomo obedume ngelika R Mashesha nobecula neqembu lomculo we House lase Mlazi elidume ngokuthi iBig Nuz, uKhomo osekunesikhathi eside engabonakala uma leliqembu licula ngenxa yokuxinwa ukugula isilhathi eside .

nakuba kwake kwagcwala amahemuhemu uqala lonyaka athi lensizwa ishonile nokwaphinda kwavela ukuthi abantu bebesenga ezimithiyo. izindaba zokudlula kwalensizwa ziqinisekiswe ilowo ongumphathi weqembu le Big Nuz uMthokozisi Khathi nowaziwa ngo DJ Tira .





belibhale kanje ekhasini layo iBig Nuz ku Facebook
RIP Roger Mashesha ‪#‎ALifeCelebrated‬ Each day holds a surprise. But only if we expect it can we see, hear, or feel it when it comes to us. Let's not be afraid to receive each day's surprise, whether it comes to us as sorrow or as joy It will open a new place in our hearts, a place where we can welcome new friends and celebrate more fully our shared humanity.
(Henri Nouwen)

isihluku kubulawa usomatekisi egalaji likaphethilolo empangeni

uphiko lwamaphoyisa olibizwa nge Crime Watch lukhiphe imifanekiso yesigameko lapha kubulawa khona ngesihluku usomatekisi wase Soweto esegalaji lika phethilolo eMpangeni ngomsombuluko. losomatekisi ogama lakhe lingu Dumisani Mthethwa obeneminyaka ewu 55.

nansi ivideo  https://www.youtube.com/watch?v=KgzUENeNcHQ&feature=player_detailpage#t=21

Thursday, August 6, 2015

athele mumva njengembumbha Amakhosi

iqembu le Kaizer Chiefs libuye sekuvalwe amehlo emdlalweni we MTN 8 lidlala ne Marizburg United izolo ebusuku. Abafana bokuthula no xolo banqobe lomdlalo ngo 5-3 emva kwe extra time nokwenziwe ukuthi umdlalo uphele ngo 3-3 emzuzwini ewu 90.

iMarizburg United ithuse abaningi ngesikhathi kuyiwa ekhefini ihamba phambili ngo 2-0 noe ngamagoli ashaywe ngu Kert Letjies beno Thamsanqa Teyise. kuthe makubuywa ekhefini kwangathi kukhona inkinobho ecofiwe ku Kaizer Chiefs ngoba iphendule ngamagoli amathathu asheshayo ashaywe ngu Goerge Lebese amabili nelilodwa lika Bernard Parker. kuthe sekusele imizuzu ewu 8 umdlalo uphele umkhonto wagwazekhaya kubafana basePhefeni ngonyawo luka Siyanda Xulu ethi unikeza unozinti u Reyaard Pieterse kanti akekho ezintini lonozinti nokwenze amagoli alingana ngo 3-3.

kubese kuyiwa emizuzwini engamashumi amathathu ( extra time) uXulu uligezile igama lakhe ngokuthi athole igoli elibuyise ithemba kuMakhosi kwase kuthi ngemizuzwana yokugcina washayela isipikili sokugcina ebhokisini le Marizburg United u Hendrik Ekstein . nokuthe emva kwesikhashana wasewuqeda unondweba umdlalo lafa kanjalo ke ikhehla ku Team of Choice okuyisiteketiso seMarizburg.



komunye umdlalo wayo I MTN 8 abafana bestayela okuyi Mamelodi Sundowns ibonakale igugumba nejezi layo iyoliwasha kwazise ithelwe othulini ngo 4-2 iBloemfontein Celtic sekukhahlelwa amaphenathi emva kokuthi lomdlalo uphele ngo 1-1 nokube ngamagoli angene ku extra time ele Sundowns lishaywe ngu Fiston Razak kwase ele Celtic lashaywa ngu Musa Bilankulu.







sisekuzo ezithinta ibhola ugcine ethole ikhaya lowo obengu kaputeni weKaizer Chiefs u Tefu Mashamayite ngesikhathi esayina iminyaka emibili nesigamu eqenjini lase Sweden elibizwa ngokuthi BK Hacken egijima esigabeni esiphezulu seligi yakulelazwe

Wednesday, August 5, 2015

liwathole esashisa amanzi okuwasha ijezi ibhakaniya

iqembu le Orlando Pirates liphume kusempondozankomo emqhudelwaneni wokuzibula iligi obizwa nge MTN 8, ezikaMagebhula ziguqiswe kabuhlungu I Ajax Cape Town ngegoli elilodwa eqandeni nokube yigoli elishaywe ngesithombe sesibili lishaywa ngu Ndiviwe Mdabuka nobekungumdlalo wakhe wokuqala ku Urban Warriors.

Ezimnyama bezibukeka zibonana kangcono bekwala khona ukuthi bekungahlangani kahle mazifika phambili kwazise zithole amathuba amabili kuphela aqonde ezintini ze Ajax nebezigadwe ngu Anssi Jaakkola ongunozinti we Ajax. ibhadi liqhubekile kwezimnyama kuwona lomdlalo njengoba u Lehlohonolo Masalesa ethole ikhadi elibomvu ehlezi ebhentshini nokukholakala ukuthi ukhulume amagama alumelayo ewabhekise kunompempe. njengoba ziphume kuseva ezimnyama nje kusho ukuthi  sezibeke amathemba azo emidlalweni ye Confedarations Cup, isicoco se ligi, Telkom Cup kanye Nedbank Cup abasozodlala kuyona lemiqhudelwano.

sisekuzo ezithinta I MTN 8 neSupersport United ifike yatolimisa nayo endishini yokuwasha ijezi njengoba ithelwe othulini I Bidvest Wits ngamagoli amathathu kwelilodwa emva kokuthi umdlalo uphele ngo 1-1 emizuzwini engu 90 kwase kuyiwa mizuzwini ewu 30 ebizwa nge Extra Time ngolimi lwesilungu nalapha iBidvest Wits iyigile igoda iSupersport ngamagoli amabili nokubese kuwenza abamathathu kwelilodwa ekupheleni komdlalo, amagoli eBidvest Wits ashaywe ngu Sfiso Vilakazi, Daine Klate no Hendrico Botes kwathi elokubikwa leMatsatsatsa a Pitori lashwaywa ngu Jeremy Brookie

kuzobe kugcwele osaziwayo kubungaza ibandla lomholi we Pongola Gospel Wagon

kulindeleke ukuthi ihanjelwe abantu abaqavile emkhakheni eyahlukene inkonzo yokubungaza iminyaka emibili laba khona ibandla likaMfu Themba Mathe ocula phambili ku Pongola Gospel wagon.

ekhuluma ne NPG news uMfu Mathe ohola ibandla le Jesus Love Church uthe lenkonzo izoqala ngomhlaka 7 okungolwesihlanu kuze kuyoba isonto lomhlaka 9 kulenyanga  esikuyo esikoleni I Simandlangentsha Higher Primary School eNcotshane esigcemeni sakwa B nalapha kuzobe kungenwa bhusende. eqhubeka okaMzilankatha uqinisekisile ukuthi lenkonzo izobe izimaziswe ngosaziwayo abafana no Vusi Thanda owaduma ngo Tshawe emdlalweni wamahlaya owawubizwa ngokuthi Emzini Wezinsizwa, abaculi abafana no Thabile Myeni no Donny Ngwenyama wengoma ethi "Basheshe bahleka" nabanye abaningi nathe umphakathi uzozibonela bona"

lenkonzo ezoqala ngehora lesithupha kusihlwa izobe ibophele abafundisi abafana no Mfu Jeffrey Ndlangamandla, Mfu Donny Ngwenyama no Mfu N Mkhize, umculo uzobe utholakala njengoba kuzobe kunabaculi abaningi ne Pongola Gospel Wagon izobe iqhulula amanoni ayo eyaziwa ngawo.

Tuesday, August 4, 2015

useshiyile uGaddafi kuGenerations

Umlingisi we Generations- The legacy uMnu Vuyo Dabula odlala indawo ka Gaddafi Phakade usecele ukukhululwa kulomdlalo owuchungechunge odlala ku SABC 1 ngehora lesishiyagalombili ebusuku kusukela ngoMsombuluko kuze koshaya uLwesihlanu.

lensizwa enomzimba ololongekile nabazifelayo ngayo abantu besifazane kubikwa ukuthi ucele ukukhululwa ngoba kuneminye imisebenzi afisa ukuyiqhuba lezindaba zikhishwe uphiko olubhekele ezokuxhumana kuwona lomdlalo osushaya ibuya kwazise uke wangabonakali emoyeni izinyanga ezintathu emva kokuxoshwa kwabalingisi abawu 16 kubangwa amaholo.

bekungakadalulwake ukuthi uzogcina nini ukubonakala kulomdlalo uGaddafi noyimpunyela kulomdlalo onababukeli abalinganiselwa ku 7 million

luyangokujiya olokudliswa ushevu kukaMongameli

lubukeka lujiya udaba lokuthinteka kwenkosikazi kaMongameli umaNtuli lokuthi unesandla ekudliseni ushevu uMongameli wezwe uMnu Jacob Zuma ngonyaka ophelile.

kubikwa ukuthi nedokodo lokuthi aboshwe selikhishiwe kodwa lisagcinwe uphiko lokushushiswa komphakathi I NPA kuze kuphothulwe uphenyo olwenziwayo kwazise kunabathintekayo okuthiwa bakhishwa ngumaNtuli ngesikhathi kwenziwa uphenyo ngokusho kwe city press yangesonto.

nakuba ephike walala ngomhlane uMnu Luvuyo Mfaku uma ebuzwa yicity Press ukuthi ngabe bayalwazi yini udaba olufana nalolu. lumjiyela  nje loludaba lukashevu umaNtuli vele akasekho nakwaZuma kwazise umndeni wakwaZuma wanquma ukumbuyisela kubo kwaNtuli kwathiwa akayolanda yenhlawulo ngenxa yokungaziphathi kahle. selokhu agana kwaZuma  kuno
hide lwezinkinga noma izehlo ezibikwayo ngaye kuzokhumbuleka ukuthi nango 2010 kwasabalala izindaba zokuthi uzale ivezandlebe naligaxa kuMsholozi kodwa zibe izimpukane eziluhlaza zilikhomba kunogada kaMongameli uMnu Phinda Thomo nowagcina ezibulele.

luyaqala ushikishi lwe MTN 8 namuhla

 

luyasuka ushikishi lwemidlalo yokuqala konyaka webhola eMzansi njengoma kuzothi namuhla kuqale imidlalo yomqhudelwano obizwa nge MTN 8 lapha kusuke kugadulisana amaqembu aqede esendaweni yokuqala kuze kuyoba sendaweni yesishiyagalombili emidlalweni ye ligi. lomqhudelwano onesamba sika 8 Million wamarandi nenkomishi ugcine unqotshwa yiqembu le Kaizer Chiefs ngonyaka ophelile ngegoli elilodwa eqandeni ishaya I Orlando Pirates nokuyigoli elashaywa ngu Tefu Mashamaite osengumantuntanendishi kumanje ngenxa yokungavuseleli inkontileka yakhe neqembu lamakhosi

lemidlalo kulindeleke idonse amehlo ezibukeli kwazise imidlalo yokuqala lena esemthethweni ezobe idlalwa ilamaqembu, umdlalo we Orlando Pirates ne Ajax kulindeleke ukuthi ushise kwazise ezikaMagebhula asikwazi ukuphumula njengoba zilokhu ziqhubeka nokudlala ku CAF Confedarations Cup nokulibeke kwelihle izinga lokulolongeka komzimba kwabadlali bezimnyama, ezika Tinkler zizoya kulomdlalo ngaphandle kuka Rooi Mahamutsa, Thabo Matlaba, Thamsanqa Gabuza no Kermit Erasmus.

omunye umdlalo obhekwe ngabomvu ophakathi kwe Kaizer Chiefs ne Marizburg United lomdlalo kwazise kuzobe kungumdlalo wokuqala womqeqeshi omusha waMakhosi uSteve Khompela obeqeqesha yona kanye iMarizburg United nesiqeqeshwa ngobeyiphini lakhe uMandla Ncikazi.

kuzophinda kulindelwe umdlalo wamagqubu phakathi kwe Celtics ne Mamelodi Sundowns kwazise iCeltic yaphendula iSundowns abafana besikole ngesikhathi ibabhudluza ngo 5-0 emdlalweni weligi ngesizini edlule



isiyonke lemidlalo ime kanje

namuhla ngolwesibili        04/08/2015


               Orlando Pirates v.s Ajax CT
                 Orlando Stadium eSoweto




          Bidvest Wits v.s Supersports United
                         Bidvest stadium




kusasa ngolwesithathun       05/08/2015


                  Kaizer Chiefs v.s Marizburg United      
                         FNB Stadium



      Mamelodi Sundowns v.s Bloemfontein Celtic
            Loftus Stadium




yonke lemidlalo iqala ligamenxe ihora lesikhombisa kusihlwa
 

Monday, August 3, 2015

bekuphume nesidolo kufihlwa iNDIDANE

babalelwa ku 50 000 abantu abebozozima umndeni wakwa Gcwensa izolo ngesikhathi kufihlwa indodana yawo ebicula umaskandi uMtshengiseni Gcwensa obedume ngokuthi isichomane, iNdidane noma isipiklapiklane.

lomculi odlule ngomsombuluko evikini eledlule esesibhedlane sase Dundee emva kokugula isikhathi eside ephethwe isifo sofuba ufihlwe emzini wakhe obizwa ngokuthi kuKwadlulujeqeze olaphaya endaweni yaseMngeni eMsinga.

 
lomgcwabo ugcine usuphenduka idili lomculo ngoba izimoto namatekisi obekuhamba abalandeli beNdidane bekusho phezulu izingoma zalensizwa. amaduku ebephephezela phezulu anobuso balensizwa esikhiphe amacwecwe abalelwa ku 23 yawola nezindodo eziwu 18 nezimonto ezimbili azinqoba nesigcini ezibiza uR24 000,

kuthe mase kuyiwa emangcwabeni kwaya abomndeni nezikhulu ezithile kuphela kwathi bonke abebesenkundleni yesikoleni iSakhisizwe Primary School lapha bekunenkonzo yokumfihla basale bezitika ngengoma ebiqhululwa ngabaculi abehlukahlukene bakamaskandi.

umfoka Gcwensa ushiye emhlabeni izingane eziwu 9 nezingoduso ezimbili

Saturday, August 1, 2015

kusule esinye isikhulu esiphezulu ngenxa yombombayi wesitifiketi

umnyango wezamaphoyisa kuleli I SAPS isikuqinisekisile ukuthi lowo owayeyisikhulu sezobunhloli uMnu Chris Ngcobo usesulile kulombutho emva kophenyo lwangaphakathi olumthole ukuthi isitifiketi sebenga leshumi athi unaso ngesomgunyathi.

uNgcobo selokhu amiswa emsebenzini ngonyaka ka 2013 ngesikhathi kuqala uphenyo lokuhlola izitifiketi zazozonke izikhulu. sekuyintsakavukela umchilo wesidwaba ukusula kwezikhulu zeminyango kahulumeni ngenxa yokusenga ezimithiyo ngemfundo yazo kungaka pholimaseko lowo obeyisikhulu esiphezulusenhlangano ebhekele ezezitimela iPRASA uMnu Daniel Mthimkhulu naye usanda kusula ngenxa yokusenga ezimithi ngezitifiketi athi unazo, lolukhondolo lwezitifiketi ezingekho ludla lubi kulezinsuku.

kuyakhanya ngemidlalo yama olympics kuma Glug Glug

iqembu lesizwe labaneminyaka engaphansi kwengu 23 eliteketiswa ngokuthi amaglug glug lizibekele indawo emiqhudalwaneni owendlalela ama Olympics azodlalelwa eBrazil ngonyaka ozayo. abafana baka Owen dA Gama bashaye izwe lase Zimbabwe ngamagoli amathathu eqandeni okungamagoli ashaywe ngu Keagan Dolly ogijima ku Mamelodi Sundowns amabili nelilodwa elishaywa ngu Gift Motupa we Orlando Pirates. umzansi udlule ngo 4-1 masekuhlanganiswa imidlalo yomibili kwazise kowokuqala owawudlalelwa kwelika Mugabe okuyi Zimbabwe kwaba ungophansi nongaphezulu nokwenza umdlalo waphela ngo 1-1 okwaba ngu Keagan Dolly no Walter Musona abashaya amagoli alamazweamabili,

amaglug glug azoyodlala eSenegal emqhudelwaneni obizwa nge 8 Nations Tournament ozodlalwa kusukela ziwu28 ku November kuze kuyoba umhlaka 12 kuZibandlela okuwu December ngolimi lwasentshonalanga.

kuphinde kwakhonya ezimnyama ku Carling Black Label

ziphinde zaba ngompetha benkomishi ye Carling Black label ezimnyama okuyi Orlando Pirates ngokuqumba phansi izimbangi zayo I Kaizer Chiefs ngo 3-2 sekukhahlelwa amaphenathi emva komdlalo ophele ngo 1-1 okube yigoli elishaywe uSfiso 'Nsunda' Myeni obekuyi Free kick ngomzuzu ka 19 emva kokudlaliswa kabi kuka Thamsanqa Gabuza kwase kuthi ngomzuzu ka 55 yalinganisa I Kaizer Chiefs ngonyawo luka Reneilwe 'Yeye' Letsholonyane emva kwenhle inikanika eyenziwe Amakhosi.

uMbhashomnyama okungesinye sesiteketiso se Orlando Pirates usuyinqobe ihlandla lesine lomqhudelwano selokhu waqala eminyakeni emihlanu edlule. unozinti we Orlando Pirates uBrilliant Mhlongo ube yiqhawe ngesikhathi e amaphenathi amabili okube ngeka Yeye Letsholonyane ne Keagan Ritche osebuya isibili kuMpofana emva kokuhamba ngo 2013 kwathi kwezimnyama yagejwa ngu Patrick Phungwayo oyigudlise ipali yaye yayoshaya amabhodi ezikhangiso. lomdlalo obushisa uphele engasekho uThamsanqa Gabuza ophume eseqhugeza emva kokudonseka isicubu sethanga. lomdlalo bese kungoka 101 ku kaputeni wezimnyama u Oupa 'Ace' Manyidsa engakwazi ukuphumula kuleminyaka emibili okudalwe ukuthi ezimnyama zidlale ku PSL, Nedbank cup, MTN 8, Telkom Knockout, CAF Confederations cup ne Carling Black Label cup

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...