Saturday, September 5, 2015

ukuyohlala nobaba wakhe kwamvulela amathuba kwezomculo


Umculi womculo wokholo ongu Mandla Malinga odabuka endaweni yakwashoba uPhongolo usifani nesibusisiso isinqumo sokuyohlala nobaba wakhe nathi yisona esammvulela elinye ikhasi ngomculo wokholo kwazise kuphilwa ngomculo kulomuzi njengoba nomfowabo ka Mandla nobuye abe nguMfundisi u Ps SE Malinga ungumculi.

Lensizwa imatasatasa estudio ipheka icwecwe ezoshumayelo ngalo ivangeli, lelicwecwe lizoba nezingoma eziwu 12 nezobe igabe ngengoma ethi 'Ngifumene umusa'nezophuma ekupheleni kwalenyanga. Uthembise ukuthi abalandeli bomculo wokholo bazobhema bakholwe kwazise ucule kunezingoma azicule ngokuhlanganyela nabantu abafana no Mxolisi Mbokazi, PS SE Malinga, Bheki Zondo no Tefelo Ramreko nobuye abe ngu producer wakhe.

Nakuba esezinze eGoli nalapho esebenza khona njengomakhenikha wezindiza ezinophephela emhlane akakhohliwe indawo yakwashoba nathi iyona eyamakha kwazise inhlonipho iyaziswa kulendawo. njengoba enephupho lokuvula esithi yena istudio somculo nesizosiza intsha yasoPhongolo nathi uyibona iphelelwa inhlonipho nokubazi abantu abadala.

Nakuba ehlala ematasa kodwa uyazinika isikhathi sokuphumula ngokuthi ayobuka imidlalo yakumabonakude noma adlale I keyboard. Ukhonze inyama yenkomo nemifino.














No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...