Saturday, September 5, 2015

zishaywe zaze zabekwa ummunwe esweni ezikaMashaba

Zilale zihlubuke zibomvu klebhu izinhliziyo zabantu baseNingizimu Afrika ngesikhathi iqembulesizwe iBafana Bafana itetebulwa yizwe lase Mauritanie  ngo 3-1 izolo ebusuku emdlalweni wokuhlungela wokuya ku AFCON ngonyaka ka2017 ezweni lase Angola.

EzikaMashababa bezenza amaphutha kungathi ziyabukisa njengoba igoli lokuqala le Mouritania kube isicabucabu se free kick ezizele ihamba kancane ku Itumeleng Khune nobezitshela ukuthi useyibambile yavele yamshaya Ingalo wezwa ngabafana abagada amabhola bethi "nali bhuti ibhola emva kwakho".

Izinto zibemuncu kakhulu kuBafana Bafana ngesiwombe sesibili ngesikhathi uSyabonga Zulu nobeqala ukugqoka iqembu lesizwe ethola ikhadi elibomvu nokugcine kuphoqa uMashaba kuthi akhiphe uRantie nobengabonakali nangalukhalo wafaka uMzikayise Mashaba nokuthe mahlayeni mahlayeni washaya elokulinganisa uThamsanqa Gabuza.

Kuthe ngomzuzu ka 77 yashintsha umshovo iMauritania  yaphenduka amalakazane yashaya igoli lesibili kwathi kungakapholi maseko yabuya yashaya elesithathu lapho ibingasabonwa nangalukhalo iBafana Bafana nelanyulelwe unompempe oqede umdlalo. Kulindeleke ibuye namuhla imisila izobe ithinta izifuba,sekobonakala ngolwesibili ukuthi bazodlala kanjan emdlalweni weMandela Challenge ezoyidlala nezwe lase Senegal.

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...