Tuesday, July 28, 2015

kungaba yini edala ukuhlukana noma ukuqembuqembuka kwebandla likajehova

Mfu Sabelo Shongwe
Apostolic Church



 
"zimbili izizathu ezidala inhlukano noma ukuqembuqembuka kwebanadla likajehova esokuqala indlala abanye abantu beyaye bebone ithuba lokuthiba indlala ngoba usuke ebona ukuthi umnikelo uzoza ngakuye esesebili ukuthi kunalabo bantu abayaye befune ukukhonza nezinto abakholelwa kuzo njengokuthi kunabantu abathi noma bekhonza kodwa bebe benza imikhuba ethile nezinkonzo zabo zibavumela ukwenza njalo, nokudalwa ukuthi kwamanye amabandla akuvumelekile ukukwenza lokho bese ebona kungcono eziqembukele elakhe ibandla"











Mfu Bheki Kamkhanduma Buthelezi
Zoe Christian Fellowship Church International
"Into eyenza amabandla ahlukane kanje among other things kuba wukungazethembi kwabefundisi. Uma iNceku ingaqeqeshekile ngokwezwi ivele icashe uma kufanele isondele kwezinye IziNceku. Okwesibili, ama Bible Colleges kufanele alekelele ukuletha imfundiso eqotho kubantu ababiziwe. Okwesithathu abanye abafundisi banenkolelo yokuthi bangcono kunabanye. Okwesine yi fear yokuthi kuzontshonthelwana abazalwane. Okwesihlanu, lento ibangwa ngabaholi abakhulu ebandleni senior leadershi, abaBhishop bashumayela ukwehlukana emapulpit abama kuwo. Okokugcina wuthando lwemali kubafundisi. Wonke imfundisi ufuna okuza kuye kuphela akafuni ukubona omunye umfundisi ekhula ambongele. Uvele agxeke".
 
 
 
 
 
 
Mfu Jeffrey Ndlangamandla
Good Samaritan Christian Centre
" ngiyaxolisa kulokhu engizokusho kodwa ngiyazi uzophoxeka, angazi ukuthi kudalwa yini ukuhlukana kwebandla likajehova"
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
Mfu Bheki Jobe Sithole
AFM Church
"Ngicabanga ukuthi imbangela kungaba indlela I Christianity eyalethwa ngayo e mzansi ne afrika abamhlophe bayiletha ngokuzama ukweba ubuthina manje wonke umuntu ufuna ukwenza into ngendlela acabanga ngayo, okunye kuwukuthi asifani futhi asenzi izinto ngendlela efanayo kufana nokuthi nje sonke singaba amazulu sithande umculo wesizulu kodwa abanye bazofuna uku rapper ngesizulu abanye benze umbhaqanga abanye isicathamiya njalo njalo kodwa ekugcineni sithi umculo, kanjalo naba bandla akhonza uthixo oyedwa kodwa ngendlela ezahlukile"
 
 
 
 
 
 
 
 
Mprof Mncedisi Mhlanga
Praise and worship Fellowship Church
" ha ha ha alikho maqembuqembu, but kuhluke amavisions ngokwama denomination, ibandla lakhiwa izinto ezimbili 1. spiritual body lelo yileli ongeke ulibone athi u Pawuli ngalo inkosi iyabazi abangabayo 2. bese kuba ne Organisation le eyinhlanganyelo yabantu bonke ebhaliswe ngokomthetho e Pitoli, kwi organisation wonke umuntuwamukelekile but spiritual body alaba athi ujesu akusibo bonke abathi nkosi nkosi abayongena ezulwini kodwa yilaba abenza intando yakhe, yini intando? yizwi lakhe"
 
 
 
 
 
Nhlalisuthi uNyawo
Mpumalanga Nazareth baptise Church 
" lilinyazwa umona ibandla lika jehova ngoba umuntu uthi engabona nje umfundisi wakhe ebangconywana bese naye efuna ukuba umfundisi engalandeli ubizo kepha elandele imali nodumo bese kuba nokukhohlwa imvelaphi yethu sibese sithatha konke okwezizwe okuqhamukayo sikuphakamisele phezulu bese sikhohlwa ngokwethu"
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
Inceku Melusi Malinga
Christian Church of Zion
"kuningi okudala lenhlukano kodwa engingakubalula indaba yomona ukuthi umuntu engabona nje ukuthi uMfundisi webandla akulo uphila kangconywana bese naye evuna ukuvula elakhe ibandla ukuze lokhu okomnikelo kuze ngakuye, bese kuba indaba yokuthi kube khona ukuhishana ngemibono ngaphakathi ebandleni noma esontweni bese umuntu ebona kungcono eziqembulele elakhe okusho ukuthi imbangela kube ukucasuka , kwesinye ke isikhathi uthole ukuthi kuba indlela uhlobo lwabantu olukholelwa kulo ngokwesintu lukhonze ngendlela ezovumelana nemikhuba yesintu abayenzayo, nendlela ke okugxekwana ngayo emasontweni nayo inomthelela ngoba ufica ukuthi umuntu uze esontweni ukuzokhonza evele uMfundisi agxeke into otholukuthi vele uyayenza lomuntu osenkozweni"
 
 
 
 
 
 

6 comments:

Mandlenkosi said...

Umsangano ke lo. Especially lokhu enithi kushiwo uProph. Mhlanga. I know him, he's my father! Ngeke akhulume lombhedo.

Mandlenkosi said...

Uthe uProphet Mhlanga, "Alikho maqembu qembu;but kuhluke ama-visions ngokwama-denomination! Ibandla lakhiwa izinto ezimbili 1-spiritual body lelo yileli ongeke ulibone athi uPawuli ngalo inkosi iyabazi abangabayo! 2 bese kuba ne-organisation le eyinhlanganyelo yabantu bonke;eregistered in PTA!
Kwi organisation wonke umuntu wamukelekile but kwispiritual body alaba athi uJesu akusibo bonke abathi nkosi abayongena kodwa yilaba abenza intando yakhe. Intando yakhe yizwi lakhe!"

Mandlenkosi said...

Very Good!

Mandlenkosi said...

Umbuzo kahlekahle obewubuziwe la uthi, 'Kungani ibandla likajehova libe maqembu qembu?'
Hhayi lo osulapha Ku- Article!

Umphongolo wezindaba said...

ngicabanga ukuthi laba abebebuzwa bebewuqonda mfoka Masango umbuzo yingakho bengabanga nankinga ngokuwuphendula uma ubheka izimpendulo zabo ziyahambisana nesihloko esebhalwe ngenhla

Unknown said...

ILeadership idla imali njengemali kuthi abaVangeli bangaphoselwa ngisho eye Colgate nje indibilishi angikhulumi ngalabo okuthiwa a baShumayeli kuyajabhisa okwab o sebehamba eceleni kwezicathulo ungathi bayatayela kanti ubuswezi,iqiniso lithi mhla saKHOLWA nasemalini baFundisi amabandla ayokuma uma kungenjalo kusekuncane "nomile akaqaphele ukuthi umi kanjani"okufike kudabukise kakhulu okwalaba abathi thina asizelanga imali ekukholweni labo ke kuvele kuthi khala uma umbona esebhobokelwe izicathulo ngaphansi worse akhohlwe uma kuthandazwa aguqe afulathele ibandla uma uthi uvusa ikhanda uvele ubone inkinga.

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...