Tuesday, July 14, 2015

Ulandela ubizo ngomculo wokholo uMxolisi mbokazi.



Insizwa esencane yasendaweni yakwaShoba ophongolo ebizwa ngoMxolisi Mbokazi ithi umculo akulona iphupho layo kepha kuwubizo oluvela kumdali, lensizwa ekhonza ebandleni I Standstill Ministry ephethwe umfundisi Sibusiso Malinga ikhiphe umucu phecelezi (single) obizwa ngokuthi "Biz'igama lakhe" awucule ngokuhlanganyela nentokazi ebizwa ngoLwazi ngaphansi kwesitebele somculo esibizwa I Baroka Records emavikini amabili edlule. Nakuba ithi ayikaze yaziphupha icula kepha kube ngamazalwane ekhonza nayo abayigqugquzele ukuthi icule kwazise inekhona eliyisimanga lokucula nokudale ukuthi kuthi ngonyaka ka 2012 yaqala yangqongqoza kuminyango yezokuqopha nokugcine kufezeka kulonyaka. 

Lensizwa ebuye isebenze njengomeluleki enkampanini yezobuchwepheshe ebizwa nge Sinethemba IT consultations ezinse eGoli ibonge kakhulu ugogo wayo umaNgema ngeqhaza alidlalile empilweni yakhe kanjalo nabaphathiswa bevangeli okunguMfu Dumisani Ntshakala (ongasekho), Mfu Sibusiso Malinga, Mfu Jeffrey Ndlangamandla no Mfu Manyika ngeqhaza abalibambile empilweni yakhe kanjalo noMnuz Herbert Ngwenya ongumphathi womculo wakhe.

UmfokaMbokazi obuye aziwe ngelika Kaka kwazise uphinde azibandakanye nezikanobhutshuzwayo uthi abathandi bomculo wokholo abalindele I cwecwe ungakapheli lonyaka. Kulabo abafisa ukumthola bangaxhumana naye kumakhalekhukhwini kulezinhlamvuzokubala ezithi 0733776787.

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...