Kulethe ithemba entsheni waKwashoba ukuthi ngelinye ilanga uyokwakhelwa umtapo wolwazi ngesikhathi kulethwa isibambiso somtapo wolwazi ngumnyango wezamisiko nobuciko ngomsumbuluko.
Lezindaba ziqinisekiswe uNkosazane Mphile Nxumalo omele uMasipala wasophongolo kulesigceme sesishiyagalombili somasipala, umaNxumalo nongowokuzalwa khona Kwashoba uthe " ngesikhathi sivakashelwe ungqongqoshe u Nksz Ntombikayise Sibhidla-Saphetha senza izethulo zethu ezazihlanganisa nakho ukwakhelwa uMtapo wolwazi, wahamba esithembisile ukuthi uzosilethela esizobambisa ngakho kwazise basazosicubungula isicelo sethu sokwakhelwa umtapo wolwazi".
Lendawo yakwashoba enenani eliphezulu labantu abaneziqu ezahlukahlukene zezemfundo ikhiqize abantu abafana no Mnuz JB Ngema usekela Meya womkhandlu waso Phongolo, uLanga Dlamini oyintatheli yoKhozi FM nentokazi ebeyiwubuso bomjaho wamahhashi uNayizolo Simelane nabanye abaningi abavelele emkhakheni eyahlukahlukene.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment