Monday, July 20, 2015

IFIKE KWEZWAKALA IFAYA SOCCER CHALLENGE EGODLWAYO NGEMANDELA DAY

Kube iMandela Day ehlukile emphakathini wasOphongolo eGodlwayo ngesikhathi kunemidlalo yeFaya Soccer Challenge enkundleni yaseMthokotshwayo.
UCllr Buthelezi obebukeka ejabule kakhulu ukubona isasasa ngokunjalo nezindimbane zabantu ebezethamele le midlalo, uzikhiphe izipho kwaze kwabuhlungu ingalo ....
* AmaTeam angu 6 amukeliswe amajezi ebhola amasha ohlobo lakwaAdidas.
* Ogogo abangu 10 banikwe izikhafu zenkampani yakwaSANRAL
* Izingane ezingu 10 zemukeliswe amabhola akwaDunlop.
* Abesifazane abangu 20 banikwe izigqoko zakwaSANRAL.
* Abagijimi abangu 35 bemukeliswe amabhengele akwaSANRAL azosiza ukuthi begqame uma beshaya iroad running
* Abangu 5 bamukeliswe ama R200 cash
* Abangu 5 bamukeliswe ama R100 cash
Kanti uMsunguli wale midlalo uphinde washaya ikhwelo elibhekise emphakathini ngelokuphepha emgwaqeni. Wacacisa nokunye okuningi okwakube yizinkinga ezithinta uN2 nezaziphakanyiswe nguMphakathi ngesikhathi kuhambele uMphathiswa woMnyango weZokuthutha uMnu Willies Mchunu emavikini amabili edlule.
Ube eseqhuba, wacela ukuthi kuqalwe imidlalo yebhola lezinyawo ezohlanganisa nezaguga endaweni. Kanti ube esevala ngokubonga I company avela kuyo yakwaSANRAL wabe esebonga nabo bonke abafake isandla ukuthi lolu suku lube impumelelo.
Kowamanqamu kunqobe iKPMM FC kwiFour Stars sekushaywa amaphenathi ngemuva kokuthi zilingene ngo 2 - 2 emdlalweni oshise usuka waze wayophela.
Kanti ke kube sekuvalwa ngokukhishwa kwemimiklomelo ibheke kulabo abavelele :
* Player of d Tournament : Sima (KPMM)
* Gkeeper of d Tournament : Thabiso (Four Stars)
* Golden Boot : Pencil (Four Stars)
* Man of d Final : Pencil (Four Stars)
* Sportsmanship : Mbongeni (Four Stars)
* Coach of d Tournament : Sandile (KPMM)
* Goal of d Tournament : By Smanga (KPMM)
* Best Celebration : Pencil (Four Stars)
* Man of Semi 1 : Thami (KPMM)
* Man of Semi 2 : Thulani (Four Stars)

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...