Kubobonke abathandi bebhola uma bexoxa alisali igama lika Sphelele 'mfanakagogo' Ntshangase obaba njengopelepele wezinyoni kulezinsuku. Ithimba le NPG newsblog limfuna laze lamthola lase lixoxa naye, ihambe kanje ingxoxo yethu.
1. Ngabe ngubani uSphelele Ntshangase?
= uSiphelele ngumfana nje oneminyaka ewu 22, owazalwa wakhulele eNcotshane, oPhongolo
2. Ngabe ufunde kuziphi izikole?
= ngiqale ukufunda eMagadlela ngase ngidlulela eSimandlangents ha, ngibese ngiwela ngiyofunda e Phongola High School eyaziwa ngeJunior nalapha engagxina khona kwa Standard 7 ngase ngiyahamba ophongolo ngaya eThekwini.
3. UQale nini kuzibona ukuthi ikhono lokudlala ibhola unalo?
=(ehleka) bhuti ngeke uze ukholwe ukuthi ngangena kanjani ebholeni, ngisakhula bekunomakhelwan e wami owayene qembu lebhola elalibizwa ngeMightiles FC okuthiwa ngu Thabo Ngwenya odume ngelika Matwister nowathi ngenye intambama asambe siyejimini. Kwathi uma ebona ukuthi ngiyalithanda ibhola nekhono nginalo wase engithengela elami ibhola enzela ukuthi ngizidlalele ngalo ekhaya uma ngisamlinde ukuthi angithathe siye ejimini.
3. Kungabe udlale kumaphi amaqembu ophongolo?
= ngidlale ku Mightiles FC ka Matwister ngize ngahamba ophongolo ngidlala kuyo futhi ilona qembu elangakha ngaze ngaba nje ngoba okuningi ngikufunde kulo.no mqeqeshi owangipheka wangikhulisa ngu Matwister.
4. Ufike kanjan ku leopard?
= kwaba ukusebenza kanzima okwangenza ngaze ngayozama inhlanhla kuleopard, ngoba ngangizitshela ukuthi ithalente enginalo ilona eliyithikithi lami lokuya empumelelweni futhi ilona eliyongikhipha ekuhluphekeni.
= kwaba ukusebenza kanzima okwangenza ngaze ngayozama inhlanhla kuleopard, ngoba ngangizitshela ukuthi ithalente enginalo ilona eliyithikithi lami lokuya empumelelweni futhi ilona eliyongikhipha ekuhluphekeni.
5 . Awutshele thina njengoba kusukela ngonyaka ophelile maningi amaqembu omataniswa nawo kungabe ubhekephi uSphelele?
= (edonsa umoya) Eh eqinisweni bhuti okwamanje ngisesengumdlal i we Leopard njengoba ngisasalelwe iminyaka emibili kunkontileka yami, futhi izindaba zami ngizishiye ku Agent yami. Okwamanje ngingasho nje kugcwale umlomo ukuthi angazi lutho ngokushiwoyo ngami.
= (edonsa umoya) Eh eqinisweni bhuti okwamanje ngisesengumdlal
6. Uzizwe kanjan uqala ukudlubha ijezi lesizwe futhi wazizwa kanjan uqeda kuthola ithuba elaliyobeka izwe eqhulwini emdlalweni wegambia ukuba langena?
= kunalento enginganayo lebizwa ngokuthi uvalo mina njalo uma ngidlala ngisuka ngidlala ngendlela engiyijwayele angizifaki igcindezi, ukubuyela embuzweni wakho bhuti wami ngalithokozela kakhulu ithuba lokudlalela izwe lakithi, futhi ngibonga unkulunkulu ngokungipha ithalente elifana naleli ngizimisele ukulibamba ngezandla zombili.
7. Uzibona ukuphi eminyakeni emihlanu ezayo?
= eqinisweni bengizibekele emhlanu kodwa ke ngizophendula ngemihlanu ongibuze yona bhuti ngizibona ngikhulile ebholeni, njengawo wonke umfana osesemncane ongumdlali webhola ngizibona ngigijima kwenye yamaligi aphesheya kwezilwandle.
8. Uthini umlayezo wakho entsheni engangawe nencane kunawe esafisa ukufezakalisa amaphupho ayo?
= ngaphambi kokuthi ngisho umlayezo bhuti kunalento engiphatha kabuhlungu le eyenzakalayo ophongolo leyama group ocelemba ngoba iningi lalabafana abenza lamagroup ngiyabazi futhi ngidlalile nabo ibhola ngiyafisa ukuba bayeke izidakamizwa kanjalo nalamagroup bese belandela amaphupho abo, kunoma ngubani ke umlayezo wami uthi asisebenzise ithalente esiliphiwe unkulunkulu bese siyazimisela kwesikwenzayo singadikibali endleleni.
9. Uthini umlayezo wakho kubonabonke abantu abangabalandeli bakho ikakhulukazi basophongolo?
= ngithanda ukubabonga kakhulu abantu basophongolo ngendlela abangiseke ngayo kuyoyonke leminyaka kuze kuzoba imanje, ngiyathembisa ukuthi ngizoqhubrka ngihloniphe ngisebenze kanzima, futhi udumo angeke ngiluthwale ekhanda, ngiyabonga ukungeseka.
10. Siyabonga nkunzi ngesikhathi osiphe sona sikufisela ikusasa eliqhakazile.
= ngiyabonga nami kakhulu ithuba ongiphe lona.
No comments:
Post a Comment