ITakalani FC ibe izingqwele zomqhudelwano webhola obuxhaswe isitolo sasophongolo esibizwa nge Junk, lomqhudelwano owaqala unamaqembu angaphezu kuka 30 ezinyangeni ezimbili ezimbili ezedlule enkundleni yase Sasa, iTakalani fc ishaye iJuventus ngo 1-0 nokuyihlomulise ngo R7500 nenkomishi , iJezi lebhola kanjalo nezindondo zegolide, nakuba iJuventus ishayiwe kodwa izihlomulele ngoR5000 nezindondo zesiliva kwase kuthi endaweni yesithathu kwalala I vlVery Nice FC eshaye I Pongola Black Tigers ngo 1-0 nokuyenze yahamba no R3000 nezindondo zethusi,
Sisekuwo lomqhudelwano uMqeqeshi we Takalani fc uMnuz V.D Gumede uthole R1000 ne nkomishi ngokuba umqeqeshi womqhudelwano kwase kuthi unozinti we Juventus u Tibiliza Mali wagoduka ne nkomishi yokuba unozinti oshaye into ecokeme kulomqhudelwano. U Bongi ' Starch'. Msuthu uhambe nomhlomelo wokuba umshayi magoli ovelele uhambe egugumba ne nkomishi.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment