inyunyana yabasebenzi bezemfundo I NATU ishaye ikhwela kumalunga ayo ukuthi abophe isifociya engasheshi esule emsebenzini ukuze azogwema inhlupheko nokulahlekelwa ngenkulu imali kwazise iba ningi imali esalayo uma usule kungakafiki isikhathi.
lenyunyana ishumayela lelivangeli kuzozonke izindawo ezakhele iningizimu Afrika kwazise inochungechunge lemihlangano lapha ihlangana namalunga ayo. ekhuluma kwenye yemihlangano lowo oyiphini lika Mongameli uMnu Allen Thomson uthe " siyawufuqa lomkhankaso hhayi emalungeni ethu kuphela kodwa kubobonke abasebenzi bakahulumeni ukuze bethole imali yabo isaphelele, ngokuthi balinde beze befike eminyakeni engu 65, ngoba uma beshesha bashiye bathola imali encane".
eqhubeka uThompson uthinte nendaba yokunikwa ingxenye yempesheni kwabasebenzi bakahulumeni abasebenza emnyangweni wezemfundo " kweminye imisebenzi bayanikwa abasebenzi ingxenye yemali yabo ukuze befezakalise izidingo ezithile, nathi sithi abanganikwa yonke kepha abanikwe ingxenye ethile yemali yakhe ukuze kuzogwemeka lezizehlo ofica ukuthi uthisha uyasula emsebenzini ukuze ekwazi ukukhokhela ingane esikoleni.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
Mfundisi Sabelo Shongwe Apostolic Church - oPongolo Ukuthula akube nani bazalwane. imphela lolu,usuku oluhle iNkosy uJesu asenzele lona...
-
Umholi we-ANC Women’s League esifundeni saseMzala Nxumalo, uNkosikhona Mdlalose, udlule emhlabeni engozini yemoto ebuya engqungqutheleni ya...
-
Bewumbonga ngokukluluza umnikazi wamacwecwe angumkokotelo abephulwa ngamaphoyisa edolobheni lasoPhongolo endaweni eyingoje ebizwa ngokuthi k...
No comments:
Post a Comment