Friday, July 31, 2015

UDavide WasOphongolo Ubabambile OGoliath Bama-ATM

Umfanyana omncane wasOphongolo (eligodliwe igama lakhe ngenxa yezokuphepha), uphenduke iqhawe ngesikhathi ebamba phansi amaqola abesebaqedile abantu basOphongolo kuma ATM.

La maqola alahlwe ngelakubo ngesikhathi ezama ukumubamba lomfanyana kwiATM engasePick n Pay. Athathe ikhadi lakhe yena wasala elokhu ethi ulilindele emshinini ukuthi ulibuyise kanti phinde. Ube esecebiswa abasesitolo ukuthi aphuthume ayolivala ngaphakathi eCapitec.

Lo mfanyana akawakholwanga amehlo akhe ngesikhathi eqhamuka ngase Capitec esebona lesi sigebengu siqeda ukukhipha imali yakhe engango R4000. Akabange esachitha skhathi wave esesidumela isgebengu lesi kuba ngongaphansi nongaphezulu. Ngemuva kwemizukuzuku kubukelwa umfanyana eshovashova iqola leli, ube esephumelela ukuthatha ikhadi lakhs nemali kubuya ngakuye.

Omunye obeshayela imoto enezinombolo zaseThekwini okukholakala ukuthi ubengomunye wamaqola ubelokhu ezwakale ememeza etshela uzakwabo ukuthi akamfake emotweni lo mfana bahambe naye, kodwa phinde - kuvele kwabangathi uthela umfanyana ngezibonkolo. Waqhubeka umfana edovadova iqola - abantu be mile bebuka.

Liphunyukile iqola, labaleka langena kuleyo moto encanyana yohlobo lakwaHonda, zashaya isondo - zabaleka izigilamkhuba efikile umfana nezibhakela. Umfanyana lo ube esephuthuma efonela amaphoyisa asOphongolo ewabikela ngodaba.

Amaphoyisa asOphongolo aqhubekile nokwenza kahle njengoba avele asukela phezulu evala zonke izintuba ezingenela Ophongolo nokuthe emuva kwemizuzu babe sebewabambile amadoda amabili, bawavalela.

Icala selivuliwe, kanti okwamanje izigilamkhuba lezi zisatoloza ngaphakathi.

INPG Newsblog ikwazile ukuxhumana nomfanyana obebukeka ethukile futhi engakholwa ukuthi le ndwayimane yezibhakela beyivela kuye, uphawule wathi "Ngiyambonga uNkulunkulu, bekungesiyo impi yami le kodwa bekungeyokuqoqa ubufakazi ngobukhona baKhe".

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...