Uma ungumlaleli wohlelo lukaSgiya ngengoma lwasokhozini , selokhu kuqale uhlelo lwe top 10, ayisali ingoma ka Govozile ethi 'Waxosha indoda', ukwazi kabanzi ngalensizwa sixoxe nayo ihambe kanje ingxoxo yethu
1. Ngabe ngubani uGovozile wazalelwaphi wafundaphi?
= igama lami lokuzalwa nginguMuzikayis e .ngowakwa Khumalo ..ngazalelwa eNtumbane.
2. Ngabe ufunde kuziphi izikole?
= ngafunda e Klipwal primary school .ngaya e Khoza high ..kodwa ngiqede u grade 12 e Mtshekula high khona eNtumbane ngo 2003.
3. Luqale nini uthando lokucula?
= bengilokhu ngingumlandeli kamaskandi kusukela ngama 90s ..kwathi ngo 2010 ngase ngithi ake ngicule nami manje.
4. Yahamba kanjan I album yakho yokuqala?.
= yahamba kahle kangangoba azange ngikholwe nami.
5. Kunalengoma eyayikhuluma ngentombi yakwashoba ngabe wayisuselaphi lengoma?
= cha kwake kwenzeka ngathi ngiyobona intombi yami ngangayithola kwaze kwaba kathathu ..ngase ngikhanda lengoma.
6. ngabe uzizwa kanjan njengoba usohlwini lwabaculi abadayisa kakhulu abayishumi abadlalwa njalo kusigiya ngengoma ?
= kungijabulisa kakhulü ..ngoba kukhomba ukuthi iyezwakala ingoma engiyidlalayo.
7. Ngale komculo ngabe kukhona okwenzayo okukungenisela amasente.
= ngisebenza kwa Eskom kwesinye sesiphehlimandl a esibizwa nge Duvha esise Witbank ngisebenza njenge plant operator.
8. Eminyaken emihlanu uzibona ukuphi?
= ngizobe ngibalwa neynkunzi futhi ngiyobe senginayo. indondo yomculo.
9. Uthini umlayezo wakho obheke kubaculi abasafufusa kanjalo nowubhekise kubathandi nabalandeli bakagovozile?
= kubaculi ngithi abafunde iskole ukuze bebe neziqu okungezabo zomsebenzi .ngoba umculo awusenamali njengakuqala manje ..kanti uma ungenamali ekhikhini ngeke ukwazi ukuqala ukucula ngoba konke kufuna imali .....kubalandel i ngithi abangabi navalo abakhululeke .ngami .inkulu kabi ingoma engiseza nayo.
10. Sesigcina mfokamashobane ngabe ukhonze kuphi ukudla kanjalo nesiphuzo?
osikhonzile
osikhonzile
= ngiyayithanda inyama yenkomo eyosiwe ..and ukudla oku namabhontshisi. .ngithanda i juice i Tropica ..
No comments:
Post a Comment