Friday, July 17, 2015

luzogujwa ngentokozo olukaTata eGodlwayo

luzobungwa ngenjabulo usuku lokuzalwa kwalowo owaba nguMongameli wokuqala wentando yeningi uDokotela Nelson Mandela, lomgubho ohlelwe nguMnuzane Lindelihle Faya Zikalala nobuye abe ngumbhali we NPG News blog uzobe usenkundleni yemidlalo ebizwa ngokuthi kuse Mthokotshwayo endaweni yaso Godlwayo ku ward 4 ngaphansi kwekhansela uButhelezi.

kulomgubho kuzobe kunemidlalo yebhola lezinyawo ebizwa nge Faya Soccer Challenge kodwa ngaphambi kokuthi kuqale imidlalo kuzonikelwa ngokudla kuleyo mindeni ehlwempu, kuphiwe amabhola kumaqemu ebhola asendaweni bese kutshalwa izihlahla khona belu enkundleni yezemidlalo, bese kuqwashiswa abantu ngokuphepha emgwaqeni, nokuyobe sekuqala lona ke ushikishi lwamaqembu amane azobe eshikashikana kwazise azobe ebanga inkulungwane yamaRandi nenguzanguza yenkomishi ehambisana nezindondo ezizotholwa abanqobile nalabo abazolala isibili nezijumbana zezikhwama ezinezipho. Phakathi. Akuzukugcina ngamaqembu ukuhlomula njengoba nabadlali abenze kahle kuyoyonke imidlalo bazohlumula.kanjalo.nomdlali.womqhudelwano, unozinti womqhudelwano, umshayi magoli ohambe phambili bese kuba nomqeqeshi womqhudelwano bonke laba bazozihlomulela.ngezindebe nokunye okuconsisa amathe.

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...