Saturday, September 5, 2015

beliseqophelweni eliphezulu izinga kuvalwa ewuchungechunge ka NATU

INyunyana yabasebenzi bezemfundo iNational Teacher's Union (NATU) iyivale ngezinga eliphezulu imihlangano yayo ewuchungechunge ebizungeza zonke izifunda zalenYunyana ezweni lonkana.

Imiviliyelo yothisha kufika ubuholi be NATU
Umhlangano wokugcina obuyizolo ngolwesihlanu ehholo lesikolo samakhono esibizwa ngokuthi Emandleni Tvet Olundi, ubusesifundeni esibizwa ngokuthi Ulundi Region okuyisona sifunda esimumethe umthamo omkhulu wamalungu alenyunyana ezweni.

Abantu bebebulala kulomhlangano noqale ngomviliyelo wothisha abebeshaya izigubhu wena owabona amaphoyisa, nokuthe sekufika ubuholi obuphezulu obuholwa umhlonishwa uMongameli uMnu Siphosethu Ngcobo bamukelwa iqembu lengoma yengomane.


UMongameli we NATU uMnu Siphosethu Ngcobo
Kuke kwaba nomuzwa womunyu ngesikhathi uMongameli walenyunyana ekhumbuza amalungu owayengusekela mongameli uMnu BMX Sikhakhane odlule emhlabeni ekuqaleni kwalonyaka, uMongameli uMnu Ngcobo ucela ukuthi akhululwe uMnu Sikhakhane ngokuthi kuculwe kwazise ubeyigagu uMfoka Mbomo, akuphola
nga maseko yasha ingoma nokubonakale uMongameli eviliyela namalungu.

Kubese kungena iphini lika Mongameli uMnu Allan Thompson nofika wahluba udlubu ekhasini mayelana nezakamumva ezithinta amaholo neminye imihlomulo kahulumeni, nobekuchwaza indlu yonke uma echaza umfo kaThomson kwazise uphinde ethi phohlo amahlaya kanjalo nokwenza izibonelo ezicace bha.

Lomhlangano obuhanjelwe izikhulu eziphezulu zezemfundo njengoba bekukhona abahloli bezifunda obekukhona owase Mkhanyakude kanjalo nowaso Thungulu nomhloli osewathatha umhlalaphansi wesekethi yaseMahlabathini uMnu SAB Nsele.  uphele liyogamanxa ihora lokuqala emini.





No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...