Sunday, August 9, 2015

owodumo lokuklwebha amapuleti kwaMlogo usengena kwezolimo

UDj Giyani owaduma ngokuba ngu Dj nomhleli wemicimbi yobumnandi endaweni ebizwa ngokuthi ku se Okuhle sport bar noma kwaMlogo uthi usengena kwezokulima nokufuya.

Ekhuluma ne NPG News ngolwesihlanu uthe "akukhona ukuthi sengiyaphuma kwezokuncebeleka kodwa ngizama ukwenza enye into ehlukile kunale engaziwa ngayo, nginothando lokulima nokufuya, ungibona nje manje ngiya eLibrary  ngisayohlanganisa  izinto eziphathelene nakho ukulima".

Lensizwa yakwaNdlovu oLundi eke yathi ukunyamalala kwezobumnandi ithe "bekungakhona ukuthi nginyamalele kodwa bengisesikoleni ngifundela izifundo okuphatha amabhizinizi, kodwa ngibuyile njengoba miningi imicimbi engibe yingxenye ihlelwa ngaphinda ngadlala kuyo lapha oLundi nakwaNongoma"

Nakuba uDj Giyani esebuyele oLundi kodwa usafisa ukusebenzisana nabantu basophongolo ekuletheni ubumnandi. nakuba ayaziwa ngemiyeko ayeyenze kanda kodwa manje useshaya ngezinwele ezimfushane zigundwe kahhle

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...