Saturday, August 29, 2015

ukudla komphefumulo

Mfundisi Sabelo Shongwe
Apostolic Church - oPongolo
Ukuthula akube nani bazalwane.  imphela lolu,usuku oluhle iNkosy uJesu asenzele lona,wasipha, wasibekela okuhle nokungakaze kubonwe futhy kwaziwa. Akesibheke ku-Genesis 1 vs 1-2  “ ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba. 2. Umhlaba wawuyihlane elingenalutho, kwakungubumnyama phezu kotwa, Kepha uMoya kaSomakade wehla wenyuka phezu kwamanzi” imphela mhlobo wami, umhlaba wawungaphili, wawungena simo sokubukeka, wawungahlelekile. Kwakungena themba,akukhotho olwalungaphila. Ithi iZwi kukungubumnyama phezu kotwa, kodwa lalela mhlobo wami, uMoya kaSomandla wawehla wenyuka phezu kwamanzy. Kodwa mfowethu, lalikhona ithemba ngoba UMOYA weNkosi wawehla wenyuka. Cha wawungamile ndawonye kodwa wawehla wenyuka. Awu Nkosi yami. Wawubheka sonke isimo, konke kwakungaphansi kweso leNkosi. Wakhuluma ngolizwi wathi akubekhona ukukhanya, izwi lithy Kwehlukana ubumnyama nokukhanya. Ukukhanya kwanikwa igama lokuthy imini, ubumnyama kwathiwa ubusuku.kungenzeka emphilweni yakho kumnyama,kawunathemba lekusasa futhi ibukeka limfiliba kodwa ngifisa ukukunika isiqiniseko sokuthi UMOYA kaJehova uyehla uyenyuka phezu kwesimo nemphilo yakho. Konke okwenzeka emphilweni yakho kungaphansi kweso likaSomandla. Kusasesilinganisweni. INkosi isiyakhuluma phezu kobumnyama obukuhaqhile imphela methembe usekukhulumile ukukhanya emphilweni yakho. Methembe uSomandla lena indoda yempi.  wenza izinto ezingazange zabonwa yikho lokho afuna ukukwenza emphilweni yakho ukuze kwethenjwe iGama lakhe namandla akhe oDwa nabantu bembone kuwe okwakho ukumethemba ukuthi uyadila nezimo Zemphilo yakho. Nakhu ukukhanya phezu kwemphilo yakho. INkosi ikwenzele amandla okumethemba usalindele ukakhanya kwakho njalo njalo AMEN.

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...