Tuesday, August 25, 2015

UMasuku noMphela bavumbuke kwi-Eagles



Umdlali obengaconsi phansi kubalandeli be-Orlando Pirates nobedume ngomjiko ohehayo,uKhethokwakhe "Bereza" Masuku nomgadli obegijima emaqenjini amakhulu esibala kuwo iMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs, uKatlego "Killer" Mphela sebezitholele ikhaya elisha kuRoyal Eagles egijima kuNational First Division(NFD).

UKiller bekungasamhambeli kahle ngoba ukubhakuzisa inethi bese ekuzwa ngendaba. Walahlekelwa yindawo yakhe eqenjini lesizwe, iBafana Bafana. Wasuka kuSundowns waya kwiChiefs nakhona wafike washukusha ibhensthi. UMasuku ubesephenduke umtshingo ubethwa ngubani selokhu ekhululwa yiPirates ekupheleni kwesizini edlule. Bobabili laba badlali basayine inkontileka yesizini eyodwa.

I-Eagles ephethwe isiquqmama esizinze eThekwini uMnu S'bu Mpisane ibukeka izimisele ukungena esigabeni esiphezulu iPSL ngoba iphinde yengeza noDominic Isaacs odlala emuva naye onamava ebholeni elikhokhelayo eNingizimu Afrika.

U-Abbie Rasimphi wakwaLiberate Resources Sports Management okuyinkampani engamele izindaba zalaba badlali uziqinisekisile lezi zindaba.





No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...