Saturday, August 1, 2015

kusule esinye isikhulu esiphezulu ngenxa yombombayi wesitifiketi

umnyango wezamaphoyisa kuleli I SAPS isikuqinisekisile ukuthi lowo owayeyisikhulu sezobunhloli uMnu Chris Ngcobo usesulile kulombutho emva kophenyo lwangaphakathi olumthole ukuthi isitifiketi sebenga leshumi athi unaso ngesomgunyathi.

uNgcobo selokhu amiswa emsebenzini ngonyaka ka 2013 ngesikhathi kuqala uphenyo lokuhlola izitifiketi zazozonke izikhulu. sekuyintsakavukela umchilo wesidwaba ukusula kwezikhulu zeminyango kahulumeni ngenxa yokusenga ezimithiyo ngemfundo yazo kungaka pholimaseko lowo obeyisikhulu esiphezulusenhlangano ebhekele ezezitimela iPRASA uMnu Daniel Mthimkhulu naye usanda kusula ngenxa yokusenga ezimithi ngezitifiketi athi unazo, lolukhondolo lwezitifiketi ezingekho ludla lubi kulezinsuku.

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...