
uMbhashomnyama okungesinye sesiteketiso se Orlando Pirates usuyinqobe ihlandla lesine lomqhudelwano selokhu waqala eminyakeni emihlanu edlule. unozinti we Orlando Pirates uBrilliant Mhlongo ube yiqhawe ngesikhathi e amaphenathi amabili okube ngeka Yeye Letsholonyane ne Keagan Ritche osebuya isibili kuMpofana emva kokuhamba ngo 2013 kwathi kwezimnyama yagejwa ngu Patrick Phungwayo oyigudlise ipali yaye yayoshaya amabhodi ezikhangiso. lomdlalo obushisa uphele engasekho uThamsanqa Gabuza ophume eseqhugeza emva kokudonseka isicubu sethanga. lomdlalo bese kungoka 101 ku kaputeni wezimnyama u Oupa 'Ace' Manyidsa engakwazi ukuphumula kuleminyaka emibili okudalwe ukuthi ezimnyama zidlale ku PSL, Nedbank cup, MTN 8, Telkom Knockout, CAF Confederations cup ne Carling Black Label cup
No comments:
Post a Comment