Umlingisi we Generations- The legacy uMnu Vuyo Dabula odlala indawo ka Gaddafi Phakade usecele ukukhululwa kulomdlalo owuchungechunge odlala ku SABC 1 ngehora lesishiyagalombili ebusuku kusukela ngoMsombuluko kuze koshaya uLwesihlanu. lensizwa enomzimba ololongekile nabazifelayo ngayo abantu besifazane kubikwa ukuthi ucele ukukhululwa ngoba kuneminye imisebenzi afisa ukuyiqhuba lezindaba zikhishwe uphiko olubhekele ezokuxhumana kuwona lomdlalo osushaya ibuya kwazise uke wangabonakali emoyeni izinyanga ezintathu emva kokuxoshwa kwabalingisi abawu 16 kubangwa amaholo.
bekungakadalulwake ukuthi uzogcina nini ukubonakala kulomdlalo uGaddafi noyimpunyela kulomdlalo onababukeli abalinganiselwa ku 7 million
No comments:
Post a Comment