Umdlali wasOphongolo eNcotshane nobekade egijimela iqembu lePolokwane City kwiPSL usesayine kwiThanda Royal Zulu kuNFD.
Lo mdlali ozakhele kakhulu igama ngesikhathi eqokelwe eqenjini lesizwe elaziwa ngama Binneplaas ngaphansi kukaSimon Ngomane. UNhlakanipho Mkhwanazi useqede konke neqembu eliteketiswa ngelokuthi ''Amabhubesi" nelizinze eRichards Bay. Le nsizwa ebebeyibiza ngo''Shorty'' kwiPolokwane, bese ijime neThanda amaviki amathathu ihlolwa.
Lo mdlali nokho akaphumelelanga ukuhamba neqembu lakhe elisha ukuya eMgungundlovu ngempelasonto njengoba ebethintekile kancane. Kumanje Amabhubesi azilungiselela ukuqala kwemidlalo yeNFD nelizowuqala ekuhambeni ngokuphela kwenyanga.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment