Umdlali wasOphongolo eNcotshane nobekade egijimela iqembu lePolokwane City kwiPSL usesayine kwiThanda Royal Zulu kuNFD.
Lo mdlali ozakhele kakhulu igama ngesikhathi eqokelwe eqenjini lesizwe elaziwa ngama Binneplaas ngaphansi kukaSimon Ngomane. UNhlakanipho Mkhwanazi useqede konke neqembu eliteketiswa ngelokuthi ''Amabhubesi" nelizinze eRichards Bay. Le nsizwa ebebeyibiza ngo''Shorty'' kwiPolokwane, bese ijime neThanda amaviki amathathu ihlolwa.
Lo mdlali nokho akaphumelelanga ukuhamba neqembu lakhe elisha ukuya eMgungundlovu ngempelasonto njengoba ebethintekile kancane. Kumanje Amabhubesi azilungiselela ukuqala kwemidlalo yeNFD nelizowuqala ekuhambeni ngokuphela kwenyanga.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
Mfundisi Sabelo Shongwe Apostolic Church - oPongolo Ukuthula akube nani bazalwane. imphela lolu,usuku oluhle iNkosy uJesu asenzele lona...
-
Umholi we-ANC Women’s League esifundeni saseMzala Nxumalo, uNkosikhona Mdlalose, udlule emhlabeni engozini yemoto ebuya engqungqutheleni ya...
-
UMfundisi ME Vilane uqhubekile wayiqhakambisa indawo yaso Phongolo ngobuhle obenzeka kuyona, ngesikhathi edla umhlanganiso kumiklomelo yab...
No comments:
Post a Comment