
lemidlalo kulindeleke idonse amehlo ezibukeli kwazise imidlalo yokuqala lena esemthethweni ezobe idlalwa ilamaqembu, umdlalo we Orlando Pirates ne Ajax kulindeleke ukuthi ushise kwazise ezikaMagebhula asikwazi ukuphumula njengoba zilokhu ziqhubeka nokudlala ku CAF Confedarations Cup nokulibeke kwelihle izinga lokulolongeka komzimba kwabadlali bezimnyama, ezika Tinkler zizoya kulomdlalo ngaphandle kuka Rooi Mahamutsa, Thabo Matlaba, Thamsanqa Gabuza no Kermit Erasmus.
omunye umdlalo obhekwe ngabomvu ophakathi kwe Kaizer Chiefs ne Marizburg United lomdlalo kwazise kuzobe kungumdlalo wokuqala womqeqeshi omusha waMakhosi uSteve Khompela obeqeqesha yona kanye iMarizburg United nesiqeqeshwa ngobeyiphini lakhe uMandla Ncikazi.
kuzophinda kulindelwe umdlalo wamagqubu phakathi kwe Celtics ne Mamelodi Sundowns kwazise iCeltic yaphendula iSundowns abafana besikole ngesikhathi ibabhudluza ngo 5-0 emdlalweni weligi ngesizini edlule
isiyonke lemidlalo ime kanje
namuhla ngolwesibili 04/08/2015
Orlando Pirates v.s Ajax CT
Orlando Stadium eSoweto
Bidvest Wits v.s Supersports United
Bidvest stadium
kusasa ngolwesithathun 05/08/2015
Kaizer Chiefs v.s Marizburg United
FNB Stadium
Mamelodi Sundowns v.s Bloemfontein Celtic
Loftus Stadium
yonke lemidlalo iqala ligamenxe ihora lesikhombisa kusihlwa
No comments:
Post a Comment