Wednesday, August 12, 2015

ikhuza eyobuzwe I ANC

AInhlangano yezombusazwe iAfrican National Congress ikhuza imvunge ethi iqubuka emaqenjini aphikisayo emayelana nokuthi abantu abangabesizwe samaZulu ibona abaqhoqhobele izikhundla eziphezulu ku ANC nakumadlelandawonye alenhlangano.

Lemvunge iqubuke ngesikhathi kuqedwa kukhethwa uphiko labesifazane engqungqutheleni ebidubuduze nePitoli ngeviki ledlule nalapha kukhethwe uBathabile Dlamini kwesikasihlalo.

Okhulumela ukhongolose kuzwelonke uMnu Zizi Kodwa uthe ayikho lento eshiwoyo ipolitiki engekho evezwa amaqembu aphikisayo nzama ukuzigayela amavoti. lento yobuzwe ku ANC kuthiwa idalwa ukuthi ekomidini elikhulu liphethwe ngu Mnu Jacob Zuma wakwazulu natal elabesifazane nalo liholwa uBathabile Dlamini wakwaZulu Natal elentsha nelingakakhethi kubikwa ukuthi kuthwelwe uMnu Mzobe wakwazulu natal I Cosatu iholwa nguMnu Sdumo Dlamini wak waZulu natal bese ne SACP ibe noMnu Blade Nzimande nosekudale ukuthi kuqhamuke igama elithi ZANC elisho ukuthi Zuma African National Congress.

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...