Monday, August 3, 2015

bekuphume nesidolo kufihlwa iNDIDANE

babalelwa ku 50 000 abantu abebozozima umndeni wakwa Gcwensa izolo ngesikhathi kufihlwa indodana yawo ebicula umaskandi uMtshengiseni Gcwensa obedume ngokuthi isichomane, iNdidane noma isipiklapiklane.

lomculi odlule ngomsombuluko evikini eledlule esesibhedlane sase Dundee emva kokugula isikhathi eside ephethwe isifo sofuba ufihlwe emzini wakhe obizwa ngokuthi kuKwadlulujeqeze olaphaya endaweni yaseMngeni eMsinga.

 
lomgcwabo ugcine usuphenduka idili lomculo ngoba izimoto namatekisi obekuhamba abalandeli beNdidane bekusho phezulu izingoma zalensizwa. amaduku ebephephezela phezulu anobuso balensizwa esikhiphe amacwecwe abalelwa ku 23 yawola nezindodo eziwu 18 nezimonto ezimbili azinqoba nesigcini ezibiza uR24 000,

kuthe mase kuyiwa emangcwabeni kwaya abomndeni nezikhulu ezithile kuphela kwathi bonke abebesenkundleni yesikoleni iSakhisizwe Primary School lapha bekunenkonzo yokumfihla basale bezitika ngengoma ebiqhululwa ngabaculi abehlukahlukene bakamaskandi.

umfoka Gcwensa ushiye emhlabeni izingane eziwu 9 nezingoduso ezimbili

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...