Saturday, August 15, 2015

bathimula eyokufundisa ulimu lwase China ezikoleni zakuleli

inyunyana yothisha iSADTU ikhaba ngazozombili indaba yokuthi kufundiswe ulimu lwase China iMandarin ezikoleni zakuleli nokubikwa ukuthi kuzoqalwa nonyaka ozayo ku Grade 4 kuze kuyo gcina ku Grade 10.

Ngokombiko okhishwe iMail and Guardin kunencwadi ekhishwe umnyango wezemfundo eyisisekelo ophethwe u Angie Motsega, lencwadi isithunyelwe emnyangweni wezemfundo kuzifundazwe zonke ukuzazisa ukuthi ngonyaka ozayo luzofakwa lolulimi ezikoleni.

UNobhala jikelele we SADTU uMnu Mugwena Maluleka uthe lokhu okwenzekayo kufana ncimishi nokwakwenziwa uhulumeni wobandlululo,  ukubafunza into abangayazi kuwukudayisa ngegazi labantu  lokhu.

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...