
Ezimnyama bezibukeka zibonana kangcono bekwala khona ukuthi bekungahlangani kahle mazifika phambili kwazise zithole amathuba amabili kuphela aqonde ezintini ze Ajax nebezigadwe ngu Anssi Jaakkola ongunozinti we Ajax. ibhadi liqhubekile kwezimnyama kuwona lomdlalo njengoba u Lehlohonolo Masalesa ethole ikhadi elibomvu ehlezi ebhentshini nokukholakala ukuthi ukhulume amagama alumelayo ewabhekise kunompempe. njengoba ziphume kuseva ezimnyama nje kusho ukuthi sezibeke amathemba azo emidlalweni ye Confedarations Cup, isicoco se ligi, Telkom Cup kanye Nedbank Cup abasozodlala kuyona lemiqhudelwano.
sisekuzo ezithinta I MTN 8 neSupersport United ifike yatolimisa nayo endishini yokuwasha ijezi njengoba ithelwe othulini I Bidvest Wits ngamagoli amathathu kwelilodwa emva kokuthi umdlalo uphele ngo 1-1 emizuzwini engu 90 kwase kuyiwa mizuzwini ewu 30 ebizwa nge Extra Time ngolimi lwesilungu nalapha iBidvest Wits iyigile igoda iSupersport ngamagoli amabili nokubese kuwenza abamathathu kwelilodwa ekupheleni komdlalo, amagoli eBidvest Wits ashaywe ngu Sfiso Vilakazi, Daine Klate no Hendrico Botes kwathi elokubikwa leMatsatsatsa a Pitori lashwaywa ngu Jeremy Brookie
No comments:
Post a Comment