iMarizburg United ithuse abaningi ngesikhathi kuyiwa ekhefini ihamba phambili ngo 2-0 noe ngamagoli ashaywe ngu Kert Letjies beno Thamsanqa Teyise. kuthe makubuywa ekhefini kwangathi kukhona inkinobho ecofiwe ku Kaizer Chiefs ngoba iphendule ngamagoli amathathu asheshayo ashaywe ngu Goerge Lebese amabili nelilodwa lika Bernard Parker. kuthe sekusele imizuzu ewu 8 umdlalo uphele umkhonto wagwazekhaya kubafana basePhefeni ngonyawo luka Siyanda Xulu ethi unikeza unozinti u Reyaard Pieterse kanti akekho ezintini lonozinti nokwenze amagoli alingana ngo 3-3.
kubese kuyiwa emizuzwini engamashumi amathathu ( extra time) uXulu uligezile igama lakhe ngokuthi athole igoli elibuyise ithemba kuMakhosi kwase kuthi ngemizuzwana yokugcina washayela isipikili sokugcina ebhokisini le Marizburg United u Hendrik Ekstein . nokuthe emva kwesikhashana wasewuqeda unondweba umdlalo lafa kanjalo ke ikhehla ku Team of Choice okuyisiteketiso seMarizburg.


No comments:
Post a Comment