Wednesday, August 5, 2015

kuzobe kugcwele osaziwayo kubungaza ibandla lomholi we Pongola Gospel Wagon

kulindeleke ukuthi ihanjelwe abantu abaqavile emkhakheni eyahlukene inkonzo yokubungaza iminyaka emibili laba khona ibandla likaMfu Themba Mathe ocula phambili ku Pongola Gospel wagon.

ekhuluma ne NPG news uMfu Mathe ohola ibandla le Jesus Love Church uthe lenkonzo izoqala ngomhlaka 7 okungolwesihlanu kuze kuyoba isonto lomhlaka 9 kulenyanga  esikuyo esikoleni I Simandlangentsha Higher Primary School eNcotshane esigcemeni sakwa B nalapha kuzobe kungenwa bhusende. eqhubeka okaMzilankatha uqinisekisile ukuthi lenkonzo izobe izimaziswe ngosaziwayo abafana no Vusi Thanda owaduma ngo Tshawe emdlalweni wamahlaya owawubizwa ngokuthi Emzini Wezinsizwa, abaculi abafana no Thabile Myeni no Donny Ngwenyama wengoma ethi "Basheshe bahleka" nabanye abaningi nathe umphakathi uzozibonela bona"

lenkonzo ezoqala ngehora lesithupha kusihlwa izobe ibophele abafundisi abafana no Mfu Jeffrey Ndlangamandla, Mfu Donny Ngwenyama no Mfu N Mkhize, umculo uzobe utholakala njengoba kuzobe kunabaculi abaningi ne Pongola Gospel Wagon izobe iqhulula amanoni ayo eyaziwa ngawo.

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...