Saturday, October 31, 2015

Aphinde aba ngompetha bomhlaba ama All Blacks

Iqembu lebhola lomboxo lasezweni lase New Zealand neliteketiswa ngokuthi ama All Blacks liyivikele ngobunono indebe yomhlaba ngesikhathi libhuquzisabkabuhlungu omakhelwane bayo I Australia ngamaphuzu angu 34 kwangu 17 emdlalweni wamanqamu obudlalelwa ezweni laseNgilandi nosekungumlando ukuthi lona belu izwe lase Ngilandi laphuma useva lomqhudelwano.

Lelizwe elisesiqhingini litshengise zisuka nje ebhandeni ukuthi alizile ukuzosinisa amahleza lizosebenza njengoba lithole amaphenathi amathathu asheshayo neseqamugqa esisodwa phecelezi itry ngolwasemzini. Nakuba izamile I Australia ukupatanisa amaphoyinti ambalwa kodwa I All Black's ikuqede konke lokho ngesikhathi ishaya iseqamugqa ngomzuzu wokugcina nephelezelwe I convention.

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...