Saturday, November 28, 2015

Ukudla koMphefumulo no Mphostoli uMandla Masango

Phakamisa uJesu konke kuzolunga

UJesu uthi encwadini Ku- John 3:14 Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa
15 ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo abe nokuphila okuphakade.                        

La uJesu usikhombisa isixazululo esikhona kulo lelizwe esiphila kulo nakuzo zonke izimo esidibana nazo imihla ngemihla. Isixazululo nje kukho konke ukuthi siphakamise uJesu ngaphezu kwezimo esibhekene nazo. uNkulunkulu wanikeza uMose amandla okukhipha u-Israel eGibhithe ebase eKhenani, kodwa indlela yokuya eKhenani yayidlula ehlane elibi ngoba lalinezinyoka ezinesihlungu. Abanye bafela endleleni ngenxa yokulunywa yizinyoka. UNkulunkulu wathi mayekubona lokho wathi kuMose: “Zenzele inyoka enesihlungu, uyibeke ensikeni; kuyakuthi yilowo nalowo olunywayo, lapho eyibheka, uyakusinda.”
UMose wenza inyoka yethusi, wayibeka ensikeni; ukuze kuthi lapho inyoka imlumile umuntu, uma ebeyibheka inyoka yethusi, wosinda. (Bona Ku-Numbers 21:8-9).

UJesu uziveza njengenyoka yethusi naye kulesisikhathi esiphila kuso. Okushukuthi noma ngabe yini ekuphazamisayo noma ekuhluphayo empilweni yakho, phakamisela amehlo akho kuJesu, zonke izimo azizukuba namadla phezu kwakho. Nokufa akunamandla uma uphakamisela amehlo akho kuJesu futhi ubeka ithemba lakho kuye. Beka uJesu phambili kuzo zonke izinto ozenzayo ukuze kube nempumelelo. Akukho okungakwehlula uma ubeka uJesu phambili kuzo zonke izinto ozenzayo. Noma ngabe abantu bathi Akwenzeki kodwa wena kumele wazi ukuthi, "Okungenzeki ngokwabantu, kuNkulunkulu kuyenzeka" (Bona Ku-Luke 18:27).
Empeleni kuya ngokuthi wena uphakamise ubani. Uma uphakamise izinkinga obhekene nazo esikhundleni sokuba uphakamise uJesu, izinkinga zizoba namandla okuba zihlale zikhona. Phakamisa uJesu, konke okumelene nawe kuzothoba. Nguwena kuphela ophethe ukhiye wayo yonke iminyango okumele uyingene empilweni. UJesu uthi kuwe namuhla, 'Njengalokhu uMose aphakamisa inyoka ehlane, kanjalo umele ukuba umphakamise naye'. Phakamisa yena konke kuzolunga, Amen!

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...