Monday, November 30, 2015

Owavundulula ikhono likaDeco uthi uzobe engcwaba kwasani kuFaya Soccer Challenge

UMnuz Kaizer Dladla ongumsunguli weqembu leCitizen nelaziwa ngokuvundulula ikhono kubadlali abaningi abagijima Ku PSL Baku NFD uthi uzobe engazele kusinisa amahleza kumqhudelwano obizwa ngeFaya Soccer Challenge nowasungulwa nguMnu Lindelihle Faya Zikalala nobuye abe kuthimba le NPG newsblog.

Lomqhudelwano ozobe udlalelwa endaweni yaseQwasha okuyindawo esezinzulwini zendawo yaseMahlabathini ngaphansi kwesigceme seshumi nesikhombisa phecelezi ward 17 neliphethwe ngukhansela uJomo Ngema nobekhona ngesikhathi kuqhathwa lamaqembu.

UKaizer uthe usewumbile umgodi wokugcwaba iqembu lokuqala adonswe nalo okuyi Young Stars nalapho ethembise Khona ukuthi uzobe ephethe izinti zokuvungula kwazise uzobe ezidlela nje kukho konke azobe edibana nakho.

UmfokaMgabadeli ubekhuluma ngesikhathi kuqhathwa amaqembu ayishumbi nesithupha esikoleni kwaNomzimane ngesonto lomhlaka 29 kuLwezi.

Lomqhudelwano ozungeza izindawo kwazise uke wabanjelwa egoli kanjalo nasoPhongolo kulindeleke ukuba ushise kusukela uqala ngomhlaka 12 kuZibandlela uze uyophethwa ngomhlaka 19 kuye uZibandlela.

Asewonke amaqembu aqhathwe kanje ngokwamabhodwe omkhumalajezi.

Pot A

Chelsea vs Green Mamba,
Young Chiefs vs Star Action
Young Stars vs Citizen,
Mphothi Rovers vs Democracy.

Pot B

All Blacks vs AmaRok
Talented vs Mbudle City
FC Barcelona vs Form Five
PK Stars vs Cosmos.

Lomqhudelwano uyayikazela yimiklomelo econsisa amathe kubadlali nakanjalo kubalandeli. Ngeke igcine enkundleni kuphela kodwa izobuye ilule isandla nasemphakathini.

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...