Wednesday, December 9, 2015

Lisenethi - Ayamfimfa amathuba okuya e Rio kuma Glug glug

Aya ngokuba luvindi amathuba eqembu lebhola lezinyawo labeminyaka engaphansi kuka 23 okuyomela izwe emidlalweni yama Olympics ezodlalelwa ezweni laseBrazil kudolobha elibizwa nge Rio de Janeiro.

Abafana Baka Owen Da Gama bashaywe kabuhlungu yizwe lase Algeria NGO 2-0 emdlalweni owandulela owamanqamu izolo ebusuku eSenegal nalapha kuqhubeka khona umidlali ye CAF 8 nations tournament.

Amaglug glug nabophele umfana wasoPhongolo uSphelele 'Mfanakagogo' Ntshangase azolwela ukufa nokuphila emdlalweni wokubanga indawo yesithathu nalapha bezogijimisana nezwe laseSenegal nelingosokhaya elishaywe kabuhlungu yi Nigeria ngo1-0 komunye umdlalo owandulela owamanqamu khona izolo ntambama. Kulindeleke lomdlalo ube ngowamagqubu kwazise lamazwe azobe edibana okwesibili kulomqhudelwano walonyaka njengoba kwaba yiwona avula lomqhudelwano nosekungumlando ukuthi kwanqoba iSenegal ngo 3-1.

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...