Tuesday, October 24, 2017

Bebeyizela ngamatshalo omama bakwaNhleko bembeswa ngunobhala wentsha yaso Phongolo

uMnumzane Syabonga Sibiya nodule ngelikaSpuku noma Tira ongunobhala womkhandlu wentsha kamasipala wasoPhongolo uzishaye zaphelela ekhweni lakhe kwaNhleko ekhiphunyawo wabuya wathembisa umshado unkosazane Thobile Nhleko emcimbini ubungalempelasonto esiphuma kuyo.

UmfokaSibiya nobuya Abe nguthisha eMagutshwa High School uthathe lesinqumo emva kwesikhathi eside bendawonye ngakwezothando noNkosazane wakwanhleko abangonkukhu ziyakhalelana kwàzise imizi yakubo ayiqhelelene kakhulu.

Lomcimbi obuhanjelwe ngothisha, abasebenzi bakamaspala, izihlobo zalezithandani kanjalo nomphakathi waseKhihunyawo lapho kuzalwa Khona lezithandani. Lomcimbi oqale ngomgqibelo lapha bekukhulunyiswa khina abàyeni bahlatshiswa kwathi ngesonto kwaba nomcimbi wokwembesa kanjalo nowokuthembisa umshado.

Sunday, August 13, 2017

NeDowns ilale iliwashile ijezi kweye MTN8

Nabalaleli beMamelodi Sundowns abasalanga ngaphandle ekulaleni nezinhliziyo ezibuhlungu kwazise iqembu labor libhaxabulwe kabuhlungu NGO 1-0 lishaywa iMarizburg United izolo ntambama ePitoli.

Leliqembu laseMphithi neliqeqeshwa uFadlu Davids lizithole lihamba phambili ngomzuzu Ka 56 ngegoli elishaywe u Evans Rusike. Nakuba igcine iguqile iSundowns kubonakele edlalisa abadlali bayo abasha okungu Oupa Manyisa no George Lebese.

Sisekuzo ezithinta I MTN 8 aqhathiwe amaqembu azogijimisana kweyandulela eyamanqamu nezoba imilenze emibili. IMarizburg United izodlala me Supersport United bese kuthi iCape Town City igijimisane me Bidvest Wits nezobe ivikela lesicoco eyasinqoba ngonyaka ophelile ibhaxabula iSundowns ngo 3-0.

Saturday, August 12, 2017

Uqhubekile nokuba iqaqa kwaChiefs uKomphela

Umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela uphinde wahluleka ukuzuza izinhliziyo zabalandeli baleliqembu ngokuthi liyoke kube Khona indebe eliyizuzayo ngaphansi kobuholi bakhe.

Amakhosi aphinde aba ukudla kwenduku ephuma ekuseni kumqhudelwano we MTN8 ngesikhathi eshaywa iqembu le Supersport United eMoses Mabhida stadium izolo ebusuku. Amatsantsantsa a Pitori naqeqeshwa ngu Eric Tinkler akhombise zibekwa nje ukuthi afuna ukudlulela esigabeni esilandelayo salomqhudelwano njengoba ahambe phambili ngesiwombe sokuqala ngegoli lika Jeremy Brockie.

Alokhu ayaziqathakela Ku MTN 8

Aqathaka ubuqathaqatha amaqembu emqudelwaneni wokuvula isizini eMzansi emqhudelwaneni we MTN8 njengoba esemabili amaqembu asezithole ebhekene nendishi yokuwasha ijezi kulomqhudelwano obalwa nemidala kuleli.

Izolo iqembu le Lamontville Golden Arrows lizithole seliwasha ijezi emva kokushaywa ngompetha beligi iBidvest Wits ngo 5-4 sekukhahlelwa amaPenalty emva kokuyhi umdlalo uphele zibambene ngo 2-2 emdlalweni obuneziwombe eziningi ebzikushiya ubambe ongezansi kwazise kuphume amakhadi abomvu amahlanu.

Kwathi namuhla uBenni Mccarthy nosagcwele amazolo kwezokuqeqesha uzibonakalisile ukuthi wayengagcini ngokuba umgadli owashayayo amagoli kuphela njengoba iqembu aliqeqeshayo iCape town City ibhabhadise iPolokwane City ngo 1-0 nokube umkhonto ogwaze ekhaya.

Kusalindeleke umdlalo oshisayo phakathi kwe Kaizer Chiefs ne Supersports United nozoba seMoses Mabhida Stadium namuhla ebusuku. Kulindeleke u Eric Tinkler aqhubeke nokuzihubela isobho ku Steve Komphela kwazise kuwona onke amaqembu aseke awaqeqesha uTinkler ufike ethi qhoqhoqho ekhanda ku Komphela.

Thursday, August 10, 2017

UMourinoh usejoyine iPirates

Iqembu le Orlando Pirates selimemezele lowo obeyisekela lomqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani 'Mourinoh' Mokwena njengephini lomqeqeshi wezimnyama.

Lenziswa eteketiswa ngelika Mourinoh imenyezelwe namuhla emini ukuthi izoba isekela lomqeqeshi naye osabala izinsuku efikile kuleliqembu laseSoweto uStrakovic.

Kusazocaca ukuthi laba abebengamasekela kulesizini edlule okungu Jazz Queen Legodi no Benson Mhlongo ukuthi ikusasa labo lizomaphi kuleliqembu eliqede isizini libalwa namanye amaqembu asinde ngokulambisa ekudlaleni imidlalo yamaplay offs edlalwa iqembu eliqede endaweni ka15 kulog kwazise liqede endaweni ka 13 nobekube ngokokuqala emlandweni waleliqembu kusukela kwasungulwa iPSL ngo1996.

Monday, July 10, 2017

Ahambe kanje ama Awards e PSL


Footballer of the Season: Lebogang Manyama (Cape Town City)
Absa Premiership Top Goal Scorer: Lebogang Manyama (Cape Town City) - 13 Goals
Absa Premiership Player's Player of the Season: Lebogang Manyama (Cape Town City)
Absa Premiership Goalkeeper of the Season: Darren Keet (Bidvest Wits)
Absa Premiership Defender of the Season: Thulani Hlatshwayo (Bidvest Wits)
Absa Premiership Midfielder of the Season: Aubrey Ngoma (Cape Town City)
Absa Premiership Young Player of the Season: Phakamani Mahlambi (Bidvest Wits)
Absa Premiership Coach of the Season: Gavin Hunt (Bidvest Wits)
National First Division Top Goal Scorer: Sedwyn George (Royal Eagles) - 20 Goals
Telkom Knockout Player of the Tournament: Aubrey Ngoma (Cape Town City)
Nedbank Cup Young Player of Tournament: Nduduzo Sibiya (Golden Arrows)
Nedbank Cup Player of the Tournament: Abbubaker Mobara (Orlando Pirates)
MTN8 Last Man Standing: Daine Klate (Bidvest Wits) 
Referee of the Season: Phelelani Ndaba
Assistant Referee: Luvuyo Pupuma
MultiChoice Diski Challenge Player Of Tournament: Keletso Makgalwa (Mamelodi Sundowns)
Absa Premiership Goal of the Season: Siphiwe Tshabalala

Wednesday, July 5, 2017

ULAXAZE iMabala Noise uDJ Bongz

UBongani Dlamini nowaziwa ngokuthi ngu DJ Bongz usule isigubhukane izolo enkampanini yokuqopha nabengumsunguli wayo iMabala Noise wayozosungulela eyakhe ebizwa ngokuthi iGwaragwara Entertainment.

UBongz nowaduma ngwngoma ethi Thina sobabili ubephethe ngokubambisana no Reggie Shelembe ku Mabala Noise nelokhu inuka iqaqa emva kokuwina inqwaba yezindodo komculi ongaphansi kwayo uNasty C kuma Metro Award kulonyaka nokwaqubula omkhulu umsindo ezweni abanye bethi vele akhokhelwe igwaqaza lama awadi.

Nakuba ekhiphe isitatimende ekhasini lakhe lika Facebook uBongz akafunanga ukunaba ngokumenze waqoka ukuphuma ibhodwe lakhe kulenkampani elokhu ishiywa abaculi abanohlonze njengoba no Rick Ricky ayilaxaza emva kokuthi ethe ama awadi ayathengwa lapha emzansi nakusho eyokwemukela indodo kuwona ama Metro Award.


Tuesday, June 27, 2017

Seligqabukile igoda phakathi kuka Teko Modise me Sundowns

Emva kweminyaka engaphezu kwemihlanu engumdlali weMamelodi Sundowns uTeko Modise lufike esiphelweni uhambo lwakhe kuleliqembu lase Pitoli emva kokungavumelani ngenkontileka yonyaka owodwa abenikwa yona iSundowns. Lezindaba zokugqhashuka kocu ziqinisekiswe iyona qobo iMamelodi Sundowns kusitatimende esanda kusikhipha.

UModise nowafika ku Bafana bestayela esuka ku Orlando Pirates udle isicoco se Caf Champions league, eseligi amahlandla amabili, iNedbank cup ukukha phezulu kuleliqembu lempunyela uMnumzane Patric Motsepe.

Nakuba eseneminyaka ewu 34 kubikwa ukuthi amaqembu afana ne Kaizer Chiefs, Cape town City kanjalo ne Orlando Pirates ayanyamaniswa nokumsayinisa kwazise azomthola bhusende.

Monday, June 26, 2017

Kumisiwe ukudayiswa koLamthuthu kuleli

Umnyango wezolimo kuleli izolo umise ukudayiswa kolamthuthu abaphilayo kuleli ngenxa yokwesabela umkhuhlane okuthiwa uphethe lezinkukhu nezithathwa njengezidliwa kakhulu kuleli.

Ngokwemibiko lomkhuhlane uqale ukubikwa ezweni laseZimbabwe emavikini edlule.

Zikhohlwe iNombolo iziboshwa kutheleka abadansasakuhalisa

Kubikwa ukuthi kujajuliswe iziboshwa zasejele elibizwa ngokuthi I Johannesburg Medium B Prison ngesikhathi kunombungazo wenyanga yentsha ngempelasonto edlule.

Kubikwa ukuthi kutheleke izintokazi ezimbili ebezigqoke izimpahla eziveza umzimba zazodansela iziboshwa. Kuthe kusa namuhla bekusabalele izithombe zalaba besifazane bebonakala bethintathinta isiboshwa ezinye zibukela. Okhulumela umnyango wezokuhlumelelisa isimilo uMnuzane Logan Miestry usiqinisekisile lesigameko waphinda wabalula ukuthi kunabasebenzi abayishumi nantathu abazophoswa imibuzo ngalezithombe neziqale ukuvezwa ngu DJ Fresh ekhasini lakhe Lika Twitter.

Saturday, June 24, 2017

Bekungathi aphoswa ngesandla amagoli kushaywa I Pirates kuNedbank

Ubungafunga ukuthi kulolongwa uNozinti we pirates uSyabonga Mpontshane ngendlela abegalakadela ngawo epalini amagoli eshagwa yi Supersport emdlalweni wamanqamu we Nedbank izolo ebusuku eMoses Mabhida Stadium eThekwini.

Nakuba iqale yethembisa i Orlando Pirates esiwombeni sokuqala sisasuka kodwa uBradley Grobbler uvele wayicisha yonke lento evalela ngebatha igoli lokuqala nokuthe ngewombe sesibili yabuya kwangathi isixhunywe ogesini iSupersport ivalela phakathi amagoli amathathu ashaywe nguyena Grobbler nobese kungelesibili kwaba elikaJeremy Brockie noke wathola iphenathi wabanjelwa ngumfoka Mpontshane elesine lishaywe ngu Kingston Nkatha nobesuka ebhentshini.

Ezimnyama zithole elokubika nokube iphenathi engine ngonyawo lukakaputeni uOupa Manyisa. Ezika Iron Duke kubonakala lesizini kube ngembi kunawonke selokhu kwasungulwa iPSL ngo1996 njengoba iqede endaweni ka 11 kuligi kanti nakhu isishweba ne nkomishi yakwa Nedbank nobese kuyithemba lokuthoba abalandeli izinhliziyo.

Saturday, June 3, 2017

Ikhuluma kuningi I DA ngokumiswa kuka Helen Zille

Iqembu le Democratic Alliance likhiphe umbiko wokuthi lowo owayengumholi walo uNkosikazi Helen Zille umisiwe emva kokuthi abhala encoma uhulumeni wamakhamandela ukuthi wasebenzi umbuso wakhe kwazise iningi inqala sizinda eyakhiwa ngalesosikhathi.

Imibiko ekhishwe ileliqembu ngomlomo womholi wayo uMusi Maimane ithe kumiswe umaZille kuzonazonke izinhlaka zeqembu ngaphandle kwesikhundla sokuba uNdunakulu wesifundazwe saseNtshonalanga kapa. Nakuba bese kusabalele ukumiswa kuzona zonke izinhlaka zaleliqembu kukaZille kuphinde kwavela eminye imibiko ethi unikwe iziñsuku ezintathu ukuthi aphendule ukuthi kungani angeke emiswe eqenjini.

Friday, June 2, 2017

Kukhalwa ngobugebengu edolobheni lase melmoth

Umphakathi wase Melmoth namaphethelo usunxuse izinhlaka zonogada, amaphoyisa kanye npphiko olulwisana nobugebengu iCPF ukuba zingenelele ekunqandweni kobugebengu obuhlalise lubhojozi umphakathi osebenzisa leli dolibha.

Lokhu kulandela izigameko zokubanjwa kwenkunzi abantu nosekuphenduke insakavukela umchilo wesidwaba kulesi sigameko kufaka phakathi ukubanjwa inkunzi kowesifazane obengaphakathi esitolo esikhulukazi sakwa Shoprite kulona lelidolobha.
Isisulu e since zoku da buka endaweni eseShowe sithe sibikele onogada bakulesisitolo kodwa bazithela ngabandawo umenzi wokubi kuthiwa use waphuma esitolo wabuya eseshintshe izimpahla zokugqoka" sikhathele ubugebengu edolobheni elincane nakangaka onogada abenzi lutho ekubeni izigameko zenzeka phambu kwabo okungenani ubezwa bencoma bethi ilokhu kusile abantu babanjwa inkunzi lapha esitolo" kusho lona wesizane obethuthumela. Kulesisitolo kutheleke ebebehamba nesisulu banikela ehhovisi lemenenja bacela ukuba kubhekwe umfanekiso ogciniwe othwetshula amakhamera lapho lungena noma kuphuma ama khasimende kulesi sitolo, nokuyilapho umfanekisi uveze khona lesisigilamkhubu sikwenza lokhu maqede saphumu esitolo
Isisulu sivule icala esiteshini samaphoyisa eMelmoth kodwa akekho umuntu osaboshwe.

Kwenzeka lokhu nje kulelidolobha wethuka izanya umphakathi waseThubalethu elokishini njengoba sekuze kwatholakala izidumbu zabantu ababulawa maqede bagqitshwe kulendawo. Lezi dumbu kuthiwa zatholwa abafundi beya esikoleni ngesonto eledlule nakhona kwavula amacala esiteshini samaphoyisa esise Melmoth kodwa akekho umuntu osaboshowe. Umphakathi uthi izinhlaka ezilwisana nobugebengu mazingenelele ngokukhulu ukushesha.

Thursday, May 18, 2017

Unqobe isicoco seligi okwesine uHunt he Bidvest Wits

Umakadebona kwezokuqeqesha ibhola likaNobhutshuzwayo uMnuzane Gavin Hunt ulokhu eqhubekile nokuba inkunzi emalundalunda izimendlela zesicoco seligi emva kokunqoba indodo yesine ngesikhathi iBidvest Wits ibangimpetha beligi izolo ebusuku emva kokushaya iPolokwane City ngo 2-0 eMilpark egoli.

Lomphumela uqiniswe nawukudlala ngokulingana ngo 2-2 kweMamelodi Sundowns ne Marizburg United neke yahamba phambili ngo2-0 ngaphambi kokuba bebuye ngasekugcineni abafana bestayela bakwazi ukulinganisa nobesekungeke kubasize ngalutho njengoba lomphumela ubabeke kumaphuzu angu 56 kanti i Wits inawu60 nosekufana nokuthi iyoba isidlalela ukuba sendaweni yesibili iqembu lasePitoli.

Kanti kumaqembu adume njengamakhulu kuleli okuyi Kaizer Chiefs ne Orlando Pirates kubukeka ukugula kufana kuwukuthi kwehlukenwe ngamawodi alaliswe kuwo njwngoba ichiefs iphinde yathola isibhaxu sika 2-0 kuPlatnum Stars nokuyishovele endaweni ka 5 kwathi ezikaMagebhula zadlala ngokulingana ngo 0-0 ne Ajax Cape town nokuyibeke endaweni ka 11 nosekucacile ukuthi izoqopha umlando omubi wokungangeni kutop 8 selokhu kwaqala iPSL ngo 1996.

Kanti kwavika izembe okuyi Chippa United nesizama ukubuya emva kokubhudluza I supersport United NGO 3-0 izolo, I free State Stars, Bloemfontein Celtic, Highlands park kanye he Baroka FC kubukeka obheke ehlathini nozodlala amaplay offs eyobonakala ngeviki elizayo nalapha Kobe sekuwumdlalo wokugcina wawo one amaqembu.

Friday, May 12, 2017

UNCUKE ABALANDELI UMOTAUNG NGESIMEMEZELO

KUKHEXE izihlathi kubalandeli beKaizer Chiefs emva kqesimemezelo esenziwe umphathi weqembu leKaizer Chiefs ubaba uKaizer Motaung izolo emini esithangamini sezindaba egoli.

Kuse izolo sskusabalale izindaba zokuthi kuzoba nesithangami saleliqembu esiphuthumayo nokuthe uma sesihleli wathi uMotaung uzomemezela abaxhasi abasha abazobhekelela ezempilo zabadlali nabasebenzi beqembu nokuyinkampani yakwa Medshield.

Iningi labalandeli lisale lidangele kwazise bebelindele ukuthi kumemnyezelwe ukuxoshwa komqeqeshi walelileqembu uSteve Komphela noziqophele umlando kuleliqembu ukungalinqobisi neyodwa indebe kumasizini amabili selokhu kwathi nhlo emlandweni we PSL.

USHIYE PHANSI IPHALAMENDE WABUYELA KWA ESKOM UMOLEFE

LOWO obeyilunga lephalamende nokungekudala efungisiwe uMnuzane Brain Molefe ushiye phansi lesikhundla sasephalamende wabuyela enkampanini yokuphehla ugesi kuleli u Eskom, uMolefe ubuyela nje kwa eskom vele wayesuke khona emva kokuthi kwaba khona ukuthinteka kwegama lakhe embikweni walowo owayenguMvikeli womphakathi u Advocate Thuli Madonsela.


Wednesday, May 10, 2017

ABUKEKA EFIPHALA AMATHEMBA E CAPE TOWN CITY OKUDLA ESE PSL

EMVA komdlalo wayizolo lapha I Cape Town City ithole isibhaxu sika 4-2 idindwa iSupersports United abukeke elimala amathuba okuthi ingaba ngompetha besicoco we Ligi.

Leliqembu elinezinyanga lakhiwe limangaze abaningi ngebhola elilidlalayo ngaphansi kobuholi buka Eric Tinkler vele selingompetha be MTN nalapha lashaya I Bidvest Wits nababangisana nayo isicoco seligi nokuyimanje yiyona eqwakele ngamaphuzu angu 57 bese ilandelwa iSundowns ngamaphuzu Angu 54 emva kwemidlalo ewu 27 kanti ezika Tinkler zinamaphuzo angu 52 emva kwemidlalo ewu 28 nokubonakala sekungaba umlingo ukuthi igudluze lamaqembu amabili base Gauteng.

Sisekuzo ezithinta iPSL uMqeqeshi wesikhashan weMarizburg United u Fadluresman Davids uqokwe njengomqeqeshi wenyanga ka April kwasekuthi uDennis Onyango nongunozinti we Mamelodi Sundowns uqokwe njengomdlali ovelele wayo belu inyanga ka April.

Tuesday, May 9, 2017

ZIBAKHALELE BEYOTITINYA EWEBE IZINKOMO ABESIKEBHE

KUBOSHWE abaholi abane benhlangano elwa nobugebengu, ISKEBHE emgwaqweni u-N2 besuka Empangane nowesilisa obeyoshayelwa ukukhipha iqiniso ngezinsolo zokweba izinkomo. Bobane laba baholi babekwe icala lokuthumba umuntu. Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uColonel Thulani Zwane uthe owesilisa obethunjiwe usizwe ngamaphoyisa abenze isivimbamgwaqo. "Amaphoyisa avimbe imoto eyiloli lohlobo lwe-Hundai bafica abesilisa abahlanu kuyo. Kuthe besayisesha bezwa owesilisa ekhala ememeza kule moto ecela usizo emaphoyiseni. Uthe uthunjwe yilama doda esiKebhe amthathe Empangeni amsola ngokweba izinkomo." kuchaza uZwane. Uqhube wathi amaphoyisa abophe laba besilisa babekwa icala lokuthumba, bazobuyela eNkantolo yaseMpangeni ngoLwesibili oluzayo sebezofaka isicelo sebheyili. Akwaziwa ukuthi ubesiwaphi lona wesilisa kodwa Iiskebhe sidume ngokuthela induku abasolwa baze bakhiphe iqiniso ngobugengu abasuke besolwa ngabo.

Sunday, April 9, 2017

Earthquake hits Pongola

Reports streamed in from across north of KwaZulu-Natal that another earth tremor on Sunday in uPhongolo.

uPhongolo was affected by the tremor – which lasted a few seconds and five seconds in Ncotshane township and other places at around 8:56pm.

The last time uPhongola was hit by 4.70 Magnitude mb earthquake was in March, 1982 which covered a distance of 10km. Before that, there had another one in 1970 for 3.70 magnitude mb. While there are no accident reportedly but many have taken to social media to express their experience.

Saturday, April 1, 2017

Inkantolo ivune ukutshalwa nokubhenywa komthunzi wezinkukhu ezweni

Lithe lishona elayizolo bekunuka igudu ezweni emva kwesimemezelo esenziwe inkantolo enkulu yezwe sokuvuna ukutshalwa nokubhenywa komthunzi wezinkukhu ngenkululeko kuleli.

Izolo kumenyezelwe ukuthi abantu sebengazishukela igudu emakhaya ayi ezindaweni ezivulelekile.

Iphinde yadliwa izembe iMoroka Swallows

Kube nomuzwa obuhlungu kubathandi bebhola ikakhulukazi beqembu elithathwa njengelidala eNingizimu Africa iMoroka Swallows emva kokudliwa izembe kusigaba esibizwa nge ABC Motsepe league nebiyaziwa ngokuthi ivodacom nokuyisigaba esiphakela isigaba esibizwa nge First Division.

Izinyoni zishaywe NGO 2-1 yi Vaal Processional nokuyiqembu elake lalunguza Ku PSL. Lomphumela ubeke izinyoni esigabeni sama amesha esibizwa nge SAB league. Kumasizini amathathu leliqembu selidliwe kathathu yizembe ezigabeni ezahlukene ngokulandelana.

Akubonakali kuzothusa ukugica leliqembu lase Soweto ligijima ezitekini ezibekwa ngamaholidi ogudi nawokhisimuzi kwazise vele umthetho uzobe ulivumela.

Sunday, March 19, 2017

Sekuphinde kwagadla ukufa embonini yezokuncebeleka ngo Joe 'Sdumo' Mafela

Sesiphinde sagubezelwa ifu elimnyama isizwe ikakhulukazi embonini yezokuncebeleka emva kokuvela kwezindaba zokudlula emhlabeni yenye yezinqalabutho zokulingisa uMnuzane Joe Mafela nobedume ngelika Sdumo.

UMafela udlule izolo ebusuku engozini yomgwaqo ebandakanya imoto yakhe eyi Ford Kuga neveni okuthiwa zishayisene nokuphethe ngokuthi athule Khona lapho uSdumo.

Lengwazi yaziwa kakhulu ngemidlalo efana no Sgudinace, Khululeka kanjalo me Generations, the legacy nalapha abedlala Khona.

Saturday, March 11, 2017

Bekuwusizi lodwa kungcwatshwa izingane ezimbili ezimize ewela.


Nakuba kade kuwusizi emindenini embili yaseWela emuva kwesigameko sokushona kwezingane ezimbili eziminze emfuleni okuyona le ndawo kodwa zigcine zingcwatshiwe ngemizamo yolekelelo lukaMaspala waSolundi izolo

Umkhandlu osoLundi izolo uhambele endaweni eseWela ngaphansi kuka ward 8 oLundi njengoba kade kungcwatshwa abafana ababili abamize bedlala emfuleni.

Lesisigameko sifaka phakathi umndeni wakwa Zondi nowakwa Makhoba. Kanti izisulu zineminyaka ewu 13 newu 14 ubudala.

Umeya womkhandlu wasoLundi wedkulisele amazwi enduduzo emindenini emibili elahlekelwe,wave esenxusa abazali ukuba baqaphele izingane zingadlaleli emifuleni nasemadanyini.

Ligcine limila ikluma leMpande yothando lokubhala kumbhali wezincwadi

Usezincinze kwaze kwaphuma igazi umbhali wezincwadi ngenxa yokuthi akakholwa ukuthi ngabe iphupho lakhe lokushicilela incwadi lifezekile

uMnuz Thulani kaPhumuza Seme nongowokudabuka kwaNongoma namanje akakholwa ukuthi ligcine lifezeka iphupho lakhe lokuba ngumbhali njengoba isiqalile itholakala ezitolo incwadi yakhe ebizwa ngokuthi Impande yothando nosekunesikhathi eside ezama ukunxenxa abashicileli ukuba bamshicilelele yona nokuphethe ngokuthi aqhume ephaketheni azishicelelele yona.

Lencwandi ayichaze njengencwadi equkethe ukuxwayisa nokugqugquzela abantu abasha kanjalo nezamabhizinizi kubantu besifazane ibivame ukuzwakala emsakazweni iNongoma FM nalapha ayifunda bukhoma njalo ngamasonto emini.

Nakuba kuyincwadi yakhe yokuqala Lena kepha uzibona engeke esasuka kulomgudu wezokubhala kwazise ubona kuyicebo likajehova ukumhambisa kuyo njengoba engafisi ukugcina ngokubhala izincwadi kepha ufisa nokugcina ebhala imidlalo kamabonakude eyofika ezingeni lomdlalo owawubizwa ngokuthi iTsotsi nowanqoba indondo phesheya kwezilwandle.

Kulabo abafisa ukuzitholela lencwadi ebiza ikhulu namashumi amahlanu ompondo (R150) bangayithola eThekwini e Adams Booksellers Ku Dr Pixley ka Seme Street (West Street) kanjalo nasesitolo sakwa Boxer Punch kwaNongoma kanti kwabangekho eduze kwalezindawo bengamthinta kumakhalekhukhwini kunazi izinhlamvuzokubala 0715202387.

Thursday, March 9, 2017

Kubuyiselwe emphakathini ezase Mpangeni enyakatho ye kwa Zulu Natal


Uthi uzoqhubeka nokubuyisela emphakathini ohlwempu uMnuz Sihle Cheese Boy Mthembu ongumsakazi emsakazweni womphakathi iZululand FM njengoba eqhuba uhlelo olubizwa nge" Dress A child Campaign Uthi lokhu kuwukubuyisela emphakathini oweswele.
uMthembu uhambele endaweni yakwesakwa Mthethwa ezikoleni ezahlukene, lokhu bekufaka phakathi isikole samabanga aphansi iMbabe Primary school kanye nesikole samabanga aphakeme uYengo High Scool. Nokuyilapho anikelele khina ngomfaniswano kubafundi abahlwempu. uCheese Boy wenza loluhlelo lokubuyusela emphakathini nje ubengahambi yedwa njengoba kade ebonakala ephelezelwa osomabhizinisi abehlukene. UMthembu ekhuluma nabezindaba uveze ukuthi lolu uhlelo akade afisa ukulwenza njengoba eqale lapho akhulela khona. Kanti konke lokhu Uthi ukwenze ngenhloso yojugqugquzela nakwabanye esebepbumelele ukuthi bengakhohlwa ukukhumbula lapho bekhulele khona. uCheese Boy ubonge bonke ababambe iqhaza nokwenza loluhlelo lube impumelelo.

Wednesday, March 1, 2017

ABAWUVALANGA UMLOMO OPHONGOLO NGOKUVAKASHELWA U NOTHANDO HLOPHE

Isihlabane somculi esaziwa kakhulu ngengoma ethi khululugcobo sifike sasula inkomishi ngomgqibelo ntambama e sontweni i Christian center oPhongolo. Lapho ebemenywe khona u Mfundisi u pastor A Matse. Kujabule ngisho esidindozelayo isalukazi ngeculo lakhe adume ngalo elithi khululugcobo. Kade engahambi yedwa ebe hamba no Nduduzo Matse ongomunya wabaculi abavelele kwezomculo wezenkolo. Asikwazanga ukukhulumisana nabo noma umfundisi wase christian center kepha esikubonile ukuthi balikhuphule kakhulu izinga kwezenkolo njengiba sebaqale ukubiza osaziwayo babasoneze kubantu.
Abashingo ukuthi bazophinda nini ukuphakamisa igama lasophongolo   kepha ukhulunkulu uzobapha amanye ambandla

Sunday, February 26, 2017

Uvikela umbuso wabamhlophe u Pravin - ANCYL KZN

Ubuholi obuqedwa kukhethwa buka Khongolose buthi abusamthembi u Pravin Gordan nonguNgqongqoshe wezezimali kuleli nemsola ngokuvikela amabhizinisi abamhlophe.

Lenkulumo nebithulwa nguNobhala Jikelele osanda kukhethwa uThanduxolo Sabelo uthe bona njengentsha kakhongolose bayameseka lowo osanda kufungiswa njengelungu lePhalamende u Brian Molefe ekutheni athathe isikhundla sika Pravin kwazise uMolefe bambona njengomuntu ozosindisà ezwe.

UMolefe nowayeyisikhulu esiphezulu sakwa Eskom washiya kulenkampani ephehla ugesi emvakombiko kalowo owayenguMvikeli womphakathi uThuli Madonsela wokuthi wayenokuxhumana isikhawu eziningi nesinye sezigwili zakwa Gupta nezisolwa ngokuzixebulela nokuzilawulela kuhulumeni wakuleli.

Bukhethiwe ubuholi bentsha ka ANC KwaZulu Natal

Inhlangano ka ANC esifundazweni sakwaZulu Natal igcine ibukhetha ubuholi bayo ngolwesihlanu ebusuku kungqungquthela ebibanjelwe eThekwini.

Bukhethwe kanje ubuholi bakulesifundazwe
 Kwazi Mshengu - Chairperson;
Sbo Thembela Hlabangane - Deputy Chairperson;
Thanduxolo Langelihle KaMduduzi Sabelo - Secretary;
Nomfundo Zwane-Dlamini - Deputy Secretary;
Verus Thobelani Ncamphalala - Treasurer.

Ubingelele nge Draw omusha we Pirates

UMqeqeshi oMusha we Orlando Pirates uMnu Kjell ubehleli okokuqala ebhentshini ngesikhathi iqembu lakhs libhekene ne Polokwane City emdlalweni we League nophele ngo 1-1 e Orlando Stadium.

Monday, February 20, 2017

Bebeyikake la ingalele khona abalandeli ngomqeqeshi omusha wePirates

USihlalo weqembu le Orlando Pirates ubadide wabaqeda abalandeli baleliqembu ngesikhathi ememezela uMqeqeshi ozothatha izintambo kwezimnyama namuhla esithangamini sezindaba.

U Iron Duke nokuyisiteketiso sika Khoza umemeze u Kjell Jonevret   njengoMqeqeshi omusha wezimnyama. Lomqeqeshi odabuka kwelase Sweden no kun gang ablaze in ukuthi iningi labalandeli bayaqala ukuzwa ngaye kubikwa ukuthi wake waqeqesha uSyabonga Nomvethe ngeminyaka yo 2005 esagijima Kuqembu lakhona eSweden nelake lagijinyelwa uLance Davids kanjalo no Mark Mayambela I Djurgarden FC.

Iningi labalandeli bebhola kuleli bese bebaningi abaqeqeshi abebamatanisa nalomsebenzi owalaxazwa uMuhsin Etugral ngonyaka ophelile bekuvela igama lika Benni Mccarthy, Dane Malesela,Solinas nabanye abaningi.

Lomsebenzi ubusabanjwe ngu Augusto Palacious nobesizwa u Bradley Carnell okubikwa ukuthi useshiyile kwezimnyama indawo yakhe izothathwa u Harold Legodi wodumo lwaku Mamelodi Sundowns ngesikhathi isadlisa nge Shoeshine and Piano.

 

Saturday, February 18, 2017

Uphinde wadedela isigubhu uBlaq venomous/Feleba

Umdidiyeli womculo we house nobuye Abe ngu DJ u Sfiso "Blaq venomous/ DJ Feleba" Dlamini udedele esinye isigubhu kungoma yakhe enza ethi uMaqondana nalapha apike Khona insizwa ebizwa ngo Goodman kanjalo nentokazi engu Ntomza.

Lensizwa eyaziwa ngokudedela igqomu yayikade ithembisile ukuthi kukhona esakupheka ngesikhathi ikhuluma me NPG newsblog ngonyaka oPhelile.

Lengoma yalensizwa yasoPhongolo isiqalile ukuzwakala eziteshini zomsakazo zomphakathi kanjalo iyatholakala kuma website omculo wamahhala.

Iyizingqungqulu zase Afrika I Sundowns

IMamelodi Sundowns iqhubekile nokuzibhalela umlando omude kwezebhola e Afrika nasemhlabeni wonke jikelele ngesikhathi inqoba i Super cup nokuwumdlalo odlalwa yileloqembu elinqobe indebe ye Champions league kanjalo naleli elinqobe i Confederations cup nokube yi TP Mazembe yase DRC.

Abafana bestayele okuyi Sundowns inqobe lomdlalo ngo 1-0 nokube yiphenathi edalwe yileliqembu lase DRC nengqomfelwe phakathi ngumdlali odabuka eBrazil u Nascimento.

Leliqembu lempunyela uMnu Patrice Motsepe libonakala nakulonyaka lingalususile unyawo emafutheni njengoba lilokhu linqoba imidlalo ubuthaphuthaphu yeligi nelizama ukuvala igebe kwazise lisalele emumva njengoba belibuye libambezeleke emidlalweni ye Champions league.

Friday, February 17, 2017

Inkondlo ebhekiswe Ku Lundi Ngu Senzo Mathebula

Ngaphambi kokuthi ashone,
Wabhala ingoma,
Ethi mphefumulo wami uyophelelaphi na?
Kanti usuzoshiya emhlabeni umfoka tyamara,
Ngakho-ke Rest in peace lundi,
Iqhaza obulibambile emhlabeni likhulu,
Yize noma ukuhamba kwakho kube ngendlela ebuhlungu nene sihluku,
Abanye bashaya izandla bathi umphefumulo ngathi ungalala ngokuphumula,
Nceku emhlabeni uculile,
Nkosi Ngezinsizi zalomhlaba mphefumulo wami uyophelelaphi na,
Iithi ibhayibheli la emhlabeni asakhile sonke singabokufika,
Ngelinye ilanga kithi sonke ukufa kofika,
Alwehlanga lungehlanga tyamara nathi ngelinye ilanga sofika lapho,
Ang'thuki njengoba uthule,
Mina ngsabusiswa ngowakho umculo,
Umculo wakho mfwethu uyafana namagama enduduzo ngawo siyaduduzeka.
Uyasiphilisa,Noma ngabe sekutheni,Noma ngabe sekunjani kodwa ithemba lami lohlezi likuwe jehova,

I.G@senzo_mathebula
E.g@senzohdapoet
0734427605

Thursday, February 16, 2017

Sekuhlukane inhloko nesixhanti Ku Gymah ne Orlando Pirates

Umdlali obethathwa njengenye yezinsika zeqembu elibhedelwa yizinto kulezinsuku I Orlando pirates okungu Erdwin Gymah wehlukene naleliqembu laseGoli.

Lomdlali odabuka ezweni lase Ghana nobe seqenjini lesizwe ebelidlala Ku Afcon selokhu ibuyile imidlalo yeligi kuleli akakaze abonakale nakanye emidlalweni emithathu esidlalwe ileliqembu.

Ngokwesitatimende esikhishwe yiqembu lomdlali owafika kweznyama esuka Ku Supersport United uzicelele ukukhululwa kulezinkunzi zase Soweto.
INHLEKELELE YENGOZI ENTABENI YAKWAMLOGO 
SEKUPHINDE KWABE NESEHLAKALO ESISHAQISA UMZIMBA KWAMLOGO. LOKHU KWENZEKE NGEMUVA  KOKUTHI I TRUCK INGALAWULEKI IVELE IZIPHONSE EMOTWENI ENCANE I FORD BANTAM. SEKUJWAYELEKILE LOKHU KULEYA NDAWO NJENGOBA SEKUNE ZEHLAKALO EZININGI EZENZAKALAYO KULEYA NDAWO MAKUKE KWANA IZULU. AKUKAPHAWULWA KULOMZUZU UKUTHI BANGAKHI ABANTU ABA SHONILE KULENGOZI. ABAHAMBA NGO N2 BAYALAYEZWA UKUTHI UMGWAQO USA BHIZO

Wednesday, February 15, 2017

I ANCYL isiphosele inselelo kuDube Ncube kolwezinkinga eMkhanyakude

Uphiko lwentsha kwi ANC okuyi ANCYL eMkhanyakude seluzwakalise ukukhathazeka ngendlela okusebenza kukamlawuli kulomkhandlu. I ANCYL I size yaphoqeleka ukuthi inhale incwadi iyibhalele ihhovisi likangqongqoshe womnyango wezokubusa nokubambisana ngezindaba zobuholi bomdabu uNkosikazi Nomsa Dube Ncube ukuba likhiphe umlawuli kulo mkhandlu ochazwe nje gokhungethwe izinkinga. Unobhala weAncyl eMkhanyakude uMnuz Thobelani Ncamphalala uthe konke okwenzeka kulokhandlu akubaphathi kahle" selokhu lomkhandlu wakhungathwa izinkinga kusukela ngenyanga kaMfumfu ngo2015 mhla kuqokwa uMnuz Mutton Sithole ukuthi abeabe ngumlawuli walomkhandlu, sikhatheinkohlakalo,ukukhishwa kwamatender ngendlela engafanele,ukungaxazululeki kwenkinga yamanzi,ukudliwa kwezimali zomkhandlu kanye nokungacaci ngokusebenza komkhandlu" bekusho uNcamphalala. Eqhuba uthe babhale incwadi ebinikeza uDube Ncube izinsuku eziyisikhombisa ukuthi ayiphendulo aphinde athathe isinqumo ngoMnuz Sithole.kuvela loluphiko lukhuluma kanjena nje umkhandlu oseMkhanyakude usuze waphenduka undaba mlonyeni ngodaba lwabahlali abeswele amanzi. Ngonyaka owedlule abahlali baseMkhanyakude babamba imibhikisho eyabe inodlame bekhala ngokugqoza kokunikezwa ngezidingo ngqangi okwabe kufaka phakathi innings yamanzi. Umphakathi wagxeka ibukhona bedamu laseJozini kodwa elingaphakeli abahlali ngamanzi.

neWits ayisalanga ngaphandle kwabazixebulela emkhomeni ose Orlando

Iqembu le Bidvest Wits lifike laxebula nalo amaphuzu amathathu kuqembu le Orlando Pirates nesiphenduke okudla kwenduku kusukela lafakelwa iqembu le Supersports United ibhadi lokuyixebula ngo 6-1 ngonyaka ophelile.

Amabhakaniya eza kulomdlalo nokungoweshumi lingakaze lanqoba libuya esibhaxwini sika 6-0 libhaxabulwa yi Mamelodi Sundowns nalapho umdlalo waba nezidubedube amalandeli bengena enkundleni .

Leliqembu elizobe ligubha iminyaka engamashumi ayisishagalombili lasungulwa libhinjelwa yizinto nje alinamqeqeshi kulokhu kusabambe u Augusto Palacious nosebambe izintambo kusukela kwashiya uMuhsin Ertugral emva komdlalo ne Supersport United.

Akwaziwa mbhantshi kujiya kuleliqembu lase Soweto nelaba ngompetha base Afrika ngo 1995 njengoba uSihlalo wayo uMnu Irvin Khoza ethe uzomenyezelwa ngomsombuluko ozoqeqesha leliqembu.

ithimba lezezinhlakelele selime ngomumo ngenkanyamba ezayo

Ungqongqoshe wezokubusa nokubambisana KwaZulu Natal uNkosikazi Nomusa Dube umaNcube uthi amathimba abhekele ezokutakula nabosizo oluphuthumayo sebeme ngomumu ukubhekana nenkanyamba ebizwa ngokuthi ngu Dineo okubikwa ukuthi izohlasela enhla nesifundazwe sakwa Zulu Natal kusasa. Kulindeleke isiphepho esinamandla nesizohambisana nezikhukhula.

Lenkanyamba okubikwa ukuthi iqhamuka ezweni laseMozambicue isiqalile ukubonakala kulelalizwe nalapha kubikwa Khona ukuthi mningi umonakalo ewudalile.

Monday, February 13, 2017

UMongameli wase Melika ube nengxoxo ekhethekile nowakuleli

UMongameli wase Melika uMnuz Donald Triump izolo uthathe ucingo waluhloma kuMongameli wakuleli uMnu Jacob Zuma nobekuhambisana nokubungazwa kosuku lwezwekazi lase Africa.

LaboMongameli babengxoxo ekhethekile nokubikwa ukuthi kuningi abakuxoxile nokufaka phakathi ezomnotho kanjalo nokusebenzisana ezintweni ezithinta ukuhwebelana phakathi kwalamazwe amabili.

Kuphinde kwayi Six Mabone kwezimnyama zishaywa elasePitoli

Iqembu le Orlando Pirates liphinde lathola ayisithupha kwelinye iqembu lase Pitoli nokuyi Mamelodi Sundowns ngomgqibelo ntambama emdlalweni we PSL.

Ezimnyama nebezikhangula abadlali bazo abathathu ebathenge Ku Chippa United ayilibonanga elidlalayo ngoba zithe ziya ekhefini bese zivele zopha ngamagoli ka Themba Zwane no Percy Tau nokuthe makubuywa zathola amane okube iPhenathi eshaywe u Nascimento ngamabili ka Thapelo Morena nelilodwa Lima Percy Tau nokuthe uma kuqeda kungena elesithupha kwamnyama inkundla abalandeli be Orlando Pirates begcwala enkundleni beyozibambela mathupha kubadlali nakubamba mqeqeshi uMnu Augusto Palacious, lesisenzo sabalandeli sishiye kunomonakalo omningi nokuze kwasiza ukungenelela kwamaphoyisa nafike aqhumisa isisi esikhalisa umnyembezi nesisize ukuhlakaza isixuku wakwazi ukuqhubeka umdlalo nobese kusele amanenjana emizuzu.

Sisekuyo eye PSL iqembu le Kaizer Chiefs liqhubekile nokwenza kahle kwasize linqobe iMarizburg United ngo 3-1 kwathi kumdlalo womkhaya obuphakathi kwe Cape Town City ne Ajax Cape Town kwanqoba I CT City ngo 2-0. EThekwini I Lamontville Golden Arrows inqobe ngo 2-1 Ku Bloemfontein Celtic.

Friday, February 10, 2017

Akleliswe phezulu kweyosuka olulodwa ama Proteas

Iqembu lesizwe lekhilikithi lakuleli neliteketiswa ngokuthi ama Proteas likleliswe laba sendaweni yokuqala kumidlalo yosuku olulodwa phecelezi ODI emva kokuhlula izwe lase Sri Lanka emidlalweni emihlanu nebidlalwa yilamazwe amabili kusukela ngenyanga eyedlule.

Lelizwe neliholwa ngu AB De Vililiers liyigojele izolo lemidlalo nalapha libhaxule I Sri Lanka ngemigijimo engu 88 nokuyiwona mdlalo abakwazi ukuziqoqela amaphuzu ngaphambi kokuthi behambe beye ezweni lase New Zealand nalapha beyodlala imidlalo eminingi yochungechunge kanjalo neyosuku olulodwa neyoba yandulelwe yi T20.

Thursday, February 9, 2017

Kuqhume mpama, nqindi nesililo ethula eyesizwe uMongameli wezwe

Kuphinde kwaba nokuthuthana ngamandla phakathi kwe EFF nabezokuvikela ephalamande izolo ebusuku ngesikhathi kuzokwethulwa inkuluma yesizwe phecelezi i State of the Nation.

Kuke kwaphazamiseka isikhathi esingangehora nalapha amalungu eEFF ne DA bephazamisa esathi uyaqala uMnuzane uZuma nalapha bebethi akakwazi ukuba sephalamende ngenxa yokuthi akumfanele ukuhola isizwe ngendaba yemali eyakha umuzi wakhe oseNkandla.

Lomdonsiswano uze wajiya ngesikhathi sekucelwa abezokuvikela ukuba bekhiphe amalunga e EFF navuke umbhejazana alwa kwashaywana ngomakalabha nangezibhakela. Kunele kwakhishwa ezikaMalema kwavuka iDA nayo ephazamisile yagcina iphumile ephalamende. Kanti vele ngaphambilini kuqale kwakhishwa uMnu Will Madisha we COPE nokuthe ogcine ukuduba lomhlangano kwaba yilungu le AGANG.

Iqhubekile inkulumo kamongameli nalapha ithinte khona izinto ezifana nokufukulwa komnoyho wakuleli kanjalo nokwakhiwa kwamathuba emisebenzi nezemfundo

Wednesday, February 8, 2017

Bekungathi aphoswa ngesandla amagoli kweye PSL

Abengena ingathi aphoswa ngesandla amagoli emidlalweni ye PSL ebidlalwa izolo nokuyimidlalo okungeyesiwombe sesibili seligi emva kokuphumula ngamaholidi kakhisimuzi kanjalo nekhefu elidalwe imidlalo ye Afcon nebibanjelwe eGabon nosekuwumlando ukuthi ithathwe izwe lase Cameroon.

Lemidlalo yalapha ekhaya nebisilambekwe izinkumbi zabantu ibithe chithi saka izolo njengoba I Kaiser Chiefs ikhalakathisele amagoli amathathu kwelilodwa ishaya I free State Stars.

Kwathi iBidvest Wits yashaya I Ajax Cape Town ngo 5-0, kanti iChippa United izithathele amaphuzu amathathu Ku Baroka United ngo 2-1. Kwathi iCapetown City iqhubekile nokuziqoqela amaphuzu abalulekile njengoba ithele I Highlands Park ngo 3-0

Monday, February 6, 2017

Yigolide leli akuwona umbombayi - Igcokama elisha

Umculi kaMasakandi uMthandeni 'Gcokama elisha' Manqele uthi umona ophethe lava abahambe bethi akusilo igolide leli abeliphethe elitshengisa ukuthi usedayise amacwecwe angaphezu kuka 16000.

Lomculi osezakhele udumo ngezingoma ezinomlayezo ubeyokhombisa abalandeli bakhe leligolide kanjalo nezimoto zakhe ezintsha ceke eThekwini ngempelasonto

AKUGEJI sizomphazamisa uzuma Ku SONA- EFF

Iqembu me Economic Freedom Fighters lithi nakulonyaka lisazoqhubeka nokumphazamisa uMongameli wezwe uma esethula inkulumo yesizwe ngomhlaka 9 kwephezulu ephalamende ekapa.

Leliqembu eliholwa nguMnuz Julies Malema likhuluma kanje sekuyaziwa ukuthi vele hlezi limphazamisa umongameli wezwe uma ekhuluma nalapha lisuka livele limemeze lonke kanye kanye.

Kubikwa ukuthi ezokuphepha zoba ziqinile kakhulu kulomncimbi kwazise ngonyaka ofile kwaze kwaqhuma nequpha kududulana amaholi be EFF nonogada basephalamende.

Iqede ishobolo leminyaka iCameroon

Izwe lase Cameroon liqede ishobolo leminyaka lokunganqobi I African Cup of Nation nelayigcina ngonyaka ka 2002.

Ama domicable lions nokuyisiteketiso seCameroon athathe lenkomishi ethathwa njengenkulu kunazozonke ezwenikazi lase Africa izolo ebusuku ezweni lase Gabon nalapho elinqobe Khona ngamagoli amabili kwelilodwa beshaya iqdmbu lesizwe lase Egypt.

Friday, February 3, 2017

Inkondlo no SenzodahPoet


Mina Ngizokuthanda yize uthando sebethi luphumile estayeleni,
Abanye nabanye sebaludayisa ngemali encane emgwaqeni,
Mina ngizokuthanda yize kunjalo anginandaba nabazongikhuluma bengisho ngamagama,
Ngoba sthwandwa olwakho uthando mina ngiluzwa ngaphakathi,
Ngifuna sithandane kumhlaba wonke size siphenduke isibuko sothando,
Sibe ngama role model kubantu abashiswa uthando, bebukele k'thina,
Yaz' baby,ungichaza ngalendlela yokuthi ngijabula noma ngibona anything elinka kuwena,
Ngiyazi abangazi babhizi bayakhuluma emahontshini bathi intando,
Kodwa uyazi love kim usenhlizweni uphila ngaphakathi,
Kunestayela esithi uthando,uthando ngoba inhliziyo enothando,
Kodwa ngizwa ngathi umzimba onothando,
Ay' mina anginankinga noma singabanga nalolothando olusestayeleni,
Okuke kuyiwe kulo kwamhlanga,
Just ukuyodla nje I beef n' curry,
Lolu oluyi show off okubhalwa kuzo nezimpahla ngamagama amakhulu ukuthi bae,
ay' yazi mina angidingi ukugqoka izingubo ezinde ezimhlophe or isudu enokumnyama nokumhlophe,
ukuze ngiprove kumhlaba ukuthi uwumuntu wami woqobo,
Cha noma thina singahluka kulesitayela sabo,
Noma thina singaba wongoma uyayona sihluke kulendlela yabo yothando,
Sithandane singagijimisi imali,
Silwele uthando ay' ubukhazikhazi bezinto ezibizayo,
Ngoba ekugcineni siyokhala,
Sthandwa sami mina ngifuna sihluke,
Yonke into siyenze ngokubambisana,
Uma ngingekho uze ungikhumbule ukuthi ngingedwa,ungalingeki,
Ngoba lomhlaba unesihogo sesilingo,
Sthandwa sami mina ngifuna sihluke kwabanye,
Uthando lwethu lunganciki phezu kwent' ethize,
Ungangithandi ngoba ufuna ok'thile,
Kuthi uma sekungasekho uhambe uyofuna ongak'siza,
Cha ngifuna sithandane kubi ngathi siyabukisa,
Sithandane size siphenduke izilima phezu kwezi hlakaniphi,
Sithandane lize izwe libukele kithina,
Sibambisane,
if we do that I'm sure all types of media on the day of 14 will be talking about us,
Ngifuna ukungadumi ngenkondlo,Ngidume ngothando,
Yazi sthandwa mina ngfuna ukuhluka nje kulabantu,
Happy valentines people
(senzo_mathebula)
LOL
Senzohdapoet

Thursday, February 2, 2017

Kubukeka engezukufihlwa ngobuhulumeni uLundi Tyamara

Lowo obengumculi wokholo ulundi Tyamara kubukeka umngcwabo wakhe ungeke uzuxhaswe uhulumeni njengoba kwenzekile koka Sfiso Ncwane no Thandi Klaasen.

Ngokombiko wamaphephandaba lomculi odlule emhlabeni ngenxa ye TB yesisu kubikwa ukuthi asikho isikhulu sika hulumeni esike sabathinta ngokuthi lomngcwabo uzothathwa uhulumeni.
Nakuba uNgqongqoshe wezobuciko uMnuzane Nathi Mthethwa eke wayobhonga emswaneni.

Ulundi uzofihlwa kusasa ekhaya kubo eWorcester eNyakatho kapa.

Sebebhemisana iNyaope ngegazi

Izolo kuqubuke izindaba zokuthi sekukhona indlela entsha yokubhema inyaope kumabhemi bayo okuwukuzijova ngegazi lalowo oseyibhemi uma usugagadekile.

Lezindaba ezibikwe Times live izolo kuthiwa labor abanganayo imali yokuthenga lesisidakamizwa bayaye becele kulowo osebhemile ukuthi abajove ngegazi lakhe kwazise lona lisuke selidakwe ilesidakamizwa nesesiyiqedile intsha eningi kuleli.

Tuesday, January 31, 2017

Balunguze kwaze kwasa abalandeli beChiefs kungangeni mdlali oseqophelweni

Abazange bebuthi quthu ubuthongo abalandeli nabathandi beqembu le Kaizer Chiefs ngesikhathi belindele ukuthi mhlawumbe iqembu lizosayinisa abadlali abanohlonze kwazise sebekhale kakhulu ngokuthi kumele kuqiniswe ngamafolosi kanjalo nozogijima eswini.

Leliqembu elithathwa njengelikhulu ngokuba nabalandeli abaningi kuthe kuvalwa isikhathi sokudayiselana abadlali kwamaqembu belisayinise umgadli wase Italy obizwa ngokuthi uGustavo Paez yase ilula inkontileka ka Eric Mathoho ngeminyaka emithathu.

Sisekuzo ezokusayinisa kwamaqembu iOrlando Pirates ilale ithole uDove wome obeku Supersports United, kungena ele Supersports nje iphinde yalande owayegijima ku Kaizer Chiefs uMandla Masango emboleke eqenjini lase Denmark i Randers.

Thursday, January 26, 2017

Sekuphinde kwagadla ukufa kumculo wokholo ngo Lundi

Kungakapholi maseko abathandi nabalandeli bomculo wezokholo besapholisa amanxeba okulahlekelwa ingwazi u Sfiso Ncwane sekuphinde kwagadla ukufa ngokudlula emhlabeni kuka Lundi Tyamara.

uLundi nowaqhamuka emculweni wazamazamisa izwelonke ngengoma ethi "mphefumulo wami" ubelokhu engena ephuma esibhedlela ngenxa yokuba ne TB yesisu.

Ngokwe Times live lezindaba ziqinisekiswe umthombo osondele kakhulu kulensizwa.

Tuesday, January 24, 2017

Usebongile ukudlalela izwe lakhs uKatsande

Ukaputeni wezwe lase Zimbabwe uWillard Katsande uvele wamangaza izinkumbi zabantu izolo ebusuku ememezela ukuthi angeke esalidlalela iqembu lesizwe laseZimbabwe.

Lomdlali ogijima ku Kaizer Chiefs usho lokhu emva kokuphuma kabuhlungu kumqhudelwano we Afcon ebanjelwe e Gabon. IZimbabwe iphume kusaphuma ikhwezi kulomqhudelwano emva kokudlala kuqoqo lesibili nalapha eyavula khona ngo 2-2 idlala ne Algeria yabuya yazothola isibhaxu sika 2-0 ku Senegal kwase kuthi izolo yabhulelwa esakeni yi Tunisia ngo 4-2.



 KUMENYWA WONKE AMANTUNGWA


 EMCIMBINI OZOBA SE PONGOLO MHLAKA 4 MARCH 2017. IZIBONGO EZINGAPHANSI KUKA MNTUNGWA KUNGABA U NDLANGAMANDLA.MABASO.KHUMALO NIYACELWA NIPHUME NGOBUNINGI BENU UMCIMBI UZOBE UHANJELWE NGABASUKA EZIMBABWE KWABULAWAYO ABASUKA ESWAZINI NAKUZOZONKE IZINDAWO SIYOHLANGANELA ENGWANE PARK ENCOTSHANE.NIYACELWA UKUBA NIKHOKHE IMALI YESIPHEKO ESUKA KU R100 UVUMELEKILE UKUKHIPHA OKUNGAPHEZULU UMA UNAKHO.NGEMINININGWANE UNGAXHUMANA NO SMANGELE KHUMALO KULENAMBA 0791521274. UMNIKELO UFAKWA KULE ACCOUNT .  S.P.KHUMALO 1448927844

Friday, January 20, 2017




Great news for Pongola locals!!!!
NPG NEWS APP out 

Pongola Computer Solution  has created a new App that connects NPG community members universally. by universally am talking both corporate and socially.
if you are in Pongola and surroundings you  do not have to go to INTERNET cafe or call your friends if you want something from the Pongola CBD. this App has all the updated contacts for all co-operating businesses. this App also has got a chat group that allow the community to self service in a number of things that might minimize traveling from home to town just to get information. The App has also have a page for  MINGLE and MIX chat. this is more to a social media, it allow you to chat and meet people locally.

you can download the App by cliccking on the link below.......

http://d2wuvg8krwnvon.cloudfront.net/appfile/926fb5951e51.apk

suggestion are highly recommended and consigning this App as it is one of the biggest discovery and it is the begging of greater things yet to come to the small town of Pongola.




the app

Trump to be sworn in as 45th US president


Washington - Donald Trump will be sworn in as the 45th president of the United States on Friday - capping his improbable journey to the White House and beginning a four-year term that promises to shake up Washington and the world.
An estimated 800 000 people will gather on the National Mall in the centre of the nation's capital to celebrate a man whose short 19-month political career has defied all predictions and many norms.
When Trump descended the escalators of his glitzy New York tower in June 2015, his candidature was dismissed and even mocked.
But shortly before mid-day in Washington, DC on Friday, Trump will place his hand on Abraham Lincoln's bible, recite the oath of office on the steps of the Capitol and become the most powerful man on earth.
In the primaries, he dominated a crowded Republican presidential field with bare-knuckle rhetoric and star power. He rode that same wave of anti-elite sentiment to victory over Democrat Hillary Clinton in the November election.
At 70 years of age, he is the oldest man ever to begin work in the Oval Office.
But the real estate mogul and onetime television reality star is also a political neophyte -- he will be the first president never to have held elected office, served in the government or the armed forces.
For his supporters, like Jake, a Californian who travelled to Washington for the inauguration, that is a central part of Trump's appeal.
"It honestly feels like we won the American Revolution again," he said. "I really feel like we've taken back our culture, we've taken back our country.
"We've really been under attack from a lot of the establishment on both sides of the aisle -- we've been under attack from the media, from the celebrities."
Big changes
The change in Washington - in many ways a company town - was already palpable late Thursday when Trump bopped along to country music during a pre-inaugural concert at the foot of the Lincoln Memorial.
The music popular in America's heartland had replaced the strains of Beyonce and Bruce Springsteen that marked Barack Obama's two terms at the White House.
For his critics, Trump's arrival in Washington on Thursday onboard an Air Force jet was more like a hostile takeover than a traditional changing of the guard.
Small demonstrations popped up across the city centre declaring Trump illegitimate and much larger rally is planned for Saturday.
Trump enters office with a 37% approval rating, the lowest on record, according to a CBS News poll.
As Obama's White House staff cleaned out their desks and the normally busy corridors of the West Wing fell quiet, many staffers expressed relief at the prospect of rest, but foreboding about the road ahead.
That sentiment is echoed across many of the world's capitals. Trump has vowed to tear up Obama's policies and re-examine decades-old alliances with Europe and in Asia.
One of Obama's last acts in office was to speak to German Chancellor Angela Merkel, and declare trans-Atlantic ties vital for world order - a statement that would have been a banal platitude before this rocky transition.
Still, Obama has one more part to play, hosting Trump and his wife Melania in the Blue Room of the White House for morning tea on Friday.
The two presidents and their families will then travel the 4 kilometres down Pennsylvania Avenue to the swearing-in ceremony at the Capitol.
Addressing the nation
After promising to "faithfully execute the office of president of the United States" and "preserve, protect and defend the Constitution of the United States," Trump will deliver the most important speech of his life.
Inaugural addresses - from Lincoln to John F. Kennedy - echo across American history. Phrases like "malice towards none" and "ask not what your country can do for you" have been seared into the vernacular.
The most noted inaugural addresses had sought to lift Americans' gaze up from the rancour and troubles of the day toward the horizon and a better tomorrow.
Trump aides are promising an address that is at once short - at around 20 minutes - and philosophical.
"It's going to be a very personal and sincere statement about his vision for the country," said incoming White House press secretary Sean Spicer.
"He will discuss what it means to be an American, the challenges that we face, as members of the middle class, that they face," he said.
"I think it's going to be less of an agenda and more of a philosophical document, a vision of where he sees the country, the proper role of government, the role of citizens."
In brief remarks on the eve of becoming president, Trump vowed to bring unity, but there was also a rallying cry for his base.
"We're going to unify our country," he said, before telling supporters: "You're not forgotten anymore."
"We're going to get our jobs back. We're not going to let other countries take our jobs any longer. We're going to build up our great military."
After his speech, Trump will attend a luncheon inside the Capitol, before heading back to the White House to begin the business of governing.

Chiefs offer youth product a contract

Cape Town - Kaizer Chiefs have reportedly offered their promising MultiChoice Diski Challenge midfielder, Nkosingiphile Ngcobo, a professional contract following his displays for the reserve team.
Soccer Laduma report that the Glamour Boys have offered the player a Premier Soccer League deal at the side, although Chiefs are yet to officially confirm the news.
The highly-rated Ngcobo has been at Naturena since the age of 13 and is currently the captain of the MDC outfit. It is believed he has the potential to go on to be a top performer in the senior set up.
The publication say that a professional deal is imminent and he could have a chance to figure in the first team in the near future. The club have been actively recruiting from the youth ranks in recent times with striker Emmanuel Letlotlo also emerging from the MDC squad.
Siyabonga Ngezana is one of Chiefs' most-recent youth academy players to have signed a pro contract, although he is yet to make an official first team appearance.
However, he did feature as an unused substitute for Amakhosi in a Premiership encounter against Chippa United in 2016.

SABC board failed financially, legally, morally - MPs

2017-01-20 14:05


ANC MP Juli Kilian said the board had failed to monitor and enforce compliance with its charter.
"I think that is a massive failure. Yes, the financial matters are also grave. But this is the public broadcaster."
She said there was evidence that only some board members were familiar with the Broadcasting Act.
IFP MP Narend Singh said witness testimonies had shown many incidents of legal, financial and human resource practices not having been followed.
ANC MP Fezeka Loliwe said the board had failed to create stability by constantly appointing executives in an acting capacity.
Muthambi, amendments, chief executives
DA MP Phumzile van Damme wanted to point out which legislation the board had violated, according to witness testimonies. Most pertinent to her were sections 50 and 51 of the Public Finance Management Act (PFMA), and sections 10 and 13 of the Broadcasting Act.
EFF MP Fana Mokoena wanted to stress how Communications Minister Faith Muthambi's amendment to the board's memorandum of incorporation affected the board's role to appoint executives.
Along with amendments to the SABC’s delegation of authority framework, it took power away from the board and made some of its choices obsolete.
He said the board showed a rebellious streak. He wanted to see an acknowledgement that the board had not merely failed to implement recommendations in former Public Protector Thuli Madonsela’s report, but had also directly opposed these.
Mokoena said the board had failed to protect journalists from intimidation.
'Shaky moral compass'
NFP MP Nhlanhla Khubisa noted the board's non-compliance with the PFMA, after power was transferred from one board to another.
ANC MP Makhosi Khoza said the board was vulnerable to reputational risk. She said many board members had the necessary skills and experience, but a "shaky" moral compass.
Khoza wanted the committee’s report to reflect her concern that the Broadcasting Amendment Bill, currently before Parliament, was trying to "delete the powers of Parliament and replace those with the powers of the minister".
ACDP MP Steve Swart took issue with the board's inability to compile financial records that met international standards.
"Even the Auditor General's directors feel the internal accounting controls are inadequate. That is at the heart of the SABC's [financial] issues."
He said Parliament's portfolio committee on communications was complicit in these failures. Muthambi had pressured it into accepted her view that the Company's Act trumped the Broadcasting Act when removing three board members in 2015, he said.

UYODOVA eFrance uDolly emva komzukuzuku

Ligcine liphumelela iphupho lokuyodlala phesheya  lobegijima kuMamelodi Sundowns uKeagan Dolly emva kwenzukanayikeyi yenkontileka neqembu lasePitoli abelidlalela.

Lishone elayizolo lowo ongumphathi wezindaba zika Dolly uMnuzane Paul Mitchell esekuqinisekisile ukuthi lomdlali useyogijima Ku Montpellier egijima kuligi enkulu yase France nokubikwa ukuthi ihlukane no 1.7 Million wama Euro.

Undaba kaDolly ibisidonse isikhathi eside kwazise ompetha base Africa okuyi Mamelodi Sundowns ibikhala ngokuthi kwabakhona iphutha ekubhalweni kwenkontileka nokwaholela ekutheni udaba luze luyojika nasenkantolo yezamacala ye PSL.

Wednesday, January 11, 2017

Uhlelo olusha lokuzihlola isandulela ngculazi

Umphakathi waseNingizimu Africa usuzokwazi ukuzithengela ithuluzi lokuhlola igculazi emakhemisi akulolonke leli.

Nakuba lesimemezelo siqubule imibuzo mayelana nokwelulekwa ngokomqondo kwalowo ozobe ezihlola kwazise ukuhlolwa isandulela ngculazi bekusenziwa emtholampilo nasezibhedlela kanjalo nakoDokotela abazimele okuyizona Zonke ndawo ezinabantu abaqeqeshiwe ekutheni beluleke abantu emva kwemiphumela.

Kuqinisekisiwe ukuthi kuwona wonke amakhemesi kuzoba nomuntu ozoluleka abazothenga ngaphambi kokuthi abathengi bathenge lelithulusi okumele ngabe kudala lakhishwa kepha lahoxiswa ngenxa yokuthi kukhona obekusacutshungulwa.

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...