uMnumzane Syabonga Sibiya nodule ngelikaSpuku noma Tira ongunobhala womkhandlu wentsha kamasipala wasoPhongolo uzishaye zaphelela ekhweni lakhe kwaNhleko ekhiphunyawo wabuya wathembisa umshado unkosazane Thobile Nhleko emcimbini ubungalempelasonto esiphuma kuyo.
UmfokaSibiya nobuya Abe nguthisha eMagutshwa High School uthathe lesinqumo emva kwesikhathi eside bendawonye ngakwezothando noNkosazane wakwanhleko abangonkukhu ziyakhalelana kwàzise imizi yakubo ayiqhelelene kakhulu.
Lomcimbi obuhanjelwe ngothisha, abasebenzi bakamaspala, izihlobo zalezithandani kanjalo nomphakathi waseKhihunyawo lapho kuzalwa Khona lezithandani. Lomcimbi oqale ngomgqibelo lapha bekukhulunyiswa khina abàyeni bahlatshiswa kwathi ngesonto kwaba nomcimbi wokwembesa kanjalo nowokuthembisa umshado.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment