Kuphinde kwaba nokuthuthana ngamandla phakathi kwe EFF nabezokuvikela ephalamande izolo ebusuku ngesikhathi kuzokwethulwa inkuluma yesizwe phecelezi i State of the Nation.
Kuke kwaphazamiseka isikhathi esingangehora nalapha amalungu eEFF ne DA bephazamisa esathi uyaqala uMnuzane uZuma nalapha bebethi akakwazi ukuba sephalamende ngenxa yokuthi akumfanele ukuhola isizwe ngendaba yemali eyakha umuzi wakhe oseNkandla.
Lomdonsiswano uze wajiya ngesikhathi sekucelwa abezokuvikela ukuba bekhiphe amalunga e EFF navuke umbhejazana alwa kwashaywana ngomakalabha nangezibhakela. Kunele kwakhishwa ezikaMalema kwavuka iDA nayo ephazamisile yagcina iphumile ephalamende. Kanti vele ngaphambilini kuqale kwakhishwa uMnu Will Madisha we COPE nokuthe ogcine ukuduba lomhlangano kwaba yilungu le AGANG.
Iqhubekile inkulumo kamongameli nalapha ithinte khona izinto ezifana nokufukulwa komnoyho wakuleli kanjalo nokwakhiwa kwamathuba emisebenzi nezemfundo
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment