USihlalo weqembu le Orlando Pirates ubadide wabaqeda abalandeli baleliqembu ngesikhathi ememezela uMqeqeshi ozothatha izintambo kwezimnyama namuhla esithangamini sezindaba.
U Iron Duke nokuyisiteketiso sika Khoza umemeze u Kjell Jonevret njengoMqeqeshi omusha wezimnyama. Lomqeqeshi odabuka kwelase Sweden no kun gang ablaze in ukuthi iningi labalandeli bayaqala ukuzwa ngaye kubikwa ukuthi wake waqeqesha uSyabonga Nomvethe ngeminyaka yo 2005 esagijima Kuqembu lakhona eSweden nelake lagijinyelwa uLance Davids kanjalo no Mark Mayambela I Djurgarden FC.
Iningi labalandeli bebhola kuleli bese bebaningi abaqeqeshi abebamatanisa nalomsebenzi owalaxazwa uMuhsin Etugral ngonyaka ophelile bekuvela igama lika Benni Mccarthy, Dane Malesela,Solinas nabanye abaningi.
Lomsebenzi ubusabanjwe ngu Augusto Palacious nobesizwa u Bradley Carnell okubikwa ukuthi useshiyile kwezimnyama indawo yakhe izothathwa u Harold Legodi wodumo lwaku Mamelodi Sundowns ngesikhathi isadlisa nge Shoeshine and Piano.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
Mfu Sabelo Shongwe Apostolic Church "zimbili izizathu ezidala inhlukano noma ukuqembuqembuka kwebanadla likajehova esokuqala...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Esikhathini esiningi makushada abantu abasha kuyaye kube nezinto eziningi emshadweni wabo ezifakazela ukuthi laba abashadayo basebasha kanja...
No comments:
Post a Comment