Abengena ingathi aphoswa ngesandla amagoli emidlalweni ye PSL ebidlalwa izolo nokuyimidlalo okungeyesiwombe sesibili seligi emva kokuphumula ngamaholidi kakhisimuzi kanjalo nekhefu elidalwe imidlalo ye Afcon nebibanjelwe eGabon nosekuwumlando ukuthi ithathwe izwe lase Cameroon.
Lemidlalo yalapha ekhaya nebisilambekwe izinkumbi zabantu ibithe chithi saka izolo njengoba I Kaiser Chiefs ikhalakathisele amagoli amathathu kwelilodwa ishaya I free State Stars.
Kwathi iBidvest Wits yashaya I Ajax Cape Town ngo 5-0, kanti iChippa United izithathele amaphuzu amathathu Ku Baroka United ngo 2-1. Kwathi iCapetown City iqhubekile nokuziqoqela amaphuzu abalulekile njengoba ithele I Highlands Park ngo 3-0
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment