Ubungafunga ukuthi kulolongwa uNozinti we pirates uSyabonga Mpontshane ngendlela abegalakadela ngawo epalini amagoli eshagwa yi Supersport emdlalweni wamanqamu we Nedbank izolo ebusuku eMoses Mabhida Stadium eThekwini.
Nakuba iqale yethembisa i Orlando Pirates esiwombeni sokuqala sisasuka kodwa uBradley Grobbler uvele wayicisha yonke lento evalela ngebatha igoli lokuqala nokuthe ngewombe sesibili yabuya kwangathi isixhunywe ogesini iSupersport ivalela phakathi amagoli amathathu ashaywe nguyena Grobbler nobese kungelesibili kwaba elikaJeremy Brockie noke wathola iphenathi wabanjelwa ngumfoka Mpontshane elesine lishaywe ngu Kingston Nkatha nobesuka ebhentshini.
Ezimnyama zithole elokubika nokube iphenathi engine ngonyawo lukakaputeni uOupa Manyisa. Ezika Iron Duke kubonakala lesizini kube ngembi kunawonke selokhu kwasungulwa iPSL ngo1996 njengoba iqede endaweni ka 11 kuligi kanti nakhu isishweba ne nkomishi yakwa Nedbank nobese kuyithemba lokuthoba abalandeli izinhliziyo.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
Mfundisi Sabelo Shongwe Apostolic Church - oPongolo Ukuthula akube nani bazalwane. imphela lolu,usuku oluhle iNkosy uJesu asenzele lona...
-
Umculi wekwaito u Busiswa uzozwakala ku album ka Beyonce ethulwe namuhla nglwesihlanu esihloko esithi Lion KIng -The gift, lentokazi yodum...
-
Kubobonke abathandi bebhola uma bexoxa alisali igama lika Sphelele 'mfanakagogo' Ntshangase obaba njengopelepele wezinyoni kulezin...
No comments:
Post a Comment