Abazange bebuthi quthu ubuthongo abalandeli nabathandi beqembu le Kaizer Chiefs ngesikhathi belindele ukuthi mhlawumbe iqembu lizosayinisa abadlali abanohlonze kwazise sebekhale kakhulu ngokuthi kumele kuqiniswe ngamafolosi kanjalo nozogijima eswini.
Leliqembu elithathwa njengelikhulu ngokuba nabalandeli abaningi kuthe kuvalwa isikhathi sokudayiselana abadlali kwamaqembu belisayinise umgadli wase Italy obizwa ngokuthi uGustavo Paez yase ilula inkontileka ka Eric Mathoho ngeminyaka emithathu.
Sisekuzo ezokusayinisa kwamaqembu iOrlando Pirates ilale ithole uDove wome obeku Supersports United, kungena ele Supersports nje iphinde yalande owayegijima ku Kaizer Chiefs uMandla Masango emboleke eqenjini lase Denmark i Randers.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment