Usezincinze kwaze kwaphuma igazi umbhali wezincwadi ngenxa yokuthi akakholwa ukuthi ngabe iphupho lakhe lokushicilela incwadi lifezekile
uMnuz Thulani kaPhumuza Seme nongowokudabuka kwaNongoma namanje akakholwa ukuthi ligcine lifezeka iphupho lakhe lokuba ngumbhali njengoba isiqalile itholakala ezitolo incwadi yakhe ebizwa ngokuthi Impande yothando nosekunesikhathi eside ezama ukunxenxa abashicileli ukuba bamshicilelele yona nokuphethe ngokuthi aqhume ephaketheni azishicelelele yona.
Lencwandi ayichaze njengencwadi equkethe ukuxwayisa nokugqugquzela abantu abasha kanjalo nezamabhizinizi kubantu besifazane ibivame ukuzwakala emsakazweni iNongoma FM nalapha ayifunda bukhoma njalo ngamasonto emini.
Nakuba kuyincwadi yakhe yokuqala Lena kepha uzibona engeke esasuka kulomgudu wezokubhala kwazise ubona kuyicebo likajehova ukumhambisa kuyo njengoba engafisi ukugcina ngokubhala izincwadi kepha ufisa nokugcina ebhala imidlalo kamabonakude eyofika ezingeni lomdlalo owawubizwa ngokuthi iTsotsi nowanqoba indondo phesheya kwezilwandle.
Kulabo abafisa ukuzitholela lencwadi ebiza ikhulu namashumi amahlanu ompondo (R150) bangayithola eThekwini e Adams Booksellers Ku Dr Pixley ka Seme Street (West Street) kanjalo nasesitolo sakwa Boxer Punch kwaNongoma kanti kwabangekho eduze kwalezindawo bengamthinta kumakhalekhukhwini kunazi izinhlamvuzokubala 0715202387.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment