Tuesday, May 9, 2017

ZIBAKHALELE BEYOTITINYA EWEBE IZINKOMO ABESIKEBHE

KUBOSHWE abaholi abane benhlangano elwa nobugebengu, ISKEBHE emgwaqweni u-N2 besuka Empangane nowesilisa obeyoshayelwa ukukhipha iqiniso ngezinsolo zokweba izinkomo. Bobane laba baholi babekwe icala lokuthumba umuntu. Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uColonel Thulani Zwane uthe owesilisa obethunjiwe usizwe ngamaphoyisa abenze isivimbamgwaqo. "Amaphoyisa avimbe imoto eyiloli lohlobo lwe-Hundai bafica abesilisa abahlanu kuyo. Kuthe besayisesha bezwa owesilisa ekhala ememeza kule moto ecela usizo emaphoyiseni. Uthe uthunjwe yilama doda esiKebhe amthathe Empangeni amsola ngokweba izinkomo." kuchaza uZwane. Uqhube wathi amaphoyisa abophe laba besilisa babekwa icala lokuthumba, bazobuyela eNkantolo yaseMpangeni ngoLwesibili oluzayo sebezofaka isicelo sebheyili. Akwaziwa ukuthi ubesiwaphi lona wesilisa kodwa Iiskebhe sidume ngokuthela induku abasolwa baze bakhiphe iqiniso ngobugengu abasuke besolwa ngabo.

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...