U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye osonkondlo abasebancane ukuze bavelele njengaye. Nakuba ethi indlela yakhe ayibanga ushukela kulomkhakha njengoba waze wathatha isinqumo sokushintsha isikole sasendaweni ngoba ethi kukhulunywa isingisi kuphela asivumelekile ukuthi kukhulunywe noma kwenziwe izinto ezithinta ulimi lwebele okuyisizulu.
Lelibhobhodlelana elizalwa eMzinsangu kodwa eselizinze oPhondwane libukeka liya kude kulomkhakha wokuhaya njengoba kuthe ngonyaka ophelile wakhipha inkondlo yakhe eyayisihloko esithi "abangani benkohliso" neyamvulela amathuba okubizwa emisakazweni yomphakathi okufaka neMaputaland community radio nokwadala ukuthi nanamuhla miningi imisakazo yomphakathi esayidlala lenkondlo yakhe.
Ikhono lakhe alingabazeki njengoba eqashwa ubuthaphuthaphu uma kuzoba nemishado kanjalo nemingcwabo nosekumdalele ukuthi athathe isinqumo sokukhipha icwecwe elizoba nezinkondlo eziyisithupha nelizobizwa ngokuthi " Hamba nayo".
Nakuba esasengumfundi wamabanga aphezulu esikoleni esibizwa ngo Mlomokazulu uthi akuzukumphazamisa ephupheni lakhe lokuba ngomunye wosonkondlo abahlonishwayo ezweni nasemhlabeni wonkana,
Kulabo abafisa ukuxhumana naye engatholakala kulezinhlamvu zokuloba ezithi 084 626 0295 kanti uyatholakala naku facebook ku SENZO MATHEBULA MASINA
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...

2 comments:
Woooooow I'm so proud of you Mr-Sonkondlo @Senzohdapoet #Way-Up
Wow cha kuyangithokozisa ukuzwa ukuthi endaweni yangakithi kusenabantwana abenza intenhle kangaka ay ngoba upongolo selwaduma ngabafana abagecanayo.wish u all de best mtanam
Post a Comment