Ibukeka ithatha elinye igxathu impi yokulwa nesandulela ngculazi (hiv) emva kokukhishwa kwephilisi elizonciphisa amathuba okuthola isandulela ngculazi ngamaphesenti awu 90 nelibizwa nge Truveda.
Leliphilisi kubikwa ukuthi lizosiza kakhulu labo abasebudlelwaneni nabantu abanesandulela ngculazi, ngokubika kwe phephandaba icity press kulaba abafisa ukulithola bazodlula kuzozonke izogaba okudlula kuzo uma kuhlolelwa i HIV nokufaka nokufundiswa kabanzi ngayo i HIV.
Kubikwa ukuthi leliphilisi lisabiza uR550 ewu 30 esikoqokoqweni aseyatholakala kodokotela kunemizamo yokithi ligcine lehlile inani libize u R480 , kanjalo kusaxoxiswana nama medical aid ukuba lifakwe ngaphansi kwezifo ezibizwa ngokuthi ama chronic.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
1 comment:
Izindaba ezimnandi lezi emva kokuthi ososayensi besebenze ngokuzikhandla bezama ukuthola ikhambi lokunqoba lolubhubhane lwegciwane lwesandulela-ngculazi. Yebo ikhambi lokwelapha alikatholakali kodwa uma kuqhubeka kanje kuyathembisa ukuthi sekuseduze ukuthi lempi inqotshwe. Namhlanje sikhuluma okuhlukile kuneminyaka eyishumi neminyaka engamashumi amabili edlule. Lolubhubhane seludlule nemiphefumulo eminingi kakhulu kodwa namhlanje umuntu onegciwane lesandulela ngculazi useyakwazi ukuthatha imishanguzo edambisa amandla aleligciwane emzimbeni aqhubeke nempilo eminingi iminyaka uma ezinakekela, umama onegciwane lesandulela-ngculazi useyakwazi ukubeletha umntwana angamtheleli ngegciwane kuphela nje uma eye emtholampilo ngesikhathi wathola ukwelulekwa okufanele nemishanguzo efanele, abesilisa bayakhuthazwa ukuyosoka ukuze banciphise amathuba okutheleleka kwizifo zocansi, nokunye okuningi, nakhu manje sekunephilisi elizovikela ukutheleleka ngamaphesenti awu-90 kwabasebudlelwaneni nabantu abanegciwane lesandulela-ngculazi. Konke lokhu kusinikeza ithemba lokuphila ngoba kusenza siqonde ukuthi ukuba negciwane lengculazi akusho ukuthi usuzofa, kususa nesithombe sokucwasa esenza umuntu ophila negciwane lengculazi azizwe engasamukelekile uma eke waphumela eshashalazini ngesimo sakhe. Phambili nomzabalazo wokulwa negciwane lengculazi, ngokubambisana sizoyinqoba lempi. Sibonga negalelo leNhlangano yezeMpilo yoMhlaba (World Health Organisation), iNhlangano yobumbano lwaseAfrika (AU), neyaMazwe Onke (UN).
Post a Comment