Avele aphela nya swe amathuba okuthi IeKaizer Chiefs likwazi ukuvikela isicoco seligi izolo ngesikhathi lishaywa kabuhlungu iPlatnum Stars ngo 2-0 eRoyal Bafokeng Stadium ePhokeng.
Leliqembu ebelibizwa nge Gautrain ngesizini edlule ngenxa yokubhaxabula kwasani elidibana nalo kulonyaka izinto zigaya ngomunye umhlathi kwazise uthi lucobhoza kancane empumelelweni selokhu kuthathe izintambo zokuqeqesha uSteve Khompela ezithatha ku Sterward Baxter.
Amakhosi aye kulomdlalo wayizolo ebusuku izinhliziyo zisabhibha kwazise aphuma endukwini ka 2-0 ku Orlando Pirates emdlalweni we Nedbank cup ngempelasonto eyedlule.
Kucace bha okwempukane obisini ukuthi Amakhosi kuzophela isizini imilomo imhlophe qwa kwazise akukho sicoco abazobe besinqobile njengoba ashaywa ngo 1-0 i Ajax Cape Town kowamanqamu e MTN8 abuya athola enye induku ka 3-1 ku Mamelodi Sundowns kowamanqamu e Telkom cup.
Sekubukeka sibheke ePitoli lesicoco seligi kwazise iMamelodi Sundowns ihlezi ngokunethezeka phezulu ngamaphuzu angu 52 emidlalweni engu 22 bese ilandelwa iWits ngamaphuzu awu 45 emidlalweni engu 22 nokuthi aAmakhosi ethi coshosho endaweni yesithathu ngamaphuzu awu 39 emidlalweni engu 22.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment