Luthatha elinye igxathu udaba lokubulawa kwalowo owayenguNozinti we Orlando Pirates ne Bafana Bafana u Senzo Meyiwa njengoba kubikwa ukuthi sekungene oKlebe nokuwuphiko oluphenya ngamacala oluzimele.
Ngokwemibiko ekhishwe iSolezwe kubikwa ukuthi amaphoyisa noKlebe bafike emzini wakubo kwaKelly Khumalo nalapha okwabulawela khona u Senzo ngenhloso yokuqala phansi kuqoqwe ubufakazi njengoba kubukeka ingathi kukhona okungahambanga kahle kulelicala.
Lelicala eselidonse unyaka nezinyanga ezinhlanu bekungakaboshwa muntu nakuba kwakhe kwaboshwa owesilisa nowaphinda wadedelwa nokwavelea ukuthi kungenxa yokuthi babungahlangani ubufakazi.
Njengoba kuqale uphenyo kabusha kubikwa ukuthi amaphoyisa abize bonke ababekhona ngesikhathi kwenzeka isigameko sokubulawa kuka Senzo.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment