Ukuqwaqwa emakhanda abanye omasikandi abasafufusa kumncintiswano wamakhono obizwa ngoMbelewethu ohlelwa uMasipala wase Zululand omkhulu nabancane abakhele lomasipala kwamvulela amathuba amakhulu u Mlungisi Buthelezi nodume ngele Sichomane sasoPhongolo kubathandi bomculo kamaskandi.
Lensizwa edabuka endaweni yaseku Phileni eMahlangosi kwelasoPhongolo ayisiye umafikizolo kwezomculu njengoba isikhiphe ama album amabili nokwathi eyokuqala yayikhipha ngo nyaka ka 2014 eyayisihloko esithi "sebevumile" nokuthe ngonyaka ofile yakhipha eyesibili esihloko esithi " isibivabiva" nokuthe ngesonto eledlule ubematasa eqopha ivideo yengoma ethi "isibivabiva" nezotholakala ku youtube nakomabonakude nakuyo i NPG newsblog.
UMfoka Buthelezi eyafunda emamfene, Ozweni nase Mbhekwa yaqala ukuzakhela ugazi kubathandi bomculo ngesikhathi idla umhlanganiso kumncintiswano wombele wethu isacula neqembu elalibizwa Ngamaphatha Sibhamu neladla umhlanganiso ophongolo ngo 2011 nokwathi ngo 2012 waphinda wagadla eZululand kuwo uMbelewethu wadla umhlanganiso esehamba neqembu ayeselisungulile elalibizwa ngokuthi Amaswenka nagcina elishiya wasezimela yedwa njengeSichomane sasophongolo.
Echaza ngobudlelwano anabo no Govozile iTourist lasoPhongolo uthe into ebenza bezwane kanje ukuthi bazidlalela ushuni wabo bodwa futhi abakopeli kumuntu ngoba abafuni ukuzenza amafong -kong emculweni, kwazise basebenze ndawonye kwenye yezingoma ku album ka Govozile ezoPhuma ngamaholidi ephasika.
Ubukeka eya kude kakhulu kwazise uzibambela yena mathupha ekuhlanganiseni umculo kwazise une studio esethi yeña esibizwa ngokuthi Isichomane Production kanti nesiginci uyazidlalela kanjalo ubuye ezivumele ezingomeni zakhe,
Uzibona eminyakeni emihlanu eya kude kakhulu njengoba efisa ukubalwa nabaculi asebezuze izindondo eziningi nathi lokho kuyokwenziwa abantu nababonga kakhulu njengoba belokhu bemseka ngokuthenga umculo wakhe ikakhulukazi esitolo saseJunk, nakulabo abawuthengayo ezitolo zase Dakota kwazise iyatholakala nakwezinye izindawo ezidayisa umculo ezweni lonkana.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...

No comments:
Post a Comment