Libonakala liya ngokudlondlobala ikusasa lika Philangenkosi Zwane kwezokwethula izinkulumo ezakhayo njengoba ezobe esina ededelana nezinye izingqwayingqwayi emcimbini wezinkulumo ezakhayo ozobe useMpangeni eHholo lase Mbizo.
Lensizwa esizakhele udumo ngokukhuthaza abantu eMsakazweni iNongoma Fm njalo ngamasonto izobe isina idedelana no Mfundisi Sthembiso Zondo webZero to Hero, Sbu Buthelezi no Sya Mhlongo bo Khozi Fm.
Ekhuluma ne NPG newsblog uthe "Ngibona iphupho lami lifezeka njengoba ngaqala kwima Putaland radio njengentatheli. Ngahlanganisa kwiNongoma fm kumanje ngikhuthaza khona njalo phakathi neviki ekuseni emva kwehora lesishiyagalombili". Kulandisa lensizwa ebuye ibe uthisha eLanga High School nebuya ibe ngubaba kwazise iganwe umaNgema.
Ubuye abe yilungu lokuqina lebandla lase CFC encotshane kanjalo ubuye ebe yingxenye yenhlangano esiza abahlwempu ngemifundazwe eholwa ubaba uNjilo ebizwa nge Butato Suppliers
Ephetha umfokaMangethe nongowokuzalwa emkhwakheni uthe "“Musa ukubiza isimo okuso ngokuthi esakho coz isimo siyezwa¤ sinobaba osinakekelayo uJehova¤ ungumzali kithi unendaba nathi. “
Abezebonke abantu bezo bona umsebenzi kaJehova• Ne thalente elisha"
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...

No comments:
Post a Comment