Wednesday, March 30, 2016

ofuna ukubona izithombe engizishuthe ezulwini akakhokhe uR5000 - Mboro

Kubikwa ukuthi umfundisi odume ngokwenza izimanga uMfundisi uMboro kuthe kuphakathi nenkonzo yephasika kwaqhambuka ukukhanya okusambani kwamthatha waze wabuya ngentambama yalolosuku.

Okhulumela ibandla lika Mboro ukuqinisekisile ukuthi umfundisi wazishutha izithombe ngefoni yakhe eyi Samsung galaxy kulabo abafuna ukuzibona bengakhipha uR5000 kuzothi ngeviki elizayo ekupheleni kwalo bese ezifaka kufacebook page yakhe lomfundisi odume ngokwenza imigilingwane.

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...