Saturday, March 12, 2016

ishaye ugesi wempama Emnyama ku Jomo

Balale zithe kla izinhliziyo zabalandeli be Orlando Pirates izolo emva kokuthi ezimnyama zithele iJomo cosmos ngo 5-0 e Orlando Stadium emdlalweni we league.

Ezimnyama nebeziingcwenga yabhola ziye ekhefini zihamba phambili ngo 4-0 nobekungamagoli ashaywe u Ayanda Gcaba, Sfiso 'Nsunda' Myeni, Mpho Makola no Tendai Ndoro nokungabe ushaye abalelwa kwamathathu ukuba ubewasebenzisa ngendlela amathuba.

Ezenkosi yami ziwuvule kabi umdlalo ngoba kuthe kusahambe imizuzu ewu 13 umdlali wasemumva u Jampies wathola ikhadi elibomvu emva kokudlalisa kabis u Memela nobeyiphela emasini kwazise ugcine eqokwe njengomdlali wosuku.

Esiwombeni sesibili uMbhashomnyama uwatholile amathuba ikakhulukazi uNdoro kodwa angangena enethi nokuthe noma uMemela eselinamathelisile enethini kwathiwa ubese off side. Ukungena kuka Gift Motupa kuthele izithelo ku mqeqeshi u Eric Tinkler ngoba lomdlali ushaye igoli lesihlanu nokuyilona ebelifana namazwi athi indlela isiyondlula ekhaya kwazise bekubukeka kuwumngcwabo weCosmos.

Kweminye imidlalo ye PSL iMarizburg United ibuyise ithemba lokuvika izembe ngesikhathi ibhaxabula iGolden Arrows ngo 2-0 eHarry Gwala Stadium.

Kwathi ama Tuks adlala ngokulingana ne Black aces ngo 1-1

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...