IMamelodi Sundowns ayikholwanga ngesikhathi ibhabhadiswa iBloemfontein Celtic ngo 3-1 emdlalweni we ligi izolo ebusuku.
Abafana besitayela beza kulomdlalo behambela phezulu kwazise bashaya kwasani ababhekana nakho nalapho kubhoke khona abadlali abateketiswa nge CBD ( Castro, Billiant no Dolly) abavutha amalangabi uma bephethe ibhola kwazise bashaya amagoli sengathi bageza ubuso okuyinto yemihla ngemihla.
Lokushaywa kweSundowns kunciphise igebe eliphakathi kwabo ne Wits ngamaphuzu amane kwazise iWits italabhe iPirates khona izolo ebusuku, lomphumela ukhuphule amathemba amakhulu kuWits kanti ku Bhakaniya kube into ebingalindelwe abalandeli bayo njengoba ibuya ekungcwabeni iJomo Cosmos ngo 5-0 ngempelasonto.
Komunye umdlalo i Ajax Cape Town iphinde yetha elinye igalani likaPhethilolo emontweni ye Pretoia University ezoyisebenzisa uma isibheke ehlathini njengoba aphinde adliwa amaTuks ngo 1-0 eshaywa iyona belu i Urban Warrious izolo ebusuku.lomphumela uyishovela ezansi kakhulu iPretoria njengoba isishiyana ngamaphuzu amabili ne Matizburg United esemsileni nebukeka isivuke emaqandeni njengoba ishaye igolden arrows ngo 2-0 ngempelasonto esiphuma kuyo.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment